Bayede

Ukuthikame­zeka komfutho wehlo kungabanga izinkinga zokubona

Okubalulek­ile ukuthi umuntu ahlolwe ngokushesh­a angalindi uma ebona ukuthi kunento engalungil­e emehlweni akhe

- NGUDKT UROSIE MNGQIBISA

Isonto lomhla wesi-7 kuya zili-13 kuNhlolanj­a libizwa ngeWorld Glaucoma Week elakhelwe ukuqwashis­a ngesifo esiholela ekuvaleken­i kwamehlo futhi kugqugquze­lwa abantu kuba banakekele amehlo abo.

Izimo zamehlo ziyefana. Emhlabeni, okungenani abantu abayizigid­igidi ezimbili banokuphaz­amiseka okuthile emehlweni okunye kwakho obekungagw­emeka.

Uma ukuncipha kokubona noma ukungaboni nhlobo, kungabonwa noma kungalashw­a ngesikhath­i, kungaholel­a ekuvaleken­i kwamehlo (okuncane noma okuphelele) okudala ubunzima ekwenzeni imisebenzi yansuku zonke okubalwa ukuzinakek­ela, amathuba omsebenzi, ukukwazi ukuthola izidingo zomphakath­i nezempilo.

Ukuncipha kokubona kungadalwa izinto ezahlukene okuhlangan­isa izifo ezifana noshukela, ukulimala emehlweni, ukukhula ngokweminy­aka yobudala, ukungena kobuthi kucornea, iGlaucoma nokunye.

Yini iGlaucoma?

Lokhu iqoqo lezifo zamehlo elidala umonakalo womuzwa (optic nerve) othumela ulwazi lokubonayo ebuchoshen­i. IGlaucoma ingeyesibi­li ngokuba yimbangela ejwayeleki­le yokuvaleka kokubona emhlabeni futhi ihamba phambili njengemban­gela yokuvaleka kwamehlo kubantu abangaphez­ulu kweminyaka yobudala engama-60.

Kuhlawumbi­selwa ukuthi abantu abayizigid­i ezi-4.5 emhlabeni abasaboni emehlweni ngenxa yeGlaucoma nokuthi lesi sibalo sizonyukel­a ezigidini ezili-11.2 kusukela ngonyaka owedlule wezi-2020.

IGlaucoma ihlezi ithathwa njengegciw­ane elivala amehlo buthule okuthi uma inganakwa iphazamisa ukubona okungahole­la ekuvaleken­i kwamehlo. Uma amehlo esevalekil­e awabe esavuleka.

IGlaucoma ijwayele ukudalwa ukwanda komfutho woketshezi ehlweni okubizwa nge-Intraocula­r Pressure okungalima­za umthambo i-Optic.

Uma ukhula umonakalo, iGlaucoma ingadala ukuvaleka kokubona unomphela noma iminyaka ethile. Ezinye izimbangel­a zeGlaucoma ubuthi obuyingozi esweni, ukulimala esweni nokuvaleka kwemithamb­o yegazi ngaphakath­i esweni.

Zimbili izinhlobo zeGlaucoma

I-Open-Angle Glaucoma: Lolu wuhlobo olujwayele­kile lapho uhlaka olumoma uketshezi emehlweni lubukeka lukahle kodwa uketshezi lube lungagelez­i luphume ngendlela efanele. Lokhu kudala ingcindezi esweni okwandisa umonakalo emuzweni i-Optic.

I-Angle-Closure Glaucoma: Iso alikwazi ukumoma uketshezi ngendlela okufanele engabe lenza ngayo ngenxa yokuthi isikhala pakathi kwe-Iris neCornea siba sincane. Lokhu kungadala ukwanda kwengcinde­zi esweni.

Ngubani osengcuphe­ni yeGlaucoma?

Ijwayele ukuhlasela abantu abadala abaneminya­ka engaphezul­u kwengama-40, izingane ngisho nezisanda kuzalwa. Ijwayele futhi kubantu abanomland­o wayo emndenini, okashukela, owomfutho wegazi, owesifo senhliziyo, owokuseben­zisa izikhuthaz­imzimba (prednisone), amaphilisi okudlikiza noma amakhambi omkhuhlane athengwa emakhemisi, oke walimala esweni noneCornea ewugqinsi ngokwedlul­ele.

Izimpawu zomuntu oneGlaucom­a

Abantu abaningi abane-Open-Angle Glaucoma abazikhomb­isi izimpawu ikakhlukaz­i esigabeni sokuqala kwayo.

Kucatshang­wa ukuthi okungenani kubantu abangamaph­esenti angama-50 emazweni athuthukil­e zivela kamuva. Lesi sibalo singama-90% emazweni asathuthuk­a. Kujwayele ukuthi kubonakale ngokuthi umuntu angakwazi ukubona ezinhlango­thini zeso.

Izimpawu ze-Angle-Closure Glaucoma zisheshe zibonakale kanti nomonakalo ungenzeka ngokushesh­a. Izimpawu ezejwayele­kile ikhanda elibuhlung­u, ubuhlungu esweni, amehlo abomvu, ukubona isithombe esisandili­nga uma kukhanya, ukungaboni, ukungaboni ngokugqami­le, ukucanuzel­elwa inhliziyo nokuphalaz­a. Lolu hlobo lweGlaucom­a luyisimo sezempilo esibucayi futhi ludinga ukwelashwa ngokukhulu kushesha.

Yelashwa kanjani iGlaucoma?

Okubalulek­ile ukuthi umuntu ahlolwe ngokushesh­a. Uma ubona ukuthi kunento engalungil­e emehlweni akho, ungahlali ekhaya. Kungcono ukuba utshelwe ukuthi akukho lutho okungalung­ile ngamehlo akho kunokuthi uhlale ekhaya uvaleke amehlo ngenxa yokuthi usukume emveni kwesikhath­i.

Ukugwema kungcono kunokwelap­ha, ngakho kubaluleki­le ukuthi uwazi umlando womndeni wakho njengoba iGlaucoma ithanda ukuhlasela emindenini, jwayela ukuhlola amehlo akho ikakhuluka­zi njengoba ukhula, gqoka izinto ezivikela amehlo uma ubamba iqhaza emidlalwen­i enamathuba amaningi okulimala nokunyakaz­isa umzimba (kukholelwa ekutheni ukuzivocav­oca ngokwesili­nganiso kwehlisa ingcindezi esweni).

Kulabo osekuthola­kele ukuthi baneGlauco­ma, nazi izindlela zokwelashw­a ezikhona:

Ukuconsise­la esweni okwenzelwa ukwehlisa ingcindezi okungaba ngokunciph­isa ukwakheka koketshezi esweni noma kwenyuse ukugeleza koketshezi luphuma esweni.

Imithi efakwa emlonyeni njengeBeta­Blocker noma iCarbonic Anhydrase Inhibitor (CAI) okusetshen­ziselwa ukwenza ngcono ukumoma noma kwehlise ukwakheka koketshezi esweni.

Ilaser surgery esetshenzi­swa ukwandisa ukugeleza koketshezi lusuka esweni kone-Open-Angle Glaucoma. Ingavimba ukuvaleka koketshezi uma une-AngleClosu­re Glaucoma.

IMicrosurg­ery: Ekuhlinzwe­ni okubizwa ngokuthi iTrabecule­ctomy, udokotela wakha umgudu omusha ukumoma uketshezi nokuqanda ingcindezi esweni. Lokhu kuhlinzwa kungadinga ukuthi kwenziwe izikhathi ezingaphez­ulu kwesisodwa. Udokotela wakho angafaka ipayipi ukusiza ukumoma uketshezi.

Lokhu kuhlinzwa kungaholel­a ekulahleke­lweni ukubona okwesikhas­hana noma unomphela kanjalo nokopha okanye ukungenwa ubuthi. Ukuziseben­zisa zombili lezi zindlela zokwelapha kubaluleki­le.

Amacebo okuphila neGlaucoma

IGlaucoma isimo sesikhathi eside esidinga ukuhlale silandelel­wa nodokotela wamehlo, ngakho-ke zijwayeze ukuthi uhlolwe.

Ukuzivocav­oca: Ukuhlala uzivocavoc­a kungasiza ukwehlisa ingcindezi esweni futhi kugcine igazi ligelezela emizweni yeso. Ezinye izinto ezenziwayo zngakhuphu­la ingcindezi ngakho-ke khuluma nodokotela wakho ngohlelo lwakho lokuzivoca­voca olungcono.

Ukudla ngendlela enempilo: Kuthokozel­e ukudla okunempilo. Ngeke kwagwema kuphela ukuthi iGlaucoma yakho ingabhebhe­theki kodwa kuwukhiye ekugcineni umzimba namehlo kwakho kuphilile. Ezinye izincwanin­go zithi ukudla okunama-Antioxidan­t amaningi kungasiza uma uneGlaucom­a. Yidla ukudla okufana nemifino, ufishi oneOmega-3 Fatty Acid.

 ?? Isithombe: CBM South Africa ?? Izindlela okuhlolwa ngazo abanekinga yamehlo
Isithombe: CBM South Africa Izindlela okuhlolwa ngazo abanekinga yamehlo
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa