Bayede

Isikhumba siyingxeny­e ebaluleke kakhulu yomzimba

Mukhulu kakhulu umsebenzi wesikhumba akugcini nje ngalokhu abantu abakubonay­o ukuthi simboze umzimba

- NGUDKT UNOMTHANDA­ZO NGCOBO

Njengoba ihlobo selingenil­e nelanga selikhipha umkhovu etsheni, kubaluleki­le ukuba sinakekele isikhumba sethu. Isikhumba sinemisebe­nzi ebalulekil­e emizimbeni yethu. Sijwayele ukungasina­kekeli. Amazinga okushisa aphezulu ngesikhath­i sasehlobo angaba mabi ezikhumben­i zethu. Ukunakekel­wa kwesikhumb­a kubaluleki­le ukusigcina sisebenza ngendlela efanele. Siyasiza futhi ukugwema izimo ezahlukene zesikhumba okuhlangan­isa umdlavuza wesikhumba. Nabantu abamnyama bangaba nomdlavuza wesikhumba. Ngiyazi ukuthi kunenkolel­o emiphakath­ini yethu yokuthi isikhumba sethu esimnyama siyasivike­la ekungenwen­i umdlavuza wesikhumba. Lokhu akulona iqiniso.

Isikhumba nelanga

Isikhumba njengesith­o somzimba esikhulu sinomseben­zi obalulekil­e ngaphandle kwalona osobala okuwukumbo­za umzimba. Lo msebenzi wesikhumba obalulekil­e ufaka:

Ukuvikela: Sinika ukuvikelek­a komzimba (njengengxe­nye yamasotsha omzimba) ezintweni ezingaphan­dle komzimba (ukugwema ukungena kwezinto ezingafane­le) kanye nokugwema ukulahleka kwamanzi asuka ngaphakath­i nokungena kwamagciwa­ne asuka ngaphandle.

Imizwa: Isikhumba siyakwazi ukuzwa isimo esingaphan­dle komzimba.

Ukushisa komzimba: Ngokujuluk­a, sivumela ukuphola komzimba futhi siwugcina ufudumele ngokuqinis­a imithambo yegazi nokwakha uhlevane.

Inqolobane: Sakha futhi sigcine amafutha, sihehe futhi sigcine amanzi.

Amandla: Isikhumba sinezingxe­nye ezibalulek­ile, amaprothey­ni namafaybha anwebekayo okunika isikhumba amandla futhi okubalulek­ile ekupholeni kwesilonda.

Omunye umsebenzi wesikhumba obalulekil­e lo mbhalo ogxile kuwo yilona:

Isikhumba sakha imelanin evumela ukwahlukan­a kombala wesikhumba kusukela kocishe ube mnyama kuya kocishe ube mhlophe. Umsebenzi oqavile wemelanin ukuvikela isikhumba ekulinyazw­eni yimisebe yelanga ebizwa nge-Ultra Violet (UV) Light.

Ezinye izinhlobo zesikhumba ziyazwela omonakalwe­ni odalwa ilanga.

Yazi i-UV Light

Amathuba alokhu kushisa makhulu ezindaweni ezinamazin­ga aphezulu okushisha nasezifund­eni ezishisayo, kuyedlulel­a ehlobo.

Emini, isikhathi esingamaho­ra amane kuya kwayisi-6, umfutho weVB uphindwe kane kunasekuse­ni nantambama. Yingakho kubaluleki­le ukugwema ilanga ngalesi sikhathi sosuku nokuqinise­kisa ukusebenzi­sa izinto ezikuvikel­a elangeni.

Uma nje kusasemini, kunemisebe yelanga (UV) efinyelela emhlabeni ngisho kubanda ikhona.

Uma usendlini uyayithola imisebe yelanga kwazise iyakwazi ukuputsha ngamafasit­ela anganazo izivikeli.

Izingxenye zemisebe yelanga

I-UVA, 320-400nm, ibaluleke ekushiswen­i yilanga okudalwa imithi yokuzelaph­a noma izidakamiz­wa

I-UVB, 280-320nm, inamandla okushisa esikhumben­i okwedlulel­e nge1000 uma iqhathanis­wa ne-UVA

Imiphumela yesikhasha­na

Ukushiswa yilanga yinto ejwayeleki­le esikhumben­i uma ukukhanya kwelanga kwedlula lokhu okubekezel­elekayo. Lokhu kuqale kubonakale ngokusabom­vana esikhathin­i esingamaho­ra ayisi-6 umuntu kade eselangeni. Kube sekulandel­wa ubuhlungu kokunye kube namapanyaz­i. Lokhu kungahambi­sana nokungaziz­wa kahle okungaba imfiva noma ukushaya kwenhliziy­o.

Emva kwesikhath­i esinganeso­nto isikhumba siba ngcono futhi siphole kodwa kuba khona ukwebuza kwesikhumb­a.

Imiphumela yesikhathi esimaphaka­thi neside

Ukukhanya kwesikhumb­a ngokweqile

Lokhu kubonakala lapho isikhumba sesikhanya ukwedlula okujwayele­kile. Kungaba yizisihla njengoba kuke kwenzeke uma kushintsha isikhumba kwabesifaz­ane okungadalw­a ukukhulelw­a okuye kubonakale esihlathin­i, esiphongwe­ni, ekhaleni kwezinye izikhathi esilevini. Kungasabal­ala ezindaweni ezitholwa yilanga, ezingalwen­i nengxenye yesifuba engasentan­yeni.

Kuzona zonke izinhlobo zokukhanya kwesikhumb­a ngokweqile, imisebe yelanga i-UV iyimbangel­a. Kubaluleki­le ukukuqonda ukuthi amanye amakhambi, akhishwa odokotela nathengway­o anomphumel­a omubi esikhumben­i

Isibonelo sale mithi ngethile yofuba, eyokulawul­a umfutho wegazi, eyezinhlun­gu, amaphilisi okuhlela umndeni neminye eminingi. Kuyanda ukusetshen­ziswa kokhilimu besikhumba abanamakhe­mikhali enza isikhumba sikhanye kakhulu nokuthi singenwe kalula yizifo noma ukungcola okufana nemibandam­a noma amagciwane abanga izinsumpa nokunye. Izisihla noma amabalana ansundu aba sezindawen­i ezisemzimb­eni okufinyele­la kuzo ilanga ezinjengob­uso, intamo, amahlombe kujwayelek­e ehlobo. Lokhu kujwayelek­e kubantu abayisiphi­wo (albinism)

Lesi simo singaba uphawu lokugula okungelaph­eki ngakho-ke kubaluleki­le ukufuna usizo lwezempilo uma kukhona okubonayo. Ukuguga kwesikhumb­a

Izinguquko ezibangwa yizifo ezingelaph­eki nokushiswa yilanga kuholela kulesi simo. Lokhu kungaba ukushwaban­a kwesikhumb­a, imibimbi, ukuqina kwenyama nokunye. Kujwayele ukuhlasela izindawo ezitholwa yilanga njengentam­o, ingenhla lomhlane, ingemuva lezandla, kwabesifaz­ane emuva kwamadolo namaqakala. Imisebe yelanga i-UV ifadabalis­a amafaybha esikhumba, igxambukel­e namandla nendlela yokubhekan­a kwesikhumb­a nezimo ezingaphan­dle. Ezinye izimbangel­a zalesi simo ukuguga nokubhema. Umdlavuza wesikhumba

Ingcuphe yokuthola umdlavuza wesikhumba iyanda ngenxa yezifo ezingalaph­eki nokushiswa yilanga kakhulu. Ingcuphe ingahambis­ana nofuzo.

Kungcono ukugwema kunokwelap­ha

Gwema ilanga lasemini Thola umthunzi

Gqoka izimpahla ezivikelay­o njengesigq­oko esinomphem­e, okunemikho­no emide

Gcoba okokuvikel­a ilanga esikhathin­i esiyimizuz­u engama-30 ngaphambi noma engama-30 emva kokuba selangeni. Qinisekisa ukuphinde ugcobe emva kwamahora amathathu ube selangeni. Kunconywa ukuba uma ungaphandl­e ujwayele ukusebenzi­sa umuthi ongamaSPF 30 noma ngaphezulu, nangemuva kokubhukud­a noma ukunyakazi­sa umzimba kakhulu Gwema ukubhema ukwehlisa ukuguga Yazi imiphumela engemihle yemithi yezifo ezingalaph­eki

Gwema ukusebenzi­sa imikhiqizo engekho emthethwen­i

Thola usizo lwezempilo uma ubona ukukhanya kwesikhumb­a okungajway­elekile

Gcina isikhumba sakho sigcotshiw­e, faka amavithami­ni u-A no-C ezintweni zesikhumba ezigcotshw­ayo

Ngokunye ukwelashel­wa ukukhanya kwesikhumb­a ngokweqile nokuguga, xhumana nodokotela wesikhumba ukuthola umbono kangoti nokulawla isimo.

UDkt uNomthanda­zo Ngcobo ngudokotel­a wesikhumba ePrince Memorial Hospital nakwezinye ezizimele

 ??  ??
 ??  ?? Olunye uhlobo lwesifo esiba sesikhumbe­ni iVitiligo
Olunye uhlobo lwesifo esiba sesikhumbe­ni iVitiligo
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa