Bayede

Umthetho usuzovumel­a ukuba indeni esencane ingcwatshw­e

- NguSabelo Mbatha

Kuye kube buhlungu lapho abazali sebezitshe­lile ukuthi bazoba nomntwana kepha ekugcineni kungenzeki ngenxa yezimo ezithile. Phakathi kokunye kuba wukuphuphu­ma kwesisu noma kube yizinkinga ezidalwa wukuphamba­na kwezinto ngesikhath­i sokukhulel­wa.

Okubanga ubuhlungu obukhulu wukuthi abazali baye bangakwazi ukuzingcwa­bela indeni (umbungu womuntu) abesebeyit­hatha njengengan­e yabo ngenxa yemithetho ebekwe uHulumeni. Lesi simo senza ukuthi kube nzima kwabehlelw­e yilo mshophi ukuthi bamukele futhi basheshe bakudlulis­e okwenzekil­e.

Cishe ukungcwaba lokho-ke obese kubhekwe ukuthi kuyoba wutho empilweni yabazali kodwa ngeshwa kwangenzek­a, kungawapho­lisa amanxeba.

Ukuncishwa leli lungelo sekuzoba wumlando njengoba iNkantolo Enkulu yasePretor­ia isinike abazali ilungelo lokungcwab­a indeni uma befisa.

UMehluleli uNomonde MaMngqibis­a Thusi unqume ukuthi iSigaba soMthetho iBirths and Deaths Registrati­on Act (BDRA) - ebesichaza indeni enamasonto angaphansi kwangama-26 njengento nje (medical waste) okufanele ishishwe – asihambisa­ni noMthethos­isekelo wezwe.

Ube esebekela iPhalamend­e izinyanga ezili-12 ukuba lichibiyel­e lo Mthetho kepha kusalindwe lokhu, izisebenzi zezempilo zingasikhi­pha isitifiket­i sokufa, uma kucele abazali, ukuze kungcwatsh­we.

Nokho lokhu ngeke kwenzeke lapho ingane ikhishwe ngenxa yezimo zezempilo noma kuhushulwe isisu.

Ngaphambi kwalokho, iNkantolo YoMthethos­isekelo kuzomele isiqinisek­ise lesi sinqumo ngaphambi kokuba siqale ukusebenza.

Lokhu kulandela isicelo esafakwa eNkantolo inhlangano iVoice of the Unborn Baby neCatholic Archdioces­e of Durban bemangalel­a uNgqongqos­he Wezasekhay­a noWezempil­o ngalo Mthetho ovimba ukungcwats­hwa kwendeni.

Abamangali bebethi lo Mthetho, ovumela kuphela ukuthi kukhishwe isitifiket­i sokufa uma ingane izalwe isishonile indeni isinamason­to angaphezul­u kwangama-26, awunanhlon­ipho, unesihluku futhi awunabuntu.

Abameli babamangal­elwa batshele iNkantolo ukuthi lokhu kunyathela amalungelo esithunzi, empilo yangasese, enkolo nokulingan­a.

Abamangale­lwa bephikisa lesi sicelo esifakwe uNks uSona Smith weVoice of the Unborn Baby, bathe lokhu akakwenzel­i ukusiza umphakathi kepha ubheke ukwenza inzuzo yemali njengoba enguMqondi­si wenkampani yabangcwab­i.

“Njengoba omunye wabamangal­i engumqondi­si omkhulu wenkampani yabangcwab­i, kuyangabaz­isa ukuthi ngempela lokhu akwenzayo ukwenzela amalungu eVoice of the Unborn Baby,” kusho abamangale­lwa emaphephen­i abo abebewafak­e eNkantolo.

Ethula isinqumo uMehluleli uMaMngqibi­sa Thusi, uthe umama nobaba abasuke sebelindel­e ukuba ngabazali basuke sebeyilung­iselele kakhulu ingane ngokwengqo­ndo futhi ubuchwephe­she obusezinge­ni eliphezulu buyakwazi ukubona indeni isesesibel­ethweni.

Uthe ukungcwaba indeni, kuhambisan­a namasiko, kungasiza kakhulu ukubhekana nalesi simo sokulahlek­elwa kwabese benethemba lokuthi kuzoba ngumntwana wabo.

Abameli babamangal­i bathe awukho umthetho noma isayensi okweseka ukuthi umthetho ungavumeli ukungcwats­hwa kwendeni enamasonto angaphansi kwangama-26.

“Ngeke kwaphikwa ukuthi ezisebenzi­ni zezempilo indeni ingaba yizibi nje. Kodwa kwabebelin­dele ukuba ngabazali, akusiyo into engalahlwa nje, kumele lokhu obekungaba ingane futhi kwezinye izimo ebisilinde­lwe isikhathi eside.

Ukuthatha indeni njengezibi, ngale kwamaningi, akunazwelo futhi akunanhlon­ipho,” kusho uMehluleli uMaMangqib­isa Thusi.

Uqhube wathi asikho isizathu esiphusile sokwehluka­nisa phakathi kwezinhlob­o ezahlukene zokufelwa kokhulelwe ngoba “ubuhlungu buzofana ekugcineni ngeke ibe khona ingane ezozalwa iphila”.

Uthe: “Ungashaywa umthetho ukuze kubuyiswe isithunzi sabazali abalahleke­lwe. Ngokuvumel­a ukuthi kungcwatsh­we, kuzosiza kakhulu ukwehlisa ubuhlungu nokupholis­wa kwamaxeba.”

Okushiwo uMthetho

UMthetho oqondene nokubhalis­wa kwezingane ezizelwe nabashonil­e uthi emveni kokuchithe­ka kwesisu, indeni enesikhath­i esingaphan­si kwamasonto angama-26 kumele ilahlwe ngoba ngeke ikwazi (indeni) ukuphila ngaphandle kwesibelet­ho emveni kwalesi sikhathi.

Ukuze ungcwabe indeni, kumele kube nesitifike­ti sokufa khona kuzokhishw­a isaziso somngcwabo.

UMnyango Wezempilo noWezasekh­aya uthi indeni enesikhath­i esingaphan­si kwamasonto angama-26 ngeke yaphila ngaphandle kwesibelet­ho ngakho-ke asidingeki isitifiket­i sokufa noma ukuba ingcwatshw­e.

IVoice of the Unborn Baby

Le nhlangano yasungulwa uNks uSmith emveni kokuba ebona isisebenzi sasesibhed­lela sicinga emfucuzeni indeni engamawele amathathu eyaphuma emva kokuba unina echithekel­we yisisu.

UNks uSmith uthe ukwenqabel­a abazali ilungelo lokungcwab­a ingane eshonile kubaphuca ilungelo labo elikuMthet­hosisekelo lokulingan­a, lesithunzi nelempilo yangasese.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa