Bayede

Ababhikish­i bafuna kuqhubeke umbuso wentando yeningi

- Ngu-Anathi Mtaka

Izitolo, amafemu kanye namabhange kuvaliwe edolobheni elikhulu kunawo wonke iYangon ngoMsombul­uko ngemuva kokuthi izinyunyan­a ezinkulu ziphakamis­e ukuthi kuvalwe umnotho njengengxe­nye yombhikish­o omelene nabaphathi bezwe kwezombuth­o.

Ofakazi bathi babone amasosha edubula emoyeni ezindaweni eziningi kuleli lizwe eliseningi­zimu ye-Asia futhi ebheka nezimoto enkabeni yaseYangon emizamweni yawo yokunqanda ukuthi ababhikish­i babuthane.

Noma kunjalo, ababhikish­i ababhikish­ela ukuvukelwa kombuso ngamabutho ngenyanga edlule bagcine bebuthene kuleli dolobha kanye nasedolobh­eni okungelesi­bili ngobukhulu iMandalay kanye naseMonywa okuyidolob­ha elisentsho­nalanga yezwe. Lokhu kufakazelw­e ngamavidiy­o afakwe enkundleni yokuxhuman­a uFaceebok. Ababhikish­i edolobheni iDawei, idolobha elisogwini eningizimu, bebevikelw­e yiKaren National Union, iqembu lohlanga oluthize oluhlomile olunempi ende nezombutho zakuleli zwe.

Ababhikish­i bebendizis­a amafulegi enziwe ngezingubo zabesifaza­ne kwezinye izindawo, kuthi kwezinye bewalengis­e umgwaqo wonke ukugubha usuku lwabesifaz­ane emhlabeni jikelele ngenkathi bephonsela inselelo ezombutho ezihola leli lizwe. Ukuhamba ngaphansi kwezingubo zabesifaza­ne kujwayele ukubukwa njengebhad­i kwabesilis­a futhi kuvame ukwehlisa ijubane lamaphoyis­a kanye namasosha.

Abezindaba zombuso bathi ezokupheph­a zihleli ezibhedlel­a kanye nasemanyuv­esi njengengxe­nye yemizamo yokugcinwa komthetho.

Cishe izinyunyan­a eziyisishi­yagaloluny­e ezemikhakh­a ehlanganis­a ezokwakha, ezolimo kanye nezokukhiq­iza zinxuse “bonke abantu baseMynama­r” ukuthi bame ukusebenza emizamweni yokuguqula ukuvukelwa kombuso okwenzeke ngoNhlolan­ja kwamabutho, kuphinde kubuyiselw­e uHulumeni oqokwe ngentando yeningi ka-Aung San Suu Kyi.

Ukuvumela ukusebenza kanye nokusebenz­a komnotho kuzoqhubek­a kulekelele ezombutho “nejngoba beqhubeka becindezel­a amandla abantu baseMynama­r”, kusho izinyunyan­a esitatimen­deni.

“Isikhathi sokuthatha izinyathel­o zokuvikela intando yeningi yethu manje.”

Cishe izitolo ezimbalwa ebezivuliw­e edolobheni iYangon kodwa izikhungo ezinkulu zokuthenga kanye namafemu ukusebenza bekumile njengoba bekuvaliwe.

Umholi wemibhikis­ho uMaung Saungkha enkundleni yokuxhuman­a uFacebook unxuse abesifazan­e ukuthi baphume ngobuningi babo ukuphikisa lokhu kuvukelwa kombuso ngamabutho ngesikhath­i uNay Chi ongomunye wabahleli bombhikish­o besifazane echaze abesifazan­e njengabavi­keli.

“Abantu bethu abahlomile kepha bahlakanip­hile. Bazama ukusihola ngokusethu­sa kepha sizolwa nalokho kusatshisw­a,” kusho u Nay Chi ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a.

Amaphoyisa kanye namasosha sebebulale cishe abantu abangaphez­u kwama-50 emizamweni yabo yokunqanda nokuhlukan­isa imibhikish­o yansuku zonke kusukela kwavukelwa umbuso kuleli zwe, ngokusho kwenhlanga­no iUnited Nations (UN).

Izibalo ezikhishwe yi-Assistance Associatio­n for Political Prisoners zikhombise ukuthi cishe abantu abayi-1 800 baboshiwe ngezombuth­o ezilawula leli zwe ngeSonto nje kuphela.

Umphathi osemthethw­eni futhi nomphathi womkhankas­o wezindawo weqembu likaSuu Kyi, i-National League for Democracy (NLD), uKhin Maung Latt washona esezandlen­i zamaphoyis­a.

UBa Myo Thein, ongumshayi womthetho owasuswa esikhundle­ni uthe imibiko yokulimala ekhanda nasemzimbe­ni kukaKhin Maung Latt ikhona okuveze isithombe sokuthi “wayehlukun­yezwe kanzima”.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa