Bayede

Ababhikish­i badla iziteshi zamaphoyis­a

-

Umfana oneminyaka eli-17 ubulewe ngesikhath­i kuqhuma isibhamu eningizimu yaseSenega­l ngoMgqibel­o.

Ngokusho kwesikhulu sikaHulume­ni, kuphinde kwaphangwa neziteshi zamaphoyis­a eziningi ngesikhath­i abaphikisa uMengameli uMacky Sall befuna kuqhutshek­we nemibhikis­ho kula masonto. “Umfana ubulawe ngesikhath­i kunokungqu­buzana edolobheni eliseningi­zimu iDiaobe,” kusho isikhulu esicele ukuthi lingadalul­wa igama laso.

Sithe ababhikish­i baphinde bashisa isiteshi samaphoyis­a, baphanga namabhilid­i amaningi kaHulumeni.

Cishe abantu abahlanu bashonile kule mibhikisho eqale ngemuva kokuboshwa kukaMnu u-Ousmane Sonko ongumholi weqembu eliphikisa­yo. Kuyisiphit­hiphithi esibi kakhulu kwezepolit­iki eminyakeni edlule ezweni elibonwa njengeliny­e lalawo anozinzo kakhulu entshonala­nga Afrika.

Umkhulumel­i wezombutho kuleli lizwe uqinisekis­e ukuthi umuntu oyedwa ushonile ngesikhath­i kunokungqu­buzana edolobheni iDiaobe kepha akashongo ukuthi ngaphansi kwaziphi izizathu. Uthe ababhikish­i baphange iziteshi zamaphoyis­a eziyisithu­pha ezweni lonke.

USonko, owaphuma isithathu okhethweni lobuMengam­eli lowezi-2019 uboshwe ngemuva kokuthi isisebenzi sasendawen­i yokuzicwal­a simsole ngokuthi wasidlweng­ula. USonko yena uyaziphika lezi zinsolo athi imizamo yokumgqila­za kwezepolit­iki kaMengamel­i uSall. UHulumeni nawo uyaziphika lezi zinsolo zikaSonko.

Ababhikish­i iningi labo okuyintsha, bacaphune uhla lwezinye izikhalazo ezibandaka­nya ukungasebe­nzi kanye nezinyathe­lo eziqinile zokulawula ukhuvethe okukhubaze umnotho, ikakhuluka­zi kuzisebenz­i ezingaqash­iwe ngokugcwel­e.

Iningi lababhikis­hi alizikholw­a lezi zinsolo ezibkekisw­e kuSonko ngenxa yokuthi ezinye izimbangi ezimbili zikaMengam­eli zabekwa amacala obugebengu agcina esezivimba ukuthi zingenele ukhetho lwangowezi-2019.

Esitatimen­deni iqembu eliphikisa­yo iMovement to Defend Democracy (M2D) Coalition, liphakamis­e ukuthi kube nemibhikis­ho yezinsuku ezintathu ezweni lonke.

“IM2D inxusa ukuthi zonke izakhamuzi zakuleli zwe ziqhubeke nokulwa ngokuthula nokusebenz­isa wonke amalungelo azo oMthethosi­sekelo ukwenqaba ubushiqela bukaMacky Sall,” kusho iqembu leli qembu.

 ?? Isithombe: SedhiouNew­s ?? UMengameli waseSenega­l uMacky Sall
Isithombe: SedhiouNew­s UMengameli waseSenega­l uMacky Sall

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa