AbakwaMdlalose bagqama nakuHulumeni wesabelo
Ingxenye yabakwaMdlalose eyayibuswa yiNkosi uMpiyakhe eNquthu ngowe-1903, inezindlu zaphansi ezingama-986 nezikhokhela intela yazo engoPondo abangama-690 ngawo lowo nyaka wokuqala ukuthelela izindlu enyakatho yoThukela noMzinyathi yayikade ibekwe ngaphansi kwabeSuthu bakaHlubi babegalele ngaye eSandlwana ngenkathi behlasela izwe lakwaZulu.
Kuthe ngonyaka we-1896 bazikhipha ngaphansi kwabeSuthu izizwe ezifana naso esakwaMdlalose ezazingethenjwa nokwakusolwa ngamaNgisi ukuthi zazingahle zivuke umbhejazane. Isizwe sakwaMdlalose eNquthu siyingxenye yendlunkulu ezinze eMondlo eduze kwaseVryheid.
UHulumeni wesabelo sakwaZulu
Kuthe uma kusungulwa uHulumeni wesabelo sakwaZulu ngowe-1972, abakwaMdlalose baphinde bagqama nakuwo. Singabala uDkt uFrank Mdlalose owaba nguNgqongqoshe eminyangweni eyehlukene kuHulumeni. Kwathi ekungeneni kukaHulumeni wentando yeningi ngowe-1994, wabanguNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal wokuqala.
Ngemuva kwalokho waba yinxusa lezwe eGibhithe. Omunye wakhona kwaMdlalose owagqama kuHulumeni wakwaZulu uGidion Mdlalose owayenguSomlomo.
Kuthe noma sekungene uHulumeni wentando yeningi waqhubeka nokuba uSomlomo wagcina esethathe umhlalaphansi.
Umlando wesizwe sakwaMkhwanazi eningizimu yoMhlathuze
Isizwe sakwaMkhwanazi eningizimu yomfula uMhlathuze endaweni eyaziwa ngokuthi kukwaDlangezwa siyingxenye yesizwe sakwaMkhwanazi kwaMpukunyoni/kwaNkomokayixoshwa, emaSwazwini ebesiholwa nguMinius kaMgwazeni kaMtubatuba kaSomkhele kaMayanda kaVelane Mkhwanazi. UMayanda wayeyinduna yebutho leNkosi uDingiswayo kaJobe Mthethwa, iNingizimu.
NgokukaAsayeli Mkhwanazi wakwaDlangezwa nguVelane noMayanda ababa ngumsuka wesizwe esagcina sakhe kwaMpukunyoni. UVelane nxa efika eqhamuka eSwazini wayexoshiwe ngokulwa.
UVelane noMayanda babekade beyingxenye yabakwaShiba bona abasala eSwazini. Kwathi uma efika esizweni sakwaMthethwwa uVelane waganiselwa indodakazi yeNkosi yakwaMthethwa wagcina akhe umuzi wakwaMpukunyoni. Walwa izimpi zesizwe sakwaMthethwa wagcina efele kuzo.
UVelane wazala uSinaye, uSinaye wazala uDlabantu, uDlabantu wazala uMdinwa, yena owazala uPhalane. UPhalane wazala uQantayi, uThumbela, uMagenu noNgongwana owayeyinkosana yakhe.
UDlabantu wayeliqhawe elikhulu esizweni osekuthiwa ngesakwaZungu ngesikhathi sikaMadlebe owayekade eyinceku kaMkabayi kaJama. Akuzwakali buqhawe obugqamile bukaMdinwa.
Indawo yalapho kwagcina sekuphethe khona uMadlebe yayikade ingaphansi kukaNzwakele kaKhushwayo Dube wakwaGubhethula umuzi wakhe owawakhe ngaseSangoyana.
Wayeyisikhulu seNgonyama uShaka. Nguyena owakhisa isizwe saseMandlanzini seNkosi uMqedi kwaBhuquza lapho sekulidolobha laseRichards Bay khona namuhla. Wabulawa ekungeneni kweSilo uDingane ebukhosini ngoba kuthiwa wayefihle indoda kaShaka uZibizendlela.
Wabulawelwa enqineni mbumbulu washiya uHhabhane inkosana yakhe eyabaleka yayozinza eMvoti eduze kwakwaDukuza. Yabuyiswa uCetshwayo yakha isizwe ngaseSikhaleni seNkosi.
UPhalane wakha umuzi waseNtshiweni nganeno kwalapho sekulibhuloho lesitimela laseFelixton lapho kwagcina kwakhe khona umlungu okwakuthiwa nguPhisholi. Ngaleso sikhathi uSonqandeni Mjadu nguyena owayeyiNkosi ephethe ngaphansi kukaMadlebe Zungu.
UPhalane wabizwa uCetshwayo esuka eNtshiweni umuzi wakhe, wabiza futhi noSonqandeni Mjadu. UCetshwayo wabuza ukuthi abantu bahlezi kanjani, izintombi zathi ziqoma uPhalane ngoba uyena owayenesandla sokuphatha abantu ebanika ukudla.
Ngakho-ke uSonqandeni Mjadu bamphunyuka kanjalo ubukhosi bawela kuPhalane kaMdinwa. Kodwa kuthe ngowe-1890 uHulumeni wamaNgisi usuhlela uBukhosi bezizwe wabeka uNdabayakhe kaSonqandeni endaweni namuhla esingaphansi kwesizwe sakwaZungu okuthiwa kukwaNdabayakhe kaKhawula Ndlela.
Nokho ubukhosi bakwaMjadu bagcina ngaye uNdabayakhe.
UMalambule Zibane ufuna isizwe sakhe
Ngesikhathi sokubusa kukaPhalane kaMdinwa, uMalambule Zibane wathi ufuna ukuphuma isizwe sakhe azimele angabi ngaphansi kwesizwe esasiholwa nguPhalane ngaleso sikhathi.
Njengoba uPhalane esaphila wayethathwa njengenye yezinduna zikaJohn Dunn, uDunn wakwenqaba lokho waze wafa ngowe-1895. UPhalane washona ngowe-1900. Ithuna lakhe lisemzini wakwaMkhwanazi eduze kwaseNyuvesi yasoNgoye.
Waphikelela uMalambule mhla zingama-24 kuMasingana ngowe-1924, wagcina ebonene noWheelwright ngalo udaba lokuqembuka azimele. Nangalelo langa wayephelezelwa nguGagu Zibane, uMlomonki Mtshali, uNgazana Manyathi noSonondo Zibane.
Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala04@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.