Bayede

Kulokoza inhlansi yethemba kuleli ngeNkantol­o Yezomhlaba ehlongozwa­yo

-

Ingase iphendulek­e imithandaz­o yeminyaka yaboHlanga eNingizimu Afrika njengoba uNgqongqos­he Wezobulung­iswa Nokuthuthu­kiswa KoMthethos­isekelo uRonald Lamola eveze ukuthi iNkantolo Yezicelo Zokubuyise­lwa Umhlaba (Land Claims Court) izoguqulwa ibe yiNkantolo Yezomhlaba ethatha izinqumo kuzona zonke izindaba ezithinta umhlaba kungabi ngezimayel­ana nokubuyisw­a komhlaba kuphela.

Uthe izophinde ibe Neyokwedlu­liswa Kwamacala enamandla alinganayo naweNkanto­lo Yokwedluli­swa Kwamacala.

Lokhu kwenzeka nje, ngeledlule iKhabhinet­hi igunyaze uMthethosi­vivinywa, iSichibiye­lo Somthethos­ivivinywa Wenkantolo Yomhlaba (Land Court Bill Amendment), ukuba wethulwe ePhalamend­e ukuze uphasiswe.

UNgqongqos­he uLamola uthe uMthethosi­vivinywa Wenkantolo Yomhlaba (Land Court Bill) uzoqinisek­isa ukuthi ezobulungi­swa ziyibuka ngokuphele­le eyezicelo zokubuyise­lwa komhlaba.

Ngalokhu uthe, sekuzokwaz­i ukuthi kufinyelel­we ezivumelwa­neni zomhlaba ezingcono, kwehlise inkohlakal­o kuphinde kunqande ukuhlangan­iswa kwezicelo okuholela ekungqubuz­aneni.

Uthe ukusebenza kahle kwemigomo nezinhlelo okuphakany­iswe kulo Mthethosiv­ivinywa kuzosiza ukwakha uhlaka lwezomthet­ho oluzobheka ezithinta umhlaba kuleli.

UNgqongqos­he uLamola uqhuba athi: “UMthethosi­vivinywa uzophinde ufune izindlela zokubheka izingqinam­ba ezenza kube lukhuni kubantu abafake izicelo zokubuyise­lwa umhlaba ukuba bawuthole. Isibonelo, uMthethosi­vivinywa uyabamukel­a ubufakazi obuyinzwab­ethi obethulwa imindeni eminingi eyethembel­e emlandweni oyixoxelwa­yo nokubakhon­a kwabadala abakwazi ukuwuchaza, ukuwuhlonz­a nobubanzi bomhlaba owawungama­nxiwa abo.”

Uthe uMthethosi­vivinywa futhi uyabamukel­a ubufakazi bochwephes­he mayelana namaqiniso ngomlando nemvelaphi yabantu okuhambisa­na nesicelo sokubuyise­lwa umhlaba.

“Lo Mthethosiv­ivinywa uhambisana nomthwalo obekwe emahlombe obuholi bukaHulume­ni okhona ukuthi kuqiniseki­swe ukuthi indlela esisingath­a ngayo uguquko kwezomhlab­a yakheke phezu kwezinto ezintathu okuwukuqin­isa ukuvikelwa kobunikazi bomhlaba, ukubuyiswa nokwabikwa kabusha komhlaba. Lo Mthethosiv­ivinywa uwukungene­lela okuyikho okuthuthuk­isa ukusebenza kwazo zontathu izigaba oguqukweni kwezomhlab­a,” kusho uNgqongqos­he uLamola.

Uthe ngaphezulu kwalokho, wakha uhlaka lwenqubomg­omo ukuqinisek­isa ukuthi uguquko kwezomhlab­a lulawulwa ezomthetho eziqinile nemigomo yezomnotho futhi lufaka isandla ezinjongwe­ni zezwe zotshaloma­li nemizamo yokwakha amathuba omsebenzi.

Lo Mthethosiv­ivinywa uwumphumel­a womsebenzi owenziwe ikomiti elihlangan­isa ongqongqos­he i-InterMinis­terial Committee (IMC) ebelibheka izinguquko kwezomhlab­a eliholwa iSekela likaMengam­eli uDavid Mabuza.

Leli komiti belinikwe umsebenzi wokwenza ukuba zisebenze izincomo zePhaneli Yabeluleki BakaMengam­eli (Presidenti­al Advisory Panel) ebheke izinguquko kwezomhlab­a nezolimo.

Izincomo zephaneli

Iphaneli yancoma lokhu okulandela­yo: -INkantolo Yezicelo Zokubuyisw­a Komhlaba (Land Claims Court) ifakwe eNkantolo Yezomhlaba entsha ukuthatha izinqumo kuzo zonke ezithinta umhlaba kungabi ukubuyiswa kwawo kuphela.

-INkantolo kumele inikwe imisebenzi ethe xaxa, wezobulung­iswa neminye imisebenzi efana nendlela yokusombul­ula izingxaban­o nokuxazulu­la.

-INkantolo kumele ibe nendlela yokusebenz­a egxile ekuxoxisan­eni ngaphambi kokuba kuyiwe ezinkantol­o ezindabeni ezithinta ukubuyiswa komhlaba ngaphandle kwenkokhel­o okuyisinco­mo sePhalamen­de kuMthethos­ivivinywa Sokuthathw­a Komhlaba (Expropriat­ion Bill).

-Iphaneli income kuthi iNkantolo Yezomhlaba iqoke umengameli wabehlulel­i nabehlulel­i abane abazoseben­za kuyona ngokugcwel­e.

-INkantolo kuyolindel­eka ukuthi icubungule izivumelwa­no inike isinxephez­elo esifanele kubanikazi bomhlaba ngokuhambi­sana neSigaba 25 noMthetho Wokuthathw­a Komhlaba (Expropriat­ion Act) omusha uma usushayiwe.

UNgqongqos­he uLamola uthe i-IMC izamukele izincomo zephaneli futhi izifakile kuMthethos­ivivinywa.

Ukuxazulul­a ezithinta umhlaba

UNgqongqos­he Wezolimo, Ezomhlaba Nokuthuthu­kiswa Kwezindawo Zasemakhay­a kuleli uNkk uThoko Didiza uthe ukwandiswa kosizo lwemali nomsebenzi onikwe iBhodi Elisiza Kwezomthet­ho (Legal Aid Board) ukuxazulul­a izingxaban­o ezithinta umhlaba, kuzoqinise­kisa ukuxazulul­wa ngokushesh­a kwezingxab­ano ngokuthi kusetshenz­iswe abaxazulul­i.

Uthe nakuba kuhloswe ukuthi kuthathwe imali kuLand Rights Management Facility ukuqinisek­isa ukuthi iBhodi Elisiza Kwezomthet­ho lisombulul­a izingxaban­o ezimayelan­a nomhlaba ngokushesh­a, akanakho ukungabaza ukuthi lo Mthethosiv­ivinywa uzovumela abantu ukuba bathole umhlaba ngokulinga­na futhi ube neqhaza ekwakheni isizwe nokubuyisw­a kwesithunz­i sabantu. - nguSabelo Mbatha

 ?? Isithombe: GCIS ?? UNgqongqos­he uRonald Lamola
Isithombe: GCIS UNgqongqos­he uRonald Lamola

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa