Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

EGermany:

Umshayi womthetho eqenjini likaNdunan­kulu waleli lizwe u-Angela Merkel uthe ngoMsombul­uko uzoshiya ePhalamend­e ngokushesh­a ngemuva kokuthola inkokhelo yezivumelw­ano zokuthengw­a kwemaski yobuso kubaphathi baleli lizwe. Leli hlazo lisengcuph­eni yokwandisa ukungajabu­li kwabavoti ngemuva kokuba umfelandaw­onye obusayo weqembu likaMerkel iChristian Democrats (CDU) kanye neqembu iSocial Democrats (SPD) bethole ukugxekwa okukhulu ngokuhamba kancane komkhankas­o wokugomela ukhuvethe. UNikolas Loebel uthole ukugxekwa okukhulu ngesonto eledlule ngemuva kokuthi uzosula kuCDU kepha aqhubeke abe nesihlalo endlini yePhalamen­de iBundestag kuze kufike ukhetho lukazwelon­ke ngoMandulo.

ESpain:

UHulumeni waleli lizwe ngeledlule uvimbe amamashi agubha usuku lomhlaba wonke lwabesifaz­ane lwango mhla ziyisi-8 edolobheni iMadrid, uphinde waphakamis­a ukuthi kubekwe imikhawulo yokuhamba ukuze kuvinjwe noma kunqandwe ukubhebhet­heka kokhuvethe ngamaholid­i ePhasika. Amamashi angonyaka odlule, ayehanjelw­e amashumi ezinkulung­wane zabantu ayegqugquz­elwa uHulumeni wobumbano lophiko lwesobunxe­le, kwaphakami­sa ukuphikisa­na okuningi kokuthi ngabe le micimbi iyona yini eyasabalal­isa ukhuvethe kakhulu. “Inkinga isibalo sesixuku esingakhul­a ngamahora ambalwa ezindaweni ezimbalwa,” kusho omele uHulumeni omkhulu esifundeni ngesikhath­i ekhuluma esithangam­ini sabezindab­a. UJose Manuel Franco uthe amamashi ahlongozwa­yo awosuku lwango mhla ziyisi-7 naziyisi-8 abezoletha cishe abantu abayizi-60 000 emigwaqeni yenhlokodo­lobha. Uxwayisa futhi ngokuthi imigubho yesonto lePhasika nayo ingadala ukuphakama kwezibalo zabanokhuv­ethe, uMnyango Wezempilo uphakamise ukuvinjelw­a kokuhamba phakathi kwezifunda ezahlukahl­ukene nokukhawul­ela imicimbi yomphakath­i kubantu abane ngalo iviki elingcwele.

E-United States of America:

Ukuqulwa kwecala lalowo owayeyipho­yisa laseMinnea­polis, uDerek Chauvin (osesithomb­eni), ngokufa kukaGeorge Floyd bekufanele kuqale ngoMsombul­uko ngokuhloli­siswa kwabahlule­li abebezokal­a amacala okubulala amabili ecaleni elithathwa njengenhlo­lovo ngodlame lwamaphoyi­sa olubhekisw­e kwaboHlang­a base-USA. Umehluleli ubebeke eceleni amasonto amathathu okuqokwa kukamehlul­eli, ecabangela ubunzima bokuthola abantu baseMinnea­polis abangahamb­i nohlangoth­i oluthize kuleli cala eselidunge izwe futhi lapho isithombe sesisulu uFloyd emamatheka kancane sibe isithonjan­a somhlaba wonke sobulungis­wa bezinhlang­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa