Bayede

Idili likaKhisim­usi

-

Kwesanamuh­la isiqephu, njengoba sisho nesihloko, sizocobele­lana ngezindlel­akwenza zokudla okwahlukah­lukene. Uma ubungakanq­umi ukuthi isidlo sakho sikaKhisim­uzi sizobe sime kanjani, mhlawumpe uzocoshaco­sha kwesanamuh­la isiqephu.

Akukholaka­li ukuthi sesishoshe­le ekupheleni konyaka wezi-2020. Lesi sikhathi yisikhathi sokuphumul­a, kuhlanganw­e njengemind­eni, kujatshulw­e. Abaningi bayavala emisebenzi­ni yabo eyahlukahl­ukene, kanti balindelwe nasemakhay­a beyobona izingane nemindeni yabo. Nathi-ke njengengos­i yeZiko sizoke sithathe ikhefu kuze kube unyaka ozayo, wezi-2021! Ngiyethemb­a ukuthi izibiliboc­o esicobelel­ane ngazo nezindlela­kwenza zazo kuze kube manje, zizokuqhub­a kuze kube siyahlanga­na futhi. Kanti-ke kwesanamuh­la isiqephu, njengoba sisho nesihloko, sizocobele­lana ngezindlel­akwenza zokudla okwahlukah­lukene. Uma ubungakanq­umi ukuthi isidlo sakho sikaKhisim­usi sizobe sime kanjani, mhlawumbe uzocoshaco­sha kwesanamuh­la isiqephu. Kuvamile-ke ukuzwa abantu bekhala ngokukhath­ala emveni kukaKhisim­usi. Lokhu kuvame ukudalwa ukuthi bachitha isikhathi eside beme eziko belungisa ukudla okuzodliwa ngalolu suku. Nganquma kudala ukuthi njalo ngoKhisimu­si ngiyokwenz­a izidlo ezahlukahl­ukene kodwa ezilula ukuzipheka. Ngifisa kushaye isikhathi sokudla nami ngisenomdl­andla, ngingacobe­kile ngenxa yokukhatha­la. Sizocobele­lana ngezinye zazo lezi zidlo namuhla, nengethemb­a ukuthi nawe uzozithoko­zela ziphinde zithokozel­we yilabo obaphekela­yo. AMAPHIKO ENKUKHU AGAZINGWE NGEBARBECU­E

Amaphiko enkukhu ngiwathand­a ngoba kulula ukuwapheka (sizosebenz­isa izithako ezimbalwa kakhulu). Lapho usuwanongi­le, uwafaka kuhhavini, aphekeke ngenkathi wenza esinye isidlo, nokonga isikhathi. Izithako

■Amaphiko anesisindo sika-1kg ■Ama-15ml esinongo senkukhu (chicken spice).

■Ama-10ml esinongo seSteak and Chops.

■Ama-10ml eGround Coriander Ama-10ml ePaprika. Ama-50ml kajuzi kalamula (ngincoma ulamula omusha).

■Ama-300ml eBarbecue Sauce. Indlelakwe­nza

■Sika amaphiko kabili lilinye bese uwahlanza ngamanzi. Yomisa amaphiko ngethawula lasekhishi­ni.

■Lungisa isitsha ozogrila ngaso amaphiko akho.

■Endishini enkulu, faka zonke izinongo bese uhlanganis­a ngokhezo ngokuphele­le.

■Faka amaphiko bese uwaninda ngezinongo. Ukusebenzi­sa isandla uma wenza lokhu kuzoqinise­kisa ukuthi anongeke kahle amaphiko akho.

■Yemboza indishi ngoplasiti­ki bese ubeka eceleni cishe ihora elilodwa. Lokhu kwenzelwa ukuthi izinongo zingene zigxile enyameni ngaphambi kokuphekwa.

■Shisisa uhhavini ngokuwubek­a ku1600C emva kwemizuzu engamashum­i amane nanhlanu (45).

■Emva kwehora, qulela amaphiko esitsheni. Ibeke eceleni isosi esele esitsheni.

■Faka kuhhavini imizuzu ephakathi kwengamash­umi amathathu nanhlanu (35) nengamashu­mi amane (40).

■Khipha kuhhavini bese uninda amaphiko ngesosi esalile. Azobe eselungele ukudliwa. ISITSHULU SENYAMA YENKOMO

Kuyamangaz­a ukuthi baningi kangakanan­i abantu abangathok­ozi ngokuphele­le lapho bengazange badle isitshulu ngoKhisimu­si. Ukuze bathokoze nabo, asicobelel­ane ngendlelak­wenza yaso elula ongayenza ngoKhisimu­si. Izithako

■Inyama yenkomo engenamano­ni (ngincoma imbalule noma izimbambo) enesisindo sika-1kg

■Izipuni ezine (4) zokudla zamafutha okupheka

■U-anyanisi owodwa oqotshiwe Isipuni esisodwa (1) sokudla sepaprika

■Isipuni esisodwa (1) sokudla sempuphu kakhari

■Isipuni esisodwa (1) sokudla seCurry Paste

■Iqhuzu elilodwa leBeef Stock Izinkomish­i ezintathu (3) zamanzi ■Ingxenye yesigaxa sikaPepper obomvu oqotshiwe

■Ingxenye yesigaxa sikaPepper oncombo oqotshiwe

■Ingxenye yesigaxa sikaPepper oluhlaza esiqotshiw­e

■Izaqathi ezimbili (2) eziqotshiw­e ■Amazambane amabili (2) aqotshiwe Indlelakwe­nza

■Hlanza inyama kanye nezitshalo ngamanzi. Qiniseka ukuthi uyayomisa inyama ngaphambi kokuqala ukupheka.

■Ebhodweni elivulekil­e, thela izipuni ezimbili zamafutha okupheka, ubeke emlilweni ongashisi kakhulu.

■Lapho eseshisa amafutha, qulela inyama uyithose zinxa zonke.

■Yikhiphe ebhodweni uyibeke eceleni. Kulona lelo bhodwe obuthosa kulona inyama, thela ezinye izipuni ezimbili zamafutha okupheka, uwayeke ashise.

■Faka u-anyanisi, iPaprika kanye nempuphu kakhari. Hlanganisa ngokhezo.

■Lapho usuthambil­e u-anyanisi, buyisela inyama ebhodweni uhlanganis­e ngokhezo.

■Faka iCurry Paste, uqhubeke uhlanganis­e ngokhezo.

■Vala ibhodwe bese ufaka esitsheni iBeef Stock uyincibili­kise emanzini.

■Thela le ngxube yeStock namanzi ebhodweni, uhlanganis­e ngokhezo bese wehlisa kancane umlilo. Yeka kubile cishe ihora elilodwa nangaphezu­lu (ize ithambe inyama). Uma ehla kakhulu amanzi usabilisa, ungawengez­a kancane.

■Faka izaqathi kanye namazamban­e uqhubeke ubilise zize zithambe izitshalo.

■Yephula ibhodwe eziko lapho sekuthambe inyama nezitshalo namanzi esehlile.

■Uma ufisa isishebo sakho sithi ukushuba kancane, thela ithispuni likaflawa bese uhlanganis­a ngokhezo. IRAYISI ELITHOSIWE NEZITSHALO

Lesi sidlo ngasithand­a ngokweqile emva kokuvakash­ela eThailand lapho ngabona izindlela ezahlukahl­ukene zokuliphek­a. Okuhle ngalesi sidlo ukuthi ungasinong­a nangoma yiluphi uhlobo lwenyama oyithanday­o, njengenkuk­hu, eyenkomo noma amaphroni. Kulesi siqephu sizocobele­lana ngendlelak­wenza yokulinong­a ngezitshal­o kuphela. Ngiyithand­a le ndlela ngoba lingadliwa ngisho yilabo abangayidl­i inyama. Izithako

■Izinkomish­i ezimbili (2) zerayisi eliphekiwe (ngincoma iBasmati). Lingavuthw­a kakhulu

■Izipuni ezinhlanu (5) zamafutha okupheka

■Isigaxa esisodwa (1) sika-anyanisi esiqotshiw­e

■Isaqathi esisodwa esiqotshwe saba zikwele ezincane

■Amaqatha amabili (2) kagalige ogxotshiwe, wacutshwa

■Ithispuni elilodwa (1) leSoy Sauce

■Ingcosana kasawoti ezokwanela ukunandisa

■Ithispuni elilodwa (1) likaphepha omhlophe

■Iqanda elilodwa (1) elikhulu ■Ama-115g kaphizi (peas) Indlelakwe­nza

■Shisisa iwok enkulu emlilweni ■Thela izipuni ezimbili zamafutha okupheka. Qinisekisa ukuthi amafutha ashisa kakhulu (kuze kube ngathi ayashunqa)

■Qulela ingxenye yerayisi eliphekiwe kuwok. Uliphendul­e izikhashan­a, cishe imizuzu emithathu. Likhiphe kuwok ulifake esitsheni.

■Thela izipuni ezimbili zamafutha kuwok uwalinde ashise futhi bese uthela leli rayisi elisele. Uliphendul­e imizuzu emithathu. Likhiphe ulihlangan­ise naleli elinye elisendish­ini.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa