Nakulokhu amaphoyisa akuleli azininde ngendle yawo
Ukubulawa kwesakhamuzi embhikishweni wabafundi kufuze imilando emidala
Kubazali nabafundi lesi yisikhathi esimqoka. Yisikhathi lapho abafundi bethola imiphumela yabo. Kanti khona manjalo labo bafundi abaphumelele basuke bebhekise amabombo kwangqondonkulu.
Nokho okunye osekuwumkhokha ngalesi sikhathi yimibhikisho yabafundi abasuke benesiqubulo esisodwa – imfundo yamahhala.
Ngeshwa lokhu kuvame ukuphetha kabi njengoba kuba phakathi kokuthi kubhujiswe ingqalasizinda ngenhlalisuthi nangomlilo, kuboshwe abafundi noma njengoba kwenzekile kuleli sonto kusale abathile enkundleni. Kulo nyaka uMnu uMthokozisi Ntumba ube ngowokuqala ukusala enkundleni. Okube yishwa wukuthi ubezihambela nje wabe esethola amachaphazelo. Ukubuka isidumbu sakhe sidindilizile emuva kokudutshulwa ngamaphoyisa kuvuse intukuthelo ezweni nayilapho amaphoyisa esolwe ngokuqinisa isandla kubabhikishi.
Lesi simo sibukeka sizofaka ingcindezi kuwo amaphoyisa osekuvele kunokukhuluma ukuthi nxa kungababhikishi boHlanga isandla siyaqina.
Emi phambi komuzi kamufi uNgqongoqoshe Wamaphoyisa uBheki Cele uvumile ukuthi lesi senzo sokubulawa kukaNtumba asichazeki futhi kasivikeleki. NoMengameli uRamaphosa uhambe kulawo magama kanjalo namaqembu aphikisayo nezinhlangano zabafundi.
Uphenyo ngalesi sigameko seluqalile njengoba luqhutshwa ngabe-IPID, okuluhlaka olwelusa ukuziphatha kwamaphoyisa. Kuvele nokuthi abenzi bobubi babususile ubufakazi obuthile nokho kuvele nokuthi ikhona imifanekiso yamavidiyo eveza iziwombe kanjalo nalesi lapho umufi ethelwa othulini.
Akuqali ukuba amaphoyisa azithole esesolwa njengoba naseMarikana asolwa kanjalo nangezikhathi zomlenze wokuqala wokhuvethe wona kanye namagumgedlela basolwa kakhulu ngokuqinisa isandla emalungwini omphakathi. Ukwesaba-ke wukuthi lesi singameko singahle sizale ezinye ezweni lonke.