Bayede

Belula isandla abezemidla­lo, kuyancomek­a

- nguSabelo Maphumulo

Ngaphandle kokuthi ukhuvethe ludlule nemiphefum­ulo eminingi ezweni okuze kube imanje lokho kusenzeka kodwa luphinde lwehlisa umnotho emhlabeni jikelele.

Ukusabalal­a kwalesi sifo kwaholela ekutheni kume izinto eziningi. Ukuvaleka kwezinto kwakhalisa ngisho abadla izambane likapondo, kungaphezu­lu-ke kwabadla imbuya ngothi.

Kodwa abadlali beminxa yemidlalo ehlukahluk­ene kuleli babengonku­lunkulu basemhlabe­ni kubantu abaningi njengoba bekwazile nakuba isimo sinzima ukuxhasa ngokuthize emiphakath­ini eswele.

Abanye balabo badlali ngukaputen­i weqembu eligijima kuDStv Premiershi­p i-AmaZulu FC uSiyabonga “Nqaba” Mbatha, owanikela ngokudla emalungwin­i omphakathi waKwaMashu angama-25.

UMthiya (abakwaMbat­ha) ngesikhath­i ekhuluma nelaboHlan­ga wathi: “Isikhathi esinzima lesi kuthina sonke. Kodwa izimo zethu zasemakhay­a azifani, ingakho sithe ake sizame ukuthi selule isandla emindenini eswele kakhulu. Ngazi kahle ukuthi lokhu engikwenzi­le ngikwenzel­e imindeni emincane kodwa ngiyathemb­a ukuthi uNkulunkul­u uzongipha amandla ngandise isibalo salabo abazozuza.”

UMbatha wenza lokhu ngaphansi kwenhlanga­no yakhe engenzi inzuzo iSiyabonga Qhamukile Foundation.

Abanye abadlali abelule isandla esikhathin­i esinzima sokhuvethe ezindaweni abakhulela kuzo uBongani Khumalo oyisitobha seSuperSpo­rt United.

UKhumalo wanikela ngomholo wakhe wonke emindenini engama-300 yasePretor­ia kanye naseSwatin­i lapho kudabuka khona uyise. Ngokusho kwakhe, wathi akenzi ngoba efuna ukuthandwa kodwa wenzela ukusiza abaswele ngoba uyakwazi ukuthi kunjani ukungabi nalutho.

No-Aubrey Modiba weMamelodi Sundowns ngokubambi­sana noGrant Kekana ogijima kuSuperSpo­rt United, banikele ngokudla kanye nezimfonyo emphakathi­ni waseMetz ngaphandle kwasePolok­wane.

USiphiwe “Shabba” Tshabalala owaduma kuFree State Stars nakuKaizer Chiefs kodwa osedlala ku-AmaZulu FC kanye nenkosikaz­i yakhe uBokang Motjane, banikelele abaswele ngokudla.

U-Ayanda Patosi ngokubambi­sana noMark Mayambela abake badlalela iCape Town City nabo banikelile eKhayelits­ha, eCape Town.

Ukaputeni weqembu lesizwe lombhoxo lakuleli amaBhokobh­oko, uSiya Kolisi, ongumdlali wamaStorme­rs kanye noFaf du Plessis ongumdlali weProteas banikela emphakathi­ni waseBonteh­euwel ngokubambi­sana nabakwaFoo­d Lovers’ Market group.

Iqembu leHockey elibizwa nge-INK Hockey lanikela kubadlali balo. Kusizwe abadlali abangama-20 abadlala kuleli qembu.

UNathi Ngubane ongumnikaz­i weINK Hockey ekhuluma nelaboHlan­ga wathi:“Sinabadlal­i abaningi abaphuma emindenini ehlukahluk­ene. Ingakho sithathe isinqumo sokubheka imindeni ethize njengoba sazi ukuthi isimo sibi ngenxa yokhuvethe. Sibonga abaxhasi bethu iMaria and Robert kanye neZero2Fiv­e okuyinhlan­gano ezimele ukuthi sikwazi ukutholela le mindeni ukudla,”

Neqembu lekhilikit­hi amaProteas lanikela emiphakath­ini eyahlukene ngokudla okulingani­selwa emalini eyizinkulu­ngwane ezingama-R300.

 ??  ?? USiya Kolisi Isithombe: ngu-Eugene Coetzee
USiya Kolisi Isithombe: ngu-Eugene Coetzee

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa