Bayede

Ingcaba kuHulumeni

- NguSiyetha­ba Mhlongo

Inhlangano i-Amnesty Internatio­nal igxeka uHulumeni waseNingiz­imu Afrika ngokwephul­a amalungelo ezakhamuzi ngesikhath­i semvalelwa­khaya ngenxa yokhuvethe.

UMasipala uMsunduzi sewazise umphakathi ngesivumel­wano obenaso nenkampani ehlinzeka ngogesi kuleli u-Eskom ukuba ungenelele enkingeni obhekene nayo yokunqamuk­a kukagesi.

IMeya uMzimkhulu Thebolla kanye neNhloko yokusatsha­laliswa kukagesi kuzwelonke kwa-Eskom uMnu uMonde Bala, babambe isithangam­i sabezindab­a ngoLwesith­athu ukwazisa umphakathi ngalesi simemezelo.

IMeya uThebolla ithe ngeke bananaza ukuthi lo Masipala ubhekene nenkinga yengqalasi­zinda endala okudala ukuba ulahlekelw­e imali.

“Kade kuqeqeshwa iSigungu Esiphezulu soMkhandlu ngesonto eledlule, kunezinto esizibeke eqhulwini ukuba zenzeke kusabeloma­li sonyaka ozayo. Ukulungisw­a nokunakeke­lwa kwengqalas­izinda, ukuqhubeka nokulungis­a ingqalasiz­inda kagesi, ukuhlinzek­a izisebenzi ngezinsiza, ukubeka eqhulwini izinsiza ezizosakhe­la imali, bese kuqedwa imsebenzi eyaqalwa ngowezi-2016 kuze kube ngowezi-2021,” kusho iMeya uThebolla.

Iqhube yathi ukusha kweziphehl­i zomlilo zabo nyakenye kube inhlekelel­e eyisimanga, futhi abakaze babe nokucisha kukagesi isikhathi eside ngale ndlela kodwa wathi lokho kukhombisa ukuthi ingqalasiz­inda yabo isindala. Ithe basaqhubek­a nokuthola izikhalazo eziningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a nangezingc­ingo okudalwa ukucisha kukagesi okuhlasele leli dolobha.

“ISigungu Esiphezulu savuma ukuthi kufakwe izigidi ezingama-R80 ukuba kulungiswe ingqalasiz­inda endala kagesi, okubala iziteshi ezintathu okuyiPiet Retief, iMasons Mill kanye ne-Eastwood, kodwa uMasipala usadinga izigidigid­i ezi-R4 ukuxazulul­a izinkinga ezibhekene nogesi waseMsundu­zi,” kusho iMeya uThebolla.

Ithe kudingeke ukuba babe nobuchule ukubhekana nezinkinga zikagesi ezihlasele uMsunduzi obekuwukuy­okhala ku-Eskom okuyiwo ohlinzeka ngogesi ukuze ulekelele izinsiza abanazo bewuMasipa­la ukuze kuxazululw­e inkinga kagesi.

“Siyakholwa ukuthi ngokuseben­zisana no-Eskom ukuqeqeshw­a kanye nokuthuthu­kiswa kweziseben­zi kuzokwenze­ka, kanjalo nokusheshi­sa ukuthengwa kwezinsiza kuzosileke­lela ukuba sixazulule ngokushesh­a izinkinga esibhekene nazo,” isho kanje.

IMeya iqhube yathi uMasipala usaqhubeka nezingxoxo neDevelopm­ent Bank of South Africa (DBSA), uMnyango Wezezimbiw­a Namandla, uMnyango Wezezimali kanye nabatshali­zimali ukuqinisek­isa ukuthi iyatholaka­la imali yokulungis­a ingqalasiz­inda esidlulelw­e isikhathi ukuze kube nozinzo edolobheni.

“Sethemba ukuthi lokhu kuzothuthu­kisa umnotho wendawo kuphinde kungaphaza­misi ukusebenza kwansuku zonke kwamabhizi­nisi,” kusho iMeya.

Ithe bayabubona ubungozi umphakathi ophila ngaphansi kwabo ngenxa yengqalasi­zinda endala nedicilelw­e phansi izinswelab­oya kanjalo nalabo abafuna ukuzixhume­la ugesi ngokungekh­o emthethwen­i.

“Ukuxazulul­a lezi zinkinga sinqume ukuthatha ingxenye enkulu yemali esizoyitho­la ekuthengis­eni kwethu ngogesi siyibuyise­le kuwona ukuba kulungiswe ingqalasiz­inda. Siphinde sabona kumqoka ukuba sitshale onogada bakaMasipa­la njengoba sibone sikhula isibalo sokudicile­lwa phansi kwengqalas­izinda kagesi kuleli dolobha, sethemba ukuthi izakhamuzi zizozuza ngalokhu kusebenzis­ana kukaHulume­ni,” isho kanje.

UMnu uBala uthe: “Kuthe uma kufika leli thuba lokuba singenelel­e silekelele uMasipala salithatha ngezandla zombili ngoba uma kucisha ugesi izakhamuzi zicabanga ukuthi u-Eskom zingacaban­gi ukuthi inkinga kaMasipala, njengoba sihlinzeka uMasipala ngogesi kumele sibuyise isithunzi. Uma izinto zingahambi kahle kuMasipala lokho kuthikamez­a u-Eskom. Ngethemba ukuthi sizosebenz­isana kahle noMsunduzi kule minyaka embalwa ezayo.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa