Luthunge umhlaba wonke ukhuvethe ludla silaza ludla fumuka
Umlando usuyobhala ukuthi umuntu oneminyaka engama-55 ubudala ovela esifundazweni iHubei eChina kungenzeka ukuthi waba ngowokuqala ukuba nokhuvethe ngenxa yokuthi kuthiwa wayenalo ngoLwezi ziyi-17 kowezi-2019 kodwa okunye okuyobhalwa ukuthi lokhu kutholwa komuntu onokhuvethe kwenzeka ngaphambi kwenyanga odokotela baqala babika ngalo kulesiya sifundazwe sekuzophela uZibandlela.
Kushaye uNdasa walo nyaka sekubikwa ukuthi emhlabeni jikelele abantu abacishe babe izi- 148 000 lwase lubahlabile ukhuvethe, eChina nje yodwa kube ngabantu abayizi- 81,000.
Kufika sona leso sikhathi kwacaca ukuthi wonke amazwe ayesenabo abanokhuvethe amanye abe eseqala imvalelwakhaya amanye ayesevele engaphansi kwayo. Isiqhwaga esiwukhuvethe sigadle emazweni kanye nasemazwenikazi kwezwakala.
E-Asia
Esifundeni sonke, amazwe amaningi kanye namadolobha okwakubonakala sengathi akwazile ukulawula ukubhebhetheka kokhuvethe sekuvela ukuthi sekuhlasela igagasi elisha njengoba izibalo zabanokhuvethe kulawo mazwe zikhuphuka. Ngesonto eledlule iJapan ibike ukuthi iqophe isibalo esiphezulu sezinsuku sabantu abanokhuvethe njengoba leo sibalo safinyelele kubantu abayizi-2 000 izinsuku ezinhlanu zilandelana.
ESouth Korea, izibalo zosuku zenyuka ngendlela emangalisayo njengoba ngezinyanga uMandulo noMfumfu zaziphansi kepha manje sezenyuke zafinyelela emakhulwini amathathu, okuyisibalo esiphezulu kusukela ngenyanga uNcwaba.
IHong Kong yona isibike ukuthi isihlaselwe igagasi lesine lokhuvethe ngemuva kokwanda kwezibalo zabantu abanalo. Izibalo zaseHong Kong zosuku bezingaphansi kweshumi kusaqala uLwezi kepha ngesonto eledlule lesi sibalo senyuke saya emashumini ambalwa (80). Ngisho naseChina eyaziwa ngenqubo engaxoleli ngokhuvethe nakhona izibalo sezinyukile emadolobheni ahlukene okubalwa kuwo isizinda somnotho iShanghai, idolobha eliyichweba iTianjin kanye nasemathafeni aseMongolia.
ESouth America
Lolu bhubhane kwabikwa ukuthi seluhlasele kuleli zwekazi ngoNhlolanja nonyaka ngesikhathi iBrazil ibika ukuthi kukhona umuntu owayenokhuvethe edolobheni iSao Paulo. Kodwa ngoMbasa cishe wonke amazwe kuleli zwekazi ayesebika ukuthi kukhona umuntu onokhuvethe emazweni abo. Ngenyanga uNhlaba iLatin America kanye neCaribbean nokuhlanganisa kwase kubikwe ukuthi abantu abayizi-400 000 base benokhuvethe kwathi abayizi-23 091 base beshonile ngenxa yokhuvethe. Lokhu kunyuka kwezibalo kuphoqe ukuthi inhlangano iWorld Health Organisation (WHO) ibeke leli zwekazi njengesizinda sokhuvethe.
Kodwa ngenxa yokusweleka kwezinto zokuluhlolela kanye nengqalasizinda yezempilo, kusolakala ukuthi izibalo eziphuma kuleli zwekazi azilona iqiniso ngoba ezinye azibikiwe.
E-Europe
NgoNdasa kulo nyaka izibalo zaleli zwekazi zakhula zaba ngaphezu kwezaseChina lapho ukhuvethe olwaqubuka khona. IWHO yaqala yabuka leli zwekazi njengesizinda esikhulu sokhuvethe. Izibalo zabantu abanokhuvethe emazweni akuleli zwekazi zase ziphindeke kabili esikhathini esiyizinsuku ezintathu nezine.
Njengamenje sekuwunyaka ukhuvethe lwagasela emhlabeni jikelele, i United Nations General Assembly kuleli sonto imemezele ukuthi umhla zingama-27 kuZibandlela uzoba usuku olubizwa ngokuthi i-“International Day of Epidemic Preparedness” ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi izifundo ziyafundwa nganoma yiziphi izinkinga ezizayo. Lona unyaka ongabanga muhle kakhulu emazweni omhlaba kepha abaningi bathembe ukuthi njengoba usongwa lona ozoqala uzoba muhle ngenxa yokuthi umuthi wokugomela ukhuvethe kwamanye amazwe sewuyaqala uyasetshenziswa kodwa kungenzeka lokhu kube yinkinga ngonyaka ozayo ngoba amazwe asebenzisa imithi ehlukile okugcina kwakha isithombe sokuthi lona sekuwumcintiswano wokuthi ubano ozothola ikhambi okungabeka impilo yezakhamuzi engcupheni kodwa futhi iqiniso lithi kukhona abangeke bavume ukugomela ukhuvethe.
ElaboHlanga liye koshicilela izibalo ziveza ukuthi ukhuvethe seluhlabe abantu abangaphezu kwezigidi ezingama-66 kwathi abayisigidi esi-1.5 lwababulala.