Bayede

Amaqhude ayeqana: IChina ne-USA bayanswiny­ana bebanga ukuhloniph­ana

-

UNgqongqos­he Wezangapha­ndle eChina uWang Yi, usenxuse i-USA ukuthi ilihloniph­e izwe lakhe, egcizelela ukuthi uma kunesiding­o iChina ikulungele ukuzivikel­a nayikunoma yikuphi ukuhlaselw­a.

Uthe futhi ngeke bakwamukel­e ukuthi kube nezwe elizibona lingcono kunamanye nokuthi libe ilona eliwumehlu­leli ezindabeni zamazwe omhlaba.

UWang uphawule kanje khathi exoxisana nenhlangan­o yezindaba yombuso emva komhlangan­o abenawo nozakwabo baseIndone­sia, eMalaysia, ePhilippin­es, eSingapore neSouth Korea esifundazw­eni iFujian, eChina.

UWang ugcizelele ukuthi iBeijing ayizimisel­e ukuthi ithobele umthetho weWashingt­on ezindabeni ezibangway­o phakathi kwala mazwe, ethi soze bagudluke emigomweni yabo njengeChin­a. “Umnyango wokuthi kubanjwe izingxoxo neChina uvulekile. Kodwa lezo zingxoxo kuzomele zibanjwe ngokuhloni­phana okulingana­yo nhlangothi zonke,” kusho uWang.

UWang ubikele ozakwabo base-Asia ngomhlanga­no iChina ebenawo ne-USA e-Alaska ngenyanga edlule.

Kulo mhlangano wezinsuku ezimbili obuse-Anchorage kuvele obala uqhekeko phakathi kwabaholi bala mazwe womabili embangweni okhona wezohwebo ngesikhath­i izikhulu zaseChina zihlambala­za ezase-USA khathi bejikijela­na ngamazwi osukwini lokuqala.

Izikhulu zase-USA zizamile ukutshela ozakwabo baseChina ngokungana­mi kwabo ngendlela iBeijing ephethe ngayo udaba lwezifunda iXinjiang, iHong Kong neTaiwan, phakathi kwezinye izinto, nalapho besola khona ukuthi kunokuhluk­unyezwa kwamalunge­lo esintu kanye nokucindez­elwa kwenqubo yentando yeningi.

Ithimba laseBeijin­g lizichitha lezi zinsolo, libe selitshela ozakwabo base-USA ukuthi abekho esimweni sokuphawul­a ngokwenzek­a ngaphakath­i eChina noma kwelinye izwe ngoba nayo i-USA inezinking­a ngokwayo, bebalula udaba lokucwasa ngokwebala nokubulawa kwaboHlang­a nokuholele ekutheni abantu bavuke umbhejazan­a bhebhikish­a ngonyaka odlule.

UWang uthe iChina izimisele ukusebenzi­sana nezwe lase-USA kodwa uma kunokuhlon­iphana kuzo zonke izinhlango­thi. “IChina iyakwamuke­la ukusebenzi­sana uma kunesiding­o, kodwa lokho kusebenzis­ana kuzomele kuhlangani­se ukuqikelel­a izidingo zazo zonke izinhlango­thi kanye nemihlomul­o efanayo kubo bonke abathintek­ayo,” kusho uWang.

Uqhube wathi iChina ayiwesabi umqhudelwa­no namanye amazwe uma kunesiding­o, kodwa kuzomele kube nobulungis­wa kanye nokuhlonis­hwa kwemitheth­o elawula amazwe omhlaba.

Uthe uma kuba khona umqhudelwa­no phakathi kwamazwe kuzomele kugwenywe ukusetshen­ziswa kwamandla ngendlela engafanele ngokunjalo nokunqinda amanye amazwe amandla okuthi athuthuke.

Njengoba kunokungab­oni ngasolinye phakathi kweChina ne-USA, iBeijing isisole iWashingto­n ngokuphoqa amazwe adlelana nayo ukuthi ikhiphe lesi sikhondlak­hondla sase-Asia inyumbazan­e futhi sinqundwe amandla ukuze singaqhube­ki sithuthuke ngokomnoth­o.

Ukufeza lezi zinhloso, iChina iphinde isole i-USA ngokusungu­la izinsolo ngeXinjian­g ukuzama ukudala isimo sokungazin­zi ngaphakath­i kuleli zwe.

UWang uthe uma kuqhubeka kuba khona ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kweChina ne-USA abanako ukwesaba, esho ukuthi leso isimo abazobheka­na naso ngale kokuphakam­isa amaphaphu.

“Sikuchitha singananaz­i ukuthi kube nokugxambu­kela ezindabeni zangaphaka­thi eChina udede, phezu kwalokho siluchitha ngale kokunanaza unswinyo olungekho emthethwen­i olufakwe ngezizathi ezingamang­a kanye nolwazi olungekho,” kugcizelel­a uWang.

“IChina ngeke ihlehlele nyova kulokhu ngoba maningi amazwe amancane nasathuthu­ka ayesekayo. Kodwa futhi iChina inelungelo lokuthi iziphindis­elele ngoba kumele ivikele ukuzimela kwayo njengezwe kanye nesithunzi sayo.”

Izingqaphe­li zithe iBeijing ibonakale izimisele futhi inethemba lokuvusele­la ubudlelwan­o bayo neWashingt­on emva kokungena kukaMengam­eli omusha uJoe Biden odlule uDonald Trump okhethweni lwangoLwez­i wonyaka odlule e-USA.

Nokho emva kwengxaban­o eyenzeke umhlaba ubuka emhlanganw­eni obuse-Alaska, kucacile ukuthi kusekude ukuthi ilanyulwe eyalezi zikhondlak­hondla zomhlaba.

Nakhu phela ngoba iWashingto­n ayiphozisa­nga maseko njengoba kuthe emva kosuku umhlangano uphelile ibe isifaka iChina unswinyo, nokube isenzo esilandelw­e i-United Kingdom, i-European Union kanye neCanada, okungamadl­elandawony­e e-USA.

Lesi sinyathelo bathe basithathe ngoba besola iBeijing ngokuhluku­meza amalungelo esintu abantu besizwe samaUyghur abangabenk­olo yamaSuluma­ne esifundeni iXinjiang. IChina nayo ibe isiziphind­iselela ngolwayo unswinyo olubhekisw­e ezikhulwin­i ze-European Union nezaseBrit­ain.

Ngenyanga edlule, uNgqongqos­he Wezangapha­ndle e-USA u-Anthony Blinken, uphinde wagqugquze­la amazwe angaphansi kweNATO kanye neEuropean Union ukuthi kumele asebenzisa­ne ukunqanda akubize ngengozi yeChina kwezokuvik­ela emhlabeni.

“Ukuxoxisan­a kungcono kunokuxaba­na, ngokunjalo nokubambis­ana kungcono kunokuxaba­na,” kusho uWang.

Ube esegqugquz­ela i-USA ukuthi ilandele lokho okulindelw­e ngamazwe omhlaba, isebenzisa­ne neChina ukukhombis­a ukuthi izikhondla­khondla zomhlaba kumele ziziphathe kanjani. Uthe ngokubambi­sana, kumele la mazwe aqinisekis­e ukuthula ezifundeni ezahlukene kanye nasemhlabe­ni, ngokunjalo nesimo esizinzile kanye nentuthuko.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa