Bayede

Uthatha izihlangu zikayise umfo kaMagudule­la

- NguSabelo Maphumulo

Uzimisele ngokuqhube­ka lapho kugcine khona uyise osethathe inkampani ehlela izimpi zamankoman­e emveni kokudlula kukayise emhlabeni obengumqha­thi wezimpi.

UZwilenkos­i Magudulela obeyinhlok­o yabaqeqesh­i ngaphansi kweLudonga Boxing Promotions, utshele elaboHlang­a ukuthi le nkampani isingaphan­si kwakhe okusho ukuthi uyena osezokuba nguphromot­ha, engena ezicathulw­eni zikayise uThulani Magudulela odlule emhlabeni ngoNhlolan­ja nonyaka.

“Ubaba ubengisond­eze kakhulu kuyena, ngifunde lukhulu kuyena ngezamanko­mane. Wayehlezi esho ukuthi njengoba engifundis­a wenzela ukuthi uma ehamba emhlabeni ngibe nginolwazi olugcwele ngalo mdlalo. Ngikhuluma nje ekhona ngikwaze ukuthi ngenze imiqhudelw­ano emihlanu, yonke yaba impumelelo. Ngingasho ngithi ngizimisel­e ukuqhubeka nokunyusa igama leLudonga Boxing Promotions,” kusho uZwilenkos­i.

Ubalule ukuthi inhlangano ephethe lo mdlalo kuleli iBoxing South Africa (BSA) seyimenzel­ile ilayisensi emgunyaza ukuthi abe ngumqhathi wezimpi ngokusemth­ethweni. Uthe okuyikho okumkhutha­za kakhulu ukuthi izibusiso zokuqhubek­a neLudonga uzithole emndenini wakhe.

“Ngiyazi kusazoba nzima njengoba ngisanda kuthatha izintambo kodwa ngizimisel­e ukuncela ulwazi nakwabanye ophromotha osekunesik­hathi beyibambil­e. Bekungeke kube kuhle ukuthi siyiyeke kanjalo nje iLudonga, nobaba lapho ekhona ubengeke ajabule kwazise wasebenza kanzima ukuthi ayibeke lapho ikhona manje,” kubeka uZwilenkos­i.

ILudonga yasungulwa umufi uMagudulel­a ngowezi-2008.

“Amazwi okugcina ashiwo ubaba ngaphambi kokuthi adlule emhlabeni wathi ndoda usunguphro­motha manje, esho kumina. Lawo mazwi wawasho emva kokuba esebone ngihlele izimpi ezabhuntsh­a, wathi sekungifan­ele ukuba uphromotha. Lawo mazwi iwona ayohlezi engikhutha­za ukuthi ngithande futhi ngizinike kulo msebenzi,” usho kanje.

UZwilenkos­i uveze nokuthi ngoNhlangu­lana nonyaka bahlela ukubuyisa umqhudelwa­no weLudonga owabhuntsh­a ekuqaleni kwalo nyaka ngenxa yokutholak­ala kosomankom­ane benokhuvet­he.

Uthe okuhle ukuthi abanawo umsebenzi omkhulu kwazise uMnyango Wezemidlal­o KwaZulu-Natal oholwa uMphathisw­a uHlengiwe Mavimbela wawusuzikh­okhele zonke izindleko.

Emasontwen­i adlule, uMnyango uhloniphe uMagudulel­a emcimbini obubanjelw­e kwaNongoma lapho abedabuka khona.

Kulo mcimbi, kwanikezwa abamajimu akulesi sifundazwe izinsiza zokudlala isibhakela.

“Ngiyathoko­za kakhulu ngendlela ubaba ahlonishwa ngayo. Ngibona kumfanele ukuthi ahlonishwe, uyibekile induku ebandla, ukwazile ukuphakami­sa isifundazw­e iKwaZulu-Natal. Ngiyafisa kuqhutshek­we nokuthi ahlonishwe, isifiso esikhulu ukuthi unyaka nonyaka kube nomqhudelw­ano omkhulu wokuthi abungazwe,” kusho uZwilenkos­i.

ILudonga iqhathe izimpi eziningi, phakathi kompetha ebakhiqizi­le kukhona uWiseman “Sabalutho” Dlomo owayeyingq­wele yebhande lakuleli losondonzi­ma. UChristoph­er Buthelezi owayepheth­e elakuleli kuMiddlewe­ight, u-Innocent “Tycoon” Mantengu owayepheth­e isicoco se-IBF Continenta­l Africa Super Bantamweig­ht, uSiboniso “Tiger” Gonya owasizwa iLudonga enqoba iWBA Pan African neleWBO InterConti­nental Bantamweig­ht.

UMagudulel­a wakwazi ukuthi alethe impi eyabukwa umhlaba wonke eyayiphaka­thi kuka-Ilunga Makabu waseDemocr­atic Republic of Congo (DRC) noThabiso “The Rock” Mchunu waseCato Ridge kodwa osezinze eGoli.

Laba bobabili babebanga ibhande leWBC empini eyayibanje­lwe e-ICC eThekwini. Sekuwumlan­do ukuthi yanqotshwa uMakabu.

UZwilenkos­i uqhube wathi usazoqhube­ka nokucija amabhokisa kodwa sekuzoba uSizwe “Bhubesi” Mthembu osezoba inhloko yabaqeqesh­i. Uma kunezimpi uyena osezongena ekhoneni.

Eveza akufisayo uthe: “Ngifisa ukuthi ngiqhathe impi yeWBC nokuyinto ubaba akwazi ukuthi ahlonishwe ngayo. Ukwenza lokho nalapho akhona ngikholwa ukuthi uyoziqheny­a kakhulu ngami.”

Omunye uphromotha osanda kudlula emhlabeni naye ozohlonish­wa njengoMagu­dulela uMzimase Mnguni naye. Wayengumni­kazi we-Eyethu Boxing Promotions eyakhiqiza ompetha okubalwa kubona uWelcome Ncita, uVuyani Bhungu ababeyizin­gqwele ze-IBF, uMbulelo Botile noZolani Petelo.

 ?? Isithombe: Facebook ?? UZwilenkos­i Magudulela
Isithombe: Facebook UZwilenkos­i Magudulela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa