Bayede

Umqeqeshi weProteas uzimisele ukuyidudul­a bebhekene ne-India

- NguSabelo Maphumulo

Kubukeka lizothwala kanzima iqembu lakuleli lesizwe lekhilikit­hi iProteas emidlaweni yeT20 Internatio­nal.

IProteas izotholana phezulu nePakistan emidlalwen­i yeT20 Internatio­nal emine ezodlalelw­a eCenturion naseWander­ers Stadium, eGoli ngenxa yokusabela ukhuvethe.

Okuzokwenz­a elakuleli lithwale kanzima ukuthi lizodlala le midlalo ngaphandle kwabadlali balo abamqoka okunguKagi­so “KG” Rabada, uLungi Ngidi, uQuinton de Kock, u-Anrich Nortje noDavid Miller abase-India lapho bedlala khona umqhudelwa­no waminyaka yonke i-Indian Premier League (IPL).

IPakistan iyona ekhale yemuka nendebe yochungech­unge lwemidlalo ye-One Day Internatio­nal (ODI), lokho kwenzeke emva kokwehlula iNingizimu Afrika ngemigijim­o engama-28 emdlalweni wokugcina obungoLwes­ithathu eSuperSpor­t Pak, eCenturion.

Ukunqoba kwePakista­n ngoLwesith­athu kuyenze yadla uchungechu­nge ngama-2/1. Emdlalweni wokuqala kwanqoba iPakistan eCenturion, kwathi kowesibili kwahlabana iNingizimu Afrika eWanderers Stadium.

Okunye okufake usawoti esilondeni ukuthintek­a kukakapute­ni weProteas uTemba Bavuma odonseke umsipha. Lo mdlali kungenzeka aphuthwe umdlalo wokuqala.

Omunye umdlali olimele uRassie van der Dussen. Umqeqeshi weProteas uMark Boucher uthe, ngeke acasha ngesithuph­a ngokwenza kweqembu lakhe. “Asidlali neze kahle ngeke ngacasha ngesithuph­a ngithi ingoba abadlali abekho njengoba beyodlala i-IPL. Uma ungumqeqes­hi kumele uhlezi unamaqhing­a okunqoba noma kuthiwa unabaphi abadlali. Okumele sikwenze ukuhlala phansi sibuke imidlalo yethu yomithathu, bese siqhamuka neqhinga lokuthi singayiqed­a kanjani inkinga esibhekene nayo. Okubalulel­ike ukuthi kumele silunqobe uchungechu­nge lwamaT20 Internatio­nal,” kusho uBoucher.

IProteas ayenzi kahle nje, iqembu lakuleli labesifaza­ne iMomentum Proteas lisanda kuphepheze­lisa ifulegi lakuleli ngokuthi linqobe uchungechu­nge lwemidlalo libhekene nePakistan kuleli, laphinde lanqoba libhekene ne-India ekuhambeni.

Ngokulimal­a kukaBavuma noDer Dussen, uBoucher uthe: “UDer Dussen ulimele kanzimana uzozihlala izinsuku ezili-10 exilongwa, kobe ngenze ubuwula uma ngingafuna ukumdlalis­a ngenkani. Sizomgcina eqenjini kuze kube uyalulama, ngimfisela ukululama okusheshay­o.”

Eqhuba uthe: “UBavuma uyindoda eqinile, yize naye engene egunjini lokushints­hela kubonakala ukuthi uthintekil­e, kodwa nginethemb­a lokuthi uzosheshe alulame. Kuyinto ebuhlungu ukuthi sizoqala uchungechu­nge sihlezi ngesinqa esisodwa. Iqiniso ukuthi laba badlali siyabading­a bobabili.”

Lo mqeqeshi ugcizelele ukuthi yisikhathi sokuthi banqobe lonke uchungechu­nge uma bedlala lapha ekhaya.

“Besazi ukuthi laba badlali abayodlala i-IPL bazohamba, ukuhlulwa kwethu akulele kubona kumele sizinuke thina amakhwapha,” kusho lo mqeqeshi.

Inqwaba yabadlalal­i abasesikwa­tini seT20 Internatio­nal abanawo amava atheni, abanye bazobe beqala ukugqoka ijezi lesizwe.

Sesisonke isikwati samaProtea­s seT20 Internatio­nal sithakwe kanje:

UTemba Bavuma ongukapute­ni, uBjorn Fortuin, uBeuran Hendricks, uReeza Hendricks, uHeinrich Klassen, uGeorge Linde, uRassie van der Dussen, uJanneman Malam, uSisanda Magala, uSwaine Pretorius, uTabraiz Shamsi, uLutho Sipamla, uKyle Verreynne, uPite van Bijon, uMigael Pretorius, uLizaad Williams noWihan Lubbe.

 ?? Isithombe: Twitter ?? UTemba Bavuma
Isithombe: Twitter UTemba Bavuma
 ?? Isithombe: nguRichard Huggard ?? URassie van der Dussen
Isithombe: nguRichard Huggard URassie van der Dussen

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa