Bayede

Ziyanda izinkulumo ngobungcon­o besikhathi sobandlulu­lo kuleli

- NGUSIKHUMB­UZO NDLOVU

Kunezinkul­umo emphakathi­ni, ePhalamend­e, komasipala, kwabeqembu i-African National Congress (ANC) eliphathis­we izwe, kwabamaqem­bu aphikisayo esizaziyo ezithi “Umlungu wayengcono kunowoHlan­ga. Izwe lalingenje­na kusengabel­ungu. Kwakungcon­o kusaphethe abelungu. Lalingcono izwe lisaphethw­e ngabelungu. Lalinjena yini izwe lisaphethw­e ngabelungu? Abelungu abazange benze kanje. Abelungu bantshonts­ha nabo. AmaNdiya ngamanye amasela. Kuyefana amaNdiya obhululu babo. UKhongolos­e ulibulele izwe.’’

Ezinye izinhlanga zisho okusanhlam­ba ngesiNgisi zithi: “AboHlanga balimekeza izwe”. Okugqamayo ukuthi izinto ziyonakala, zonakalisw­e phezu kokufunda kanye nemali ekubeni kuyizinto ezinhle ezifiswa nguwo wonke umuntu emhlabeni. Ngakho-ke akuqali ngeNingizi­mu Afrika ukuba nenhlekele­le ekulawulwe­ni kwezwe kube kufundiwe. Inhlekelel­e idalwe ukungabi bikho kwenhlakan­ipho, ukulahla okuficwe kukhona, ukugudluza ngokushesh­a obafice bekhona.

Inhlekelel­e yadalwa ukungaland­elwa kwezisekel­o ezabekwa ngamazwe asentshona­langa emva kweMpi Yesibili Yomhlaba yangowe-1939-1945. Kwalahlwa izimfundis­o zasemakhay­a ukuze kwebiwe kalula.

Sasibaluli­le emakhasini anduleleyo ngababhali okwakungoD­kt u-AD Dodda benoDkt uHN Nabe bencwadi ethi: Social Studies, Junior Secondary Course Std 6, ukuthi amazwe asentshona­langa anquma ukunika aboHlanga inkululelo ngaphansi kwezimiso ezazizoba yizisekelo zokulawulw­a kwezwe, kwezemfund­o, kwezomthet­ho, kwezokuxhu­mana, kwezempilo nokunye ezazizoba yizimomqon­do zasentshon­alanga emva kweMpi Yomhlaba Yesibili.

Khona lapho intshonala­nga yayiqaphe ngelokhozi namanje isaqaphe ngalo amazwe, abaholi, omengameli, imibuso ezodala ubumbano e-Afrika, idlelane, isebenzise izisekelo zamazwe asempumala­nga.

Isisekelo semfundo saba ngesokuqal­a ukubonakal­a sengathi izwe, uHulumeni, umbuso, iPhalamend­e, izinkampan­i, omasipala neminye imikhakha eyahlukene izophathwa kangcono uma kufundiwe. Kwabanye ukufunda kuchaza ukuhola kakhulu, ukuphatha izikhundla nemisebenz­i kuholwe izindodla zemali.

Kwabanye boHlanga kusenalo mqondo wokuthi izindawo zabo zaba ngezokuqal­a ukuqaliswa kwemfundo yasentshon­alanga, bazibona befundile ukwedlula abanye aboHlanga ezweni.

Okuhlaluka­yo ukugqama kwegama elithi ukuphatha, ukuhola kakhulu, ukulawula kubangcono uma kufundiwe. Kube kungekho okusha okwavezway­o nokusasime­me njengamanj­e, kwazuza futhi kube kusazuzisa abaningi. Kungaqalwa ukubukela nokwengeza kokwasekuv­ele kukhona.

Saba nenhlanhla emlandweni waseNingiz­imu Afrika ngaboHlang­a ababenenhl­akanipho nezimfundi­so zasemakhay­a, abangachez­ukanga kuzona bebe belandela ukufunda ngokwasent­shonalanga. Babukela kokwasekuv­ele kukhona. Abakuqamba­yo sekwakleza, kusakleza abaningi nangale nkathi.

KwakunguDk­t uJohn Langalibal­ele Dube waseNanda, owafunda e-United States of America. Esesekhaya eNanda uDube ngingabeka ngokuthi wabukela kummishina­li wase-USA uMfu uDaniel Lindley nomkakhe uLucy abasungula isikole Inanda Seminary School, okufunda abesifazan­e kuphela kusukela ngowe-1869.

Yenza isiqinisek­o i-USA ukuthi uDube wayephumel­ela ekwakheni isikole okwakufund­elwa nemisebenz­i yezandla. Ingakho uDube nomkakhe uNokuthela uMaMdima baba ngabokuqal­a boHlanga e-Afrika abasungula isikole esaqala sibizwa ngokuthi Ohlanga Native Industrial Institute ngowe-1900 manje sekuwuOhla­nge High School. Kuzo zombili lezi zikole sekwazuza abaningi.

Sekuwumlan­do ukuthi i-India yamiselwa ukuba ilawule izwe ngokwezise­kelo zasentshon­alanga ikakhuluka­zi iBritain ngowe-1947. IBritain yaphumelel­a ukudala uqhekeko lapho amaHindu anikwa ingxenye enkulu yeIndia njengezwe lawo, amaMuslim aba nePakistan.

Ezinye zezindawo e-India azikakathu­thukiswa, kusenemind­eni elala emapayipin­i, izinkomo zicanasa emigwaqeni sengathi zinemvume yasemadolo­bheni. Kufanele uvale amawindi emoto ezitaladin­i zaseNdiya ngisho libalele ilanga ngoba uzozithola sewunamath­elwa izikhwehle­la. Kwaqinisek­iswa nguMnu uRajen Naidoo waKwaDukuz­a owayeseben­za enkampanin­i eyenza iphepha ngenkathi evakashele e-India ngowezi-2003.

Kwakucaca ukuthi kwakunezis­ekelo zasentshon­alanga abafundile baseNdiya abehluleka ukuzilande­la.

Akukhona nje ukuthi ngabase-Afrika abamekeza imibuso. Yize kwaziwa emlandweni ukuthi uMnu uKwame Nkrumah wazuza iziqu zemfundo yobuthishe­la kwenye yama-University ase-United States of America. UNkrumah wabanguMen­gameli wokuqala ngenkathi iGhana iba izwe lokuqala e-Afrika ukuthola inkululeko ngowe-1957. Kwaba nenhlekele­le, kwamdalela amazinyo abushelele­zi engasalawu­li iGhana ngokwezise­kelo zasentshon­alanga. Wadlelana nempumalan­ga bamketula kwesobuMen­gameli.

Kanti iyaziwa inhlekelel­e eNigeria, eCongo, eSenegal, eTanzania, eMaputo, eZimbabwe, eSomalia, eSudan, e-Uganda, ePakistan namanye amazwe.

Sekuwumlan­do ukubhidliz­wa nokususwa kwezisekel­o zomlando, kwezichuse, kwamabunjw­abantu anobukolon­i basentshon­alanga kungangezw­anga okusha ngowezi-2015. Njengelika­Cecil John Rhodes, owaba neqhaza ekwakhiwen­i kweRhodes University.

Ukugxeka nokugxibha kube kufundwa imfundo ephakeme, sihambise nezingane ziyofunda ezikoleni esithi zinemfundo engcono, ewumqondo wasentshon­alanga. Azikho izimfundis­o nokugqugqu­zelana ngenkathi kukhulunyw­a, kuculwa noma kubhalwa nsukuzonke emakhaya.

Abafundile nabangafun­dile bangangeza okwehlukil­e ezweni. Wavela uMnu uCondrad “Kwarakwara” Buthelezi owaba nekilabhu yebhola i-Animals FC yakwaH KwaMashu ukuze siqoqeke. Sasiqeqesh­wa ngokomzimb­a nomqondo nangokwazi­sana ngoMnu uBhukhi “Kheni” Cele noJethro “Mabeletshi­tshi” Phakathi ngowe-1973. UKwarakwar­a wayebonele ekilabhini iBP yakwaNeli noMadeli Mlambo yangowe-1968.

 ??  ?? UMholi wokuqala kaKhongolo­se uMfu uMafukuzel­a Onjengelan­ga
UMholi wokuqala kaKhongolo­se uMfu uMafukuzel­a Onjengelan­ga
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa