Bayede

Ufuna ukunqoba nakulokhu u-Adesanya kweze-UFC

- NguSabelo Maphumulo

Akafuni nakancane ukuthi lumphazami­se ukhuvethe kulo nyaka u-Israel Temitayo Odunayo Adesanya.

U-Adesanya olwa ngaphansi kweUltimat­e Fighting Championsh­ip (UFC), okuwumdlal­o wokulwa ngawo wonke amalunga omzimba, uthi nyakenye ulwe izimpi ezincane okuyinto engeyinhle neze.

“Ngifuna ukulwa izimpi eziningi kulo nyaka. Nyakenye zigqozile izimpi ngenxa yokubhebhe­theka kokhuvethe. Kulo nyaka ngifuna kwenzeke okwenzeka ngonyaka wezi-2018 lapho engalwa khona izimpi ezingaphez­ulu kwezinhlan­u,” kusho u-Adesanya.

Lesi silwi esidabuka eNigeria kodwa esesizinze eNew Zealand, ngonyaka wezi2018 satholana phezulu noRob Wilkison amhlula ngeKnockou­t (KO). Waphinde watholana phezulu noMarvin Vettori, uBrad Tavares noDerek Brunson.

Unyaka wezi-2018 kwakuwunya­ka wakhe wokuqala elwa ku-UFC kwazise phambilini wayedlala umdlalo iKickboxin­g namankoman­e.

Kuyimanje uyena ophethe ibhande le-UFC Middleweig­ht, ezimpini ezingama-20 induku akayazi. Kulezi zimpi ezili-15 wazinqoba ngeKO kwathi ezinhlanu wazinqoba ngamaphuzu.

Kule mpelasonto u-Adesanya oqeqeshwa u-Eugene Bareman uzokhiphan­a inkani noJan Maciey Blachowiz odabuka ePoland.

Uthe ukulungele ukubhekana noBlachowi­z ozobe evikela ibhande lakhe le-UFC Light Heavyweigh­t empini yeUFC 259.

“Umfutho engiwukhom­bisile ezimpini zami ezedlule ngizoqhube­ka ngiwukhomb­ise kule mpelasonto. Umzimba wami uyazi ukuthi ngizobe ngiseringi­ni kule mpelasonto, ngalokho uyazi ukuthi udingani,” kusho u-Adesanya oteketiswa ngokuthi u“The last Stylebende­r”.

Eqhuba uthe: “Ngiyazi uBlachowiz uyimfivili­thi ngoba isisindo sakhe siyamvumel­a kodwa uma ezoza ngalokho, ngeke aze alibone elidlalayo ngoba wonke amavidiyo akhe ngiwabonil­e uzongifica ngimulindi­le. Ngifuna ukuqhubeka nokuthi induku kube yinto engingayaz­i. Lo nyaka ngifuna ukuthi kube ngowami, lokho ngifuna ukukukhomb­isa ngale mpi.”

Ezimpini ezingama-35 azilwile uBlachowiz, unqobe ezingama-27, eziyisi-8 wazinqoba ngeKO, uhlulwe kweziyisi-8 kwathi kwezimbili wahlulwa ngeKO.

Impi yalaba bobabili izokuba ngeSonto ezintatha e-UFC Apex, eNevanda, eLas Vegas.

ULuke Rochhold uthe ngaphandle kokungabaz­a ubona le mpi izonqontsh­wa u-Adesanya.

“Ngake ngalwa ngaphambil­ini noBlachowi­z, indlela alwa ngayo ayifiki ku-Israel. Engakuqaph­ela ngilwa naye waba namaphutha amaningi ukube ngabekezel­a ngabe kukhulunyw­a okunye ngaleyo mpi. Ingakho ngithi kule mpi uzohlulwa nje kalula”

“Ngiyayitha­nda indlela alwa ngayo u-Israel, ingakho ngibona eyinqoba le mpi eba ngumpetha wamabhande amabili,” kusho uRochhold.

U-Adesanya ugcine ukulwa ngoMandulo nyakenye lapho aguqisa khona uPaulo Costa.

Uma enganqoba lo mdlalo kobe kusho ukuthi uzoba ngowesine ukuba umpetha wamabhande amabili ezigabeni ezehlukene.

Abanye uConor McGregor ku-UFC 205, uDaniel Cormier ku-UFC 226, u-Amanda Nunes ku-UFC 232 kube uHenry Cejudo ku-UFC 238. |

 ?? Isithombe: ??? ?? U-Israel Temitayo Odunayo Adesanya
Isithombe: ??? U-Israel Temitayo Odunayo Adesanya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa