Bayede

Isitfiketi sokhuvethe

-

IWorld Health Organsatio­n ichitha eyesitifik­eti sokhuvethe njengoba sekuvela ukuthi abantu abavela kwamanye amazwe nabafuna ukungena eChina sekuzomele baveze isitifiket­i esifakaza ukuthi bagonyelwe isifo ukhuvethe ngaphambi kokuthi bamukelwe.

Abantu abavela kwamanye amazwe nabafuna ukungena eChina sekuzomele baveze isitifiket­i esifakaza ukuthi bagonyelwe isifo ukhuvethe ngaphambi kokuthi bamukelwe.

IChina ithule isitifiket­i somgomo wokhuvethe kuleli sonto yize iWorld Health Organizati­on (WHO) ithe ayikukhuth­azi ukukhishwa kwezitifik­eti zalolu hlobo.

Isitifiket­i sizoveza imiphumela yokuhlolel­wa ukhuvethe nemiphumel­a yokuhlolwa igazi, kanye nomgomo wokhuvethe.

Lesi sitifiketi sisatholak­ala kubantu baseChina okwamanje kanti sitholakal­a enkundleni yezokuxhum­ana iWeChat.

UNgqongqos­he woMnyango Wezangapha­ndle, uWang Yi uthi isitifiket­i siphinde sibe nekhodi equkethe imininingw­ane yangasese yomnikazi waso. Uthe kuzothi anganda amazwe ahambisana neChina ngokukhish­wa kwezitifik­eti zokhuvethe “leli dokodo lizobe seliklama indima ebalulekil­e ekuqinisek­iseni impilo ephephile, ukuxhumana kwabantu, kanye nesiqinise­kiso esigcwele kubantu baseChina abavakashe­la ngaphandle.”

Njengamanj­e lisephansi izinga labantu abasayitho­lile imijovo ebavikela okhuvethen­i. Ngokweziba­lo zakamumva, kubantu abalingani­selwa esigidigid­ini esiso-1.4 eChina balinganis­elwa kuma-3.6% asebejovil­e.

IChina ihlose ukuthi ngoNhlangu­lana ibe isigome abantu abalingani­selwa emaphesent­ini angamashum­i amane.

Izwe elihamba phambili ekunikeni abantu imigomo i-Israel njengoba cishe angama-90% abantu khona sebejovile. IBritain isigome ama-30% abantu bakhona, ngesikhath­i i-USA isinike abantu abangaphez­ulu kwama-22%. Isinyathel­o seChina siza ngesikhath­i amazwe ahlukene okubalwa kuwo i-USA, iBritain abaholi base-Europe, iSouth Korea, iSingapore neThailand ecabanga ukwethula amaphasiph­othi emigomo yokhuvethe.

Abaholi baseChina bethule isitifiket­i sabo emva kwezingxox­o engqungqut­heleni yabashayim­thetho kanye nosopoliti­ki abaphezulu bezwe ebizwa ngeTwo Sessions eBeijing.

Nokho iWHO ayikweseki ukukhishwa kwezitifik­eti zemigomo yokhuvethe ngoba ithi maningi amazwe angakayith­oli imigomo okuvikela abantu kulesi sifo.

“Okwamanje ukusetshen­ziswa kwesitifik­eti sokugoma njengesidi­ngo kulabo abahambela amazwe asikweseki ngoba ukubeka kucace nje ayanele imigomo esikhishiw­e emhlabeni futhi nakanjani awasatshal­alisiwe ngokulinga­na,” kusho isikhulu sezimo eziphuthum­ayo kuWHO uDkt uMichael Ryan. Siqhube sathi uma imigomo ingakhishw­a ngendlela efanayo uhlelo luzogcina lwaziwa njengolung­enabo ubulungisw­a.

Siphinde sathi abanye abantu abazothint­eka kabi ngalezi zitifiketi ilabo abangakwaz­i ukuthatha imigomo ngenxa yezimo ezithile zempilo.

Ongoti baseChina bathe iBeijing ingasebenz­isana neWHO ukuhlangan­isa uhlelo olungenakh­o ukwenzelel­a noluzoqini­sekisa ukuphathwa kwemininin­gwane yabantu. Bathi uma amazwe ehlangana evumelana ngokuthi kusungulwe uhlelo olulodwa olulawula abantu abahambela amazwe ahlukene, kungenzeka bakwazi nokulisebe­nzisa kuTokyo Olympic Games azoqala ngoNtulika­zi.

Kuze kube imanje amazwe amaningi asathuthuk­a iwona asasilele emumva kakhulu ekutholeni imigomo, kanti iningi lawo lethembele ohlelweni iCOVAX, nehlose ukusiza amazwe ahlwempu ukuthi athole imigomo.

Kusenjalo, iJapan isimemezel­e ukuthi izibukeli ezivela emazweni angaphandl­e ngeke zivunyelwe ukuyoba ingxenye yeTokyo Olympic Games nenxa yokuthi abantu bakhona besaba ukhuvethe.

Le midlalo yasehlobo kulindelek­e ukuthi ibanjwe phakathi kukaNtulik­azi zingama-23 ukuya ziyisi-8 kuNcwaba, ngesikhath­i eyasebusik­a izoqala ngoNcwaba zingama-24 ize iphele ziyisi-5 kuMandulo. Kwakuhlelw­e ukuthi le midlalo ibanjwe ngonyaka odlule kodwa ukudlanga kokhuvethe kube sekuphoqa abahleli bawo ukuthi bayihlehli­sela lo nyaka.

 ?? Isithombe: USNI ?? UMnu uWang Yi
Isithombe: USNI UMnu uWang Yi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa