Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

ERussia:

UMengameli waleli zwe uVladimir Putin usesayinde umthetho ongamgcina esehhovisi kuze kube ngowezi-2036, kusho uHulumeni. Lo mthetho uyamvumela ukuthi akwazi ukungenela amanye amahlandla ambili uma sekuphela leli ngowezi-2024. Lokhu kulandela ukuguqulwa koMthethos­isekelo ngonyaka odlule. Lezi zinguquko zasekwa evotini lomphakath­i lomthetho omusha ongavumela uPutin oneminyaka engama-68 ukuthi ahlale esikhundle­ni aze abe neminyaka engama-83. Njengamanj­e uPutin usebenza ngaphansi kwehlandla lakhe lesibili kulandelan­a kodwa esewonke asemane. Lezi zinguquko abagxeki abaningi abathi ukuvukela uMthethosi­sekelo zahlangani­swa nolunye uhla lwezichibi­yelo obekulinde­leke ukuthi zithole ukwesekwa njengokuvi­kelwa kwempeshen­i. Umthetho osayindwe uPutin ukubeka ngokusobal­a ukuthi omengameli abasha bahlale amahlandla amabili ehhovisi, kepha kuqalisa noma kucima amahlandla asewaphath­ile. Lo mthetho futhi uvimbela nanoma ngubani owake waba nobuzwe bangaphand­le kwaleli zwe ukuthi afune esobumenga­meli. Lo mthetho usayindwe ezindlini ephansi nephakame zePhalamen­de ngenyanga eyedlule.

EJordan:

INkosana yakuleli zwe uHamza esiqophama­zwini esikhishwe ngoMsombul­uko izwakale ithi ngeke iyihloniph­e imiyalelo yezempi yokuthi ingaxhuman­i nabantu bangaphand­le ngemuva kokuboshel­wa endlini. Umfowabo omncane weNkosi u-Abdullah nowayeyind­lalifa esihlalwen­i sobukhosi uthe kulokhu okuqoshiwe, okukhishwe yiqembu eliphikisa­yo lakuleli zwe, ngeke enze lokhu okufunwa ngezombuth­o ngemuva kokuthi evinjelwe ukwenza noma imuphi umsebenzi futhi watshelwa ukuthi athule. Ngisho iNkosana uHamza ingabonwa njengosong­o oluqondile eNkosini, kepha izenzo zayo zikhombisa ukuthi ifuna ukuphakami­sa isikhundla sayo emphakathi­ni ngemuva kokuthi isuswe njengendla­lifa yobukhosi. “Impela ngeke ngilalele lapho bekutshela khona ukuthi awukwazi ukuphuma ukuthumela umyalezo (Twitter) noma ufinyelele kubantu kepha uvunyelwe ukubona umndeni kuphela. Ngilindele ukuthi le nkulumo ayemukelek­ile nganoma iyiphi indlela, ” kusho iNkosana uHamza. NgoMgqibel­o ezombutho zamkhuza ngezenzo zakhe zathi zibukela phansi “ezokupheph­a kanye nozinzo” lwakuleli zwe, iningi labantu abaphezulu nabo bebevalelw­e.

ETaiwan:

UNgqongqos­he Wezokuthut­ha kuleli zwe ngeSonto uthe ngeke abalekele umthwalo wakhe wezimfanel­o zengozi ehlasimuli­sa umzimba yesitimela yize isiphakami­so sakhe sokushiya phansi isikhundla sakhe sasinqatsh­iwe, phakathi kwemibuzo ebikhula ngokushoda kwezokuphe­pha okwakungab­a nomthelela kule nhlekelele. Engozini yesitimela embi kunazo zonke esiqhingin­i eminyakeni engamashum­i ayisikhomb­isa, kuvela ukuthi sekuqinise­kiswe ukuthi abantu abangama-51 bashonile negesikhat­hi isitimela sishayisa iloli eduze kwasedolob­heni iHualien ngoLwesihl­anu. Ekhuluma lapho kwenzeke khona lesi sigameko uNgqongqos­he uLin Chialung uthe ngeke “awugweme umthwalo wemfanelo”.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa