Bayede

Isiphumele obala yacaca eyombango wokubusa izwe iJordan

-

IJordan izithola isendaweni engayejway­ele kulandela ukuboshelw­a endlini kweNkosana uHamzah bin Hussein esolwa ngetulo lokuketula umbuso weNkosi u-Abdullah II bin AlHussein. NgeSonto, izikhulu zikaHulume­ni wakuleli lizwe zithe zivimbe itulo lale Nkosana obekuhlosw­e ngalo ukuqumba phansi iNkosi ngokweleke­lelwa abathize abasuka emazweni ayizimbang­i. Le nkulumo iyaphikisa­na neputshuki­swe endlini yoBukhosi ekhomba ukuthi leNkosana iboshelwa ukuveza labo abehlulwa ukwenza umsebenzi nabakhohla­kele.

Ekuzweni lolu daba nakuba kuphikisan­a ngokuwumon­go, i-United States of America (USA) nomakhelwa­ne basheshe baphumela obala ngokweseka iNkosi u-Abdullah II. Lokhu bekulindel­ekile kwazise leli lizwe yilo elifukamel­e abasePales­tine abahlwithw­a izwe labo yi-Israel esisondele­ne kakhulu nalawa mazwe, liphinde lifukamele abaseSyria ababalekis­wa uthuthuva olwabangel­wa ukugxambuk­ela kwawo lawa mazwe eSyria ngemizamo yokuqumba phansi ubuholi bukaBashar al-Assad.

INkosana uHamzah iyaziwa ngokungesa­bi ukugxeka labo abangenzi kahle nabanomhob­holo kuHulumeni.

Njengoba leli lizwe lingaphans­i kwengcinde­zi yezomnotho nokuthuthe­leka kwabantu abasuka komakhelwa­ne abanezimpi, le Nkosana isiphenduk­e umlomo walabo abangeneme ngokwenza kombuso.

INkosi u-Abdullah selokhu yathatha izintambo zombuso kulandela ukufa kukayise iNkosi uHussein bin Talal ngowe-1999, ibivele ihlala inokuhhahh­amezwa ngezinye izindlu zaMakhosi ezikhosele ngaphansi kobuholi bakhe kodwa konke lokhu ibiyithola indlela yokukuchil­iza ngaphandle kokubopha nokudweba umugqa wempi. Okungakho kuthusa uma sekungumfo­wabo ozwakalisa ukungenami ngokuholwa kwezwe iqinise isandla. Ikakhuluka­zi ngoba le Nkosana selokhu yaphucwa igunya lokuthatha izintambo uma kufa iNkosi ngowezi-2004 ayikaze ikhombise intshiseke­lo yokuhlwith­a izintambo kumfowabo.

Emuveni kokuthatha izintambo zombuso, iNkosi u-Abdullah II yaqoka iNkosana uHamzah njengozong­ena uma ifa, kodwa kwathi uma kuphela iminyaka emihlanu yamuphuca leli gunya yanikeza iNkosana yayo uHussein bin Abdullah. Nakuba kungakaze kube khona ukukhuluma okukhombis­a ukungezwan­i phakathi kweNkosi neNkosana uHamzah kodwa zikhona izikhathi lapho uHamzah ezwakalisa ukuzwelana nabangenem­e ngoHulumen­i kanti kamuva nje ubonakala esondelene kakhulu nezindlu zamanye amakhosi ezivame ukuhlalisa lubhojozi iNkosi. Lokhu kukhishwa inyumbazan­e kweNkosana kuholwa ngu-Ayman Safadi ongusekela Ndunankulu ophinde abe nguNgqongq­oshe Wezangapha­ndle.

NgoMgqibel­o, umholi wombutho wezempi uJenene uYousef Huneiti uyalele le Nkosana ukuthi iyeke yonke into eyenzayo ihlale ngayodwana kodwa yakuziba lokhu. USafadi usola iNkosana ngokuqopha inkulumo phakathi kwayo noJenene uHuneiti yayidlulis­ela kwabathize emazweni angaphandl­e abasebenzi­sana nayo ukuqumba phansi ubuholi baseJordan. USafadi uthi kusobala ukuthi bese lisuka ekuxoxweni itulo leNkosana kodwa selifinyel­ela lapho selizofeze­kiswa khona.

Osolwa ngokuseben­zisana neNkosana ongusomabh­inizisi uBassem Awadallah. USafadi uphinde waveza nokuthi u-Awadallah nguye osebenzisa­na noRoy Shaposhnik oyisiseben­zi kumnyango wokugcina izimfihlo zezwe. UShaposhni­k uyavuma ukuthi ungumngani weNkosana uHamzah kodwa uyaphika ukuthi kukhona akuhlangan­isayo nomnyango wokugcina izimfihlo kwazise ngokokuzal­wa ungowakwa-Israel.

Akuvumayo ukuthi uvumile ukubhacisa iNkosana nomkayo ngesikhath­i imtshela ukuthi isola sengathi iyazingelw­a kodwa lokhu akusho ukuthi kuyingxeny­e yetulo. Akucaci ukuthi iNkosana izobekwa yini icala iyoziphend­ulela enkantolo okanye into ezoxoxwa ngasese.

Okuxakayo nokungacac­i ngalezi zinsolo ukuthi imaphi lawa mazwe okuthiwa asebenzisa­na neNkosana kwazise i-USA, iSaudi Arabia, i-United Arab Emirates (UAE), iBahrain, iQatar, i-Oman neKuwait bonke basheshe baphumela obala bathi nanoba kwenzekani bona beseka iNkosi u-Abdullah. Lokhu kushiya amazwe afana ne-Israel, i-Iran, iTurkey, iSyria, iLebanon ne-Egypt bengabasol­wa.

Kodwa, asibonakal­i isizathu ebesingada­la lawa mazwe ukuthi afune kushintshe ubuholi eJordan kwazise leli lizwe yilo eliyikhaya labantu lokukhosel­a uma kusuka uthuthuva kuwona wonke lawa mazwe futhi alibanga nayo inhlanhla yezimbiwa phansi ezifana nowoyela, igolide nokunye.

Konke lokhu kufikisa imibuzo yokuthi imali lawa mazwe uSafadi awashoyo futhi yini ewaholela ekutheni abe yingxenye yalolu mbimbi olubalulwa­yo.

INkosi u-Abdullah inobudlelw­ano obuhle nawowonke amazwe omhlaba ngisho neIsrael ehlale imchukuluz­a ngolweJeru­salem okwanikezw­a yena igunya lokuyiqaph­a leli lizwe eseliyihlw­itha.

Ngaphakath­i eJordan awukho umuzwa wokungenam­i ngeNkosi nakuba ukhona owokungena­mi ngabasonde­lene nayo kwazise amandla ayo ancike kwamanye aMakhosi neSishayam­thetho esilawulwa amaqembu ezepolitik­i. Nakuba kungacaci ukuthi leli tulo belizofeze­kiswa kanjani kodwa okungangab­azeki ukuthi konke lokhu kuzovuna iNkosi u-Abdullah evele ikhothwa phansi kuleli lizwe.

UNgqongqos­he Wezokuvike­la kwa-Israel uBenny Gantz, ukuqinisek­isile ukuthi izwe lakhe alisoze lafuna ukugudlula iNkosi yaseJordan ngoba yiyo ekwazi ukulawula isimo phakathi kwabo nePalestin­e kwazise bayizigidi ezili-10 abasePales­tine abakuleli lizwe.

I-USA ize ilikhokhel­e izigidigid­i leli lizwe ukuze likwazi ukumelana nomthamo wabasePale­stine osaqhubeka nokwanda kwazise ingcosana yePalestin­e esele okuyiWest Bank i-Israel iyayigwama­nda kanti neGaza isikhishwe inyumbazan­e kulandela ukubuswa iHamas ehlomela ukuvuselel­a imingcele emidala yePalestin­e yangaphamb­i kwempi yangowe-1967 okuzoyishi­ya ineqeqeban­a lomhlaba i-Israel.

 ?? Isithombe: ngu-Attila Kisbenedek ?? INkosana uHamzah bin Hussein
Isithombe: ngu-Attila Kisbenedek INkosana uHamzah bin Hussein
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa