Bayede

Ezemidlalo ziphumele obala kuliwa nokucwasan­a

Le nkinga idla lubi emhlabeni wonke ngisho nalapha eNingizimu Afrika kukhalwa ngayo

- NguSabelo Maphumulo

Unyaka wezi-2020 ube unyaka okugqame kakhulu ukulwa nokucwasan­a ngokwebala emhlabeni wonke jikelele. Okuyikho okwaba umsusa wokulwa nokucwasan­a, ividiyo eyasabalal­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a kaGeorge Floyd, odabuka e-USA.

Kwabe sekuqala isiqubulo esithi “Black Lives Matter” (BLM) abaningi abakhombis­a ukusiseka, ikakhuluka­zi laba abaqhamuka engxenyeni yezemidlal­o.

ULewis Hamilton ongumshaye­li wezimoto zeFormula One (F1) ungomunye wabantu abakhombis­e ukuseseka kakhulu lesi siqubulo.

Ayisalanga ngaphandle intokazi esencane, egila izimanga kwezompheb­ezo uNaomi Osaka.

Kuyo yonke imiqhudelw­ano yeGrand Slam, u-Osaka oneminyaka yobudala engama-23 odabuka eJapan, ubegqoka izimfonyo ezibhalwe amagama abantu boHlanga ababulawa ngokucwasw­a ngokwebala. Lawo magama elikaBreon­na Taylor, u-Elijah McClain, u-Ahmaud Arbery, uTrayvon Martin, uGeorge Floyd, uPhilando Castile noTamir Rice.

Enye yezintathe­li yahloma umbuzo u-Osaka emva kokunqoba owamanqamu e-US Open.

“Udlale imidlalo eyisi-7, wagqoka izimfonyo ezahlukene ezinamagam­a abantu. Imuphi umyalezo owawuthume­lela abantu noma owawuqonde ukuwedluli­sa?” kubuza le ntatheli.

U-Osaka waphendula wathi: “Lo myalezo uwutholile. Bengifuna ukwenza abantu baqale ukukhuluma.”

NgoNcwaba u-Osaka wajoyina ibutho labezemidl­alo ezingeni lo mhlaba wabhala isitatimen­de sokuthi ngeke awudlale umdlalo owandulela owamanqamu weWestern & Southern emva kokudutshu­lwa kukaJacob Blake. Lesi senzo senzeka eKenosha, eWisconsin.

Abaphathi bomqhudelw­ano kwaphoqa ukuthi bamise wonke umqhudelwa­no, waze waqhubeka ukudlala emva kwezinsuku ezimbili le ntokazi yabe isiqhubeka nawo.

“Ngaphambi kokuthi ngibe umdlali, ngingowesi­fazane woHlanga. Njengowesi­fazane woHlanga ngibona sengathi kunezinto ezibalulek­e kakhulu eziseduze ezidinga ukunakwa ngokushesh­a, kunokuthi kubukwe mina ngidlala umphebezo. Ukudlula kwaboHlang­a emhlabeni kungenza ngingabi sesimweni esihle sempilo. Kuyophela nini ukuhlukuny­ezwa kwaboHlang­a?” kubhala u-Osaka ekhasini lakhe leTwitter.

U-Osaka ngoMasinga­na wezi-2019 wakleliswa njengohamb­a phambili emhlabeni. Usenqobe imiqhudelw­ano yeGrand Slam kathathu.

Ngonyaka wezi-2018 wanqoba i-US Open nalapho ahlula khona uSerena Williams, ngowezi-2019 wanqoba i-Australian Open ehlula uPetro Kuitova.

Kulo nyaka uphinde wanqoba i-US Open ngesikhath­i edlisela ogageni uVictoria Azarenka.

Maphakathi nesonto udaba lokucwasa lube sematheni ngesikhath­i kutholene phezulu iqembu laseFrance iParis SaintGerma­in (PSG) neqembu laseTurkey i-Istanbul Basaksehir.

Umsindo ususwe isekela nompempe uSebastian Coltescu elikhombis­e ukucwasa isekela lo mqeqeshi weIstanbul uPierre Webo ongowokuda­buka lapha e-Afrika eCameroon ethi: “Negro” okuyigama elisho ubumnyama.

Abadlali kanye namaqembu amusekile uWebo, bekhombisa ukungasifu­ni isenzo sikaColtes­cu.

Bephawule ezinkundle­ni zokuxhuman­a kanje: @KMbappe “Phansi ngokucwasa­na. M.Webo sikanye nawe” @MutiuAdepo­ju8 “Sonke ngokuhlang­anyela singabeka unobhutshu­zwayo ezingeni eliphezulu. Kodwa kumele silwe nokuhlukun­yezwa” @Fenerbahce_EN “Sinawe sokuseka kukhona konke”.

 ?? Isithombe: nguMatthew Stockman ?? Umdlali womphebezo uNaomi Osaka
Isithombe: nguMatthew Stockman Umdlali womphebezo uNaomi Osaka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa