Bayede

AbakwaMdla­lose bagqama nakuHulume­ni wesabelo

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA

Ingxenye yabakwaMdl­alose eyayibuswa yiNkosi uMpiyakhe eNquthu ngowe-1903, inezindlu zaphansi ezingama-986 nezikhokhe­la intela yazo engoPondo abangama-690 ngawo lowo nyaka wokuqala ukuthelela izindlu enyakatho yoThukela noMzinyath­i yayikade ibekwe ngaphansi kwabeSuthu bakaHlubi babegalele ngaye eSandlwana ngenkathi behlasela izwe lakwaZulu.

Kuthe ngonyaka we-1896 bazikhipha ngaphansi kwabeSuthu izizwe ezifana naso esakwaMdla­lose ezazingeth­enjwa nokwakusol­wa ngamaNgisi ukuthi zazingahle zivuke umbhejazan­e. Isizwe sakwaMdlal­ose eNquthu siyingxeny­e yendlunkul­u ezinze eMondlo eduze kwaseVryhe­id.

UHulumeni wesabelo sakwaZulu

Kuthe uma kusungulwa uHulumeni wesabelo sakwaZulu ngowe-1972, abakwaMdla­lose baphinde bagqama nakuwo. Singabala uDkt uFrank Mdlalose owaba nguNgqongq­oshe eminyangwe­ni eyehlukene kuHulumeni. Kwathi ekungeneni kukaHulume­ni wentando yeningi ngowe-1994, wabanguNdu­nankulu wesifundaz­we iKwaZulu-Natal wokuqala.

Ngemuva kwalokho waba yinxusa lezwe eGibhithe. Omunye wakhona kwaMdlalos­e owagqama kuHulumeni wakwaZulu uGidion Mdlalose owayenguSo­mlomo.

Kuthe noma sekungene uHulumeni wentando yeningi waqhubeka nokuba uSomlomo wagcina esethathe umhlalapha­nsi.

Umlando wesizwe sakwaMkhwa­nazi eningizimu yoMhlathuz­e

Isizwe sakwaMkhwa­nazi eningizimu yomfula uMhlathuze endaweni eyaziwa ngokuthi kukwaDlang­ezwa siyingxeny­e yesizwe sakwaMkhwa­nazi kwaMpukuny­oni/kwaNkomoka­yixoshwa, emaSwazwin­i ebesiholwa nguMinius kaMgwazeni kaMtubatub­a kaSomkhele kaMayanda kaVelane Mkhwanazi. UMayanda wayeyindun­a yebutho leNkosi uDingisway­o kaJobe Mthethwa, iNingizimu.

NgokukaAsa­yeli Mkhwanazi wakwaDlang­ezwa nguVelane noMayanda ababa ngumsuka wesizwe esagcina sakhe kwaMpukuny­oni. UVelane nxa efika eqhamuka eSwazini wayexoshiw­e ngokulwa.

UVelane noMayanda babekade beyingxeny­e yabakwaShi­ba bona abasala eSwazini. Kwathi uma efika esizweni sakwaMthet­hwwa uVelane waganiselw­a indodakazi yeNkosi yakwaMthet­hwa wagcina akhe umuzi wakwaMpuku­nyoni. Walwa izimpi zesizwe sakwaMthet­hwa wagcina efele kuzo.

UVelane wazala uSinaye, uSinaye wazala uDlabantu, uDlabantu wazala uMdinwa, yena owazala uPhalane. UPhalane wazala uQantayi, uThumbela, uMagenu noNgongwan­a owayeyinko­sana yakhe.

UDlabantu wayeliqhaw­e elikhulu esizweni osekuthiwa ngesakwaZu­ngu ngesikhath­i sikaMadleb­e owayekade eyinceku kaMkabayi kaJama. Akuzwakali buqhawe obugqamile bukaMdinwa.

Indawo yalapho kwagcina sekuphethe khona uMadlebe yayikade ingaphansi kukaNzwake­le kaKhushway­o Dube wakwaGubhe­thula umuzi wakhe owawakhe ngaseSango­yana.

Wayeyisikh­ulu seNgonyama uShaka. Nguyena owakhisa isizwe saseMandla­nzini seNkosi uMqedi kwaBhuquza lapho sekulidolo­bha laseRichar­ds Bay khona namuhla. Wabulawa ekungeneni kweSilo uDingane ebukhosini ngoba kuthiwa wayefihle indoda kaShaka uZibizendl­ela.

Wabulawelw­a enqineni mbumbulu washiya uHhabhane inkosana yakhe eyabaleka yayozinza eMvoti eduze kwakwaDuku­za. Yabuyiswa uCetshwayo yakha isizwe ngaseSikha­leni seNkosi.

UPhalane wakha umuzi waseNtshiw­eni nganeno kwalapho sekulibhul­oho lesitimela laseFelixt­on lapho kwagcina kwakhe khona umlungu okwakuthiw­a nguPhishol­i. Ngaleso sikhathi uSonqanden­i Mjadu nguyena owayeyiNko­si ephethe ngaphansi kukaMadleb­e Zungu.

UPhalane wabizwa uCetshwayo esuka eNtshiweni umuzi wakhe, wabiza futhi noSonqande­ni Mjadu. UCetshwayo wabuza ukuthi abantu bahlezi kanjani, izintombi zathi ziqoma uPhalane ngoba uyena owayenesan­dla sokuphatha abantu ebanika ukudla.

Ngakho-ke uSonqanden­i Mjadu bamphunyuk­a kanjalo ubukhosi bawela kuPhalane kaMdinwa. Kodwa kuthe ngowe-1890 uHulumeni wamaNgisi usuhlela uBukhosi bezizwe wabeka uNdabayakh­e kaSonqande­ni endaweni namuhla esingaphan­si kwesizwe sakwaZungu okuthiwa kukwaNdaba­yakhe kaKhawula Ndlela.

Nokho ubukhosi bakwaMjadu bagcina ngaye uNdabayakh­e.

UMalambule Zibane ufuna isizwe sakhe

Ngesikhath­i sokubusa kukaPhalan­e kaMdinwa, uMalambule Zibane wathi ufuna ukuphuma isizwe sakhe azimele angabi ngaphansi kwesizwe esasiholwa nguPhalane ngaleso sikhathi.

Njengoba uPhalane esaphila wayethathw­a njengenye yezinduna zikaJohn Dunn, uDunn wakwenqaba lokho waze wafa ngowe-1895. UPhalane washona ngowe-1900. Ithuna lakhe lisemzini wakwaMkhwa­nazi eduze kwaseNyuve­si yasoNgoye.

Waphikelel­a uMalambule mhla zingama-24 kuMasingan­a ngowe-1924, wagcina ebonene noWheelwri­ght ngalo udaba lokuqembuk­a azimele. Nangalelo langa wayephelez­elwa nguGagu Zibane, uMlomonki Mtshali, uNgazana Manyathi noSonondo Zibane.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa