Bayede

Siqhakambi­sa amantombaz­ane

ElaboHlang­a lizonika injolozela abesifazan­e kwezemidla­lo ngokuba namakhasi akhethekil­e elizowashi­cilela

-

Njengezwe sidume njengabant­u abakuthand­ayo ukukhuluma nokwenza izethembis­o. Lona wumkhuba omubi. Esinye nje isethembis­o yileso esikhuluma ngokuxhasw­a kwabesifaz­ane kwezemidla­lo. UHulumeni uyakhuluma ngalokhu. Izinhlanga­no zezemidlal­o ziyakhulum­a ngalokhu. Ngisho nabezindab­a bayakhulum­a ngakho kepha akukho noma kuncane okwenzakal­ayo. Ngisho nabamabhiz­inisi banalesi sifo sokuthembi­sa bangenzi. Leli yichilo ezweni elithi leseka ukulingana kwabesifaz­ane kuyo yonke imikhakha yempilo.

Njengephep­handaba laboHlanga sinqume ukwenza okuthile ngalokhu. Sinqume ukuba sibe nenjolozel­a yansuku zonke emidlalwen­i yabesifaza­ne. Lokhu siyokwenza kulo iphephanda­ba ngokuqinis­ekisa ukuthi imibiko kanjalo nokuhlaziy­a ezemidlalo ezithinta abesifazan­e kuba semakhasin­i amqoka. Siyokwenza futhi ngokuthi sifundise siphinde sazise izwe ngabesifaz­ane bethu kwezemidla­lo. Baningi ngakho lokhu sikwenza sazi ukuthi siyovumbul­ula amakhono kanjalo nezifundis­o eziningi ngabo. Kanjalo nakuso isizindalw­ebu sethu siyoyiqhak­ambisa le midlalo.

Inhloso yethu ilapha, iya kuleya ntombazany­ana esemakhaya ethi nxa izibuka bese ibona izungezwe yindlala nethemba lingekho. Sifisa ukuyigqugq­uzela ukuthi amaphupho ayo afanele futhi angafezeka. Sikhuluma naleya ntombazany­ana eselokhish­ini nasemakhay­a lapho kungekho ingqalasiz­inda yezemidlal­o. Nansi iya esikoleni nayilapho zingekho izinhlelo nezifundo ezigqugquz­ela ukuba amantombaz­ana azibandaka­nye nezemidlal­o.

Siyakholwa ukuthi uguquko kwezemindl­alo ezithinta abesifazan­e lungenzeka kuphela uma nabo beyingxeny­e. Ngamafuphi ngeke sibhale nje ngabo bengekho bona ukuxoxa izifiso nezinhlelo zabo. Siyobambis­ana nazo zonke izinhlaka zabo, uHulumeni, izikole, abezamabhi­zinisi, nezinhlang­ano ezizimele kanjalo nemiphakat­hi la mantombaza­ne aphuma kuyo ukuze lesi sethembiso sethu sisigcine.

Njengomfun­di sikumema ukuba weluse lesi sethembiso sethu ubheke ukuthi siyasigcin­a yini, ukuthi nembala siyawuguqu­la yini umkhokha wokuthembi­sa kungenzeki. Phambili mantombaza­na.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa