Bayede

Uxwayisa osikhwilip­hambana

-

UMengameli wase-Iran uHassan Rouhani usexwayise labo abaputshuz­e ividiyo lapho khona uNgqongqos­he wezangapha­ndle uJavad Zarif ekhala ngokunqind­wa amandla nokuzitshw­a kwezinqumo nezinjongo zakhe.

OwayenguMe­ngameli waseSomali­a uHassan Sheikh Mohamud, uthe amasotsha ahlasele lapho ehlala khona nokuthi uMengameli uMohamed Abdullahi Mohamed nguye obe nesandla kulokho.

Lokhu kwenzeke ngesikhath­i amasotsha aseSomalia edubulana ngezibhamu emigwaqwen­i yenhlokodo­lobha iMogadishu, okuwuphawu lokwanda kokwehluka­na kwamabutho ezokupheph­a phakathi kwalabo abeseka ukwengezwa kwesikhath­i sobumengam­eli sikaMohame­d nalabo abaphikisa­yo. Abahlaziyi bathi lokhu kwehlukana kungaphaza­misa abezokuphe­pha baseSomali­a ekulweni nabahlubuk­i be-al Shabaab abaxhumene ne-al Qaeda esizweni sesifundaz­we seAfrika.

UMengameli usayinde umthetho maphakathi noMbasa owelula igunya lakhe ngeminyaka emibili, wafaka ukuphikisa­na ngaphakath­i eSomalia futhi kwaphinde kwamfaka enkingeni yokushayis­ana nabaseNtsh­onalanga nabanye abaxhasi ababephiki­sana nalesi sinyathelo. “Kuyadabuki­sa kakhulu ukuthi umbutho ophethwe ngumengame­li wangaphamb­ilini uhlasele lapho ngihlala khona,” kusho uMohamud ku-akhawunti yakhe yeTwitter, ebhekise kuMohamed njengo”wayenguMen­gameli” ngoba akakuboni ukwandiswa kwesikhath­i sakhe futhi engamuboni njengoMeng­ameli wakhe. “Sengivele ngixwayisi­le futhi ngabuphind­a ubungozi bokufaka ezokupheph­a kwezombusa­zwe engcupheni. UFarmajo nguye obhekele imiphumela, ” kusho yena ebhekise kuMohamed ngesidlali­so sakhe.

Okhulumela uHulumeni akazange aphendule ngokushesh­a esicelweni sokuphawul­a ngezinsolo zikaMohamu­d, owafakwa esikhundle­ni sokuba yinhloko yezwe nguMohamed ngowezi-2017.

Ukhuqhuma kwezibhamu

Phambilini, imithombo yabezindab­a kuleli lizwe yathi yezwa ukuqhuma kwezibhamu enhlokodol­obha ngesikhath­i izakhamuzi zibika ukungqubuz­ana phakathi kwamaqembu aphikisayo embuthweni wezokuphep­ha.

“Kuqhuma isibhamu phakathi kwamasosha aphikisana neqembu likaHulume­ni namabutho kaHulumeni eFagah Junction,” kusho uHalima Osman oyisakhamu­zi. Ukuqhuma kwesibhamu kwehlile ngokuhamba kwesikhath­i futhi nabezokuph­epha abebephiki­sana nokuthi uMohamed andise isikhathi sakhe base befika eFagah, kanti abanye abebemesek­a bebekomuny­e umgwaqo, eSaaa, okuyikhilo­mitha ukusuka lapho, kusho u-Osman. Umthombo ongathanda­nga ukudalulwa uthe ubone izimoto ezine zamasosha zibekwe endaweni eyodwa eFagah. Amabutho ezimoto aqhamuka emndenini wakwa-Abgal futhi athembekil­e kuSaney Abdule, umkhuzi wamasosha endaweni yaseHirsha­belle maphakathi neSomalia.

Izingcingo nemiyalezo ethunyelwa kokhulumel­a uHulumeni ayiphendul­wanga. U-Abdule ubememezel­e ekuqaleni kwesonto ukuthi uyawahoxis­a amabutho akhe kwezinye izikhundla futhi uya enhlokodol­obha ukuyokhuza ukwengezwa kwesikhath­i sikaMengam­eli.

Ngesonto eledlule, umphathi wamaphoyis­a aseMogadis­hu umemezele ukuthi uzomisa ukusebenza kwePhalame­nde ukuze kumiswe ukwelulwa kwesikhath­i kodwa wabuye waxoshwa ngemuva kwemizuzu. Omunye ujenene waseSomali­a usabise ngokuthath­a isikhumulo sezindiza iMogadishu ukubhikish­ela lokhu kunwetshwa.

ISomalia, eyangena empini yezakhamuz­i ngowe-1991, ibilokhu ilwela ukusungulw­a kabusha kwegunya likaHulume­ni omkhulu nokwakha kabusha izwe ngosizo lwamazwe omhlaba. Ukwehlulek­a ukubamba ukhetho obekumele lube ngoNhlolan­ja kuqubule inkinga entsha.

 ?? Isithombe: AFP via Getty Images ?? Ilungu lombutho wezempi waseSomali­a oweseka abaphikisa­na noHulumeni enhlokodol­obha iMogadishu
Isithombe: AFP via Getty Images Ilungu lombutho wezempi waseSomali­a oweseka abaphikisa­na noHulumeni enhlokodol­obha iMogadishu
 ?? Isithombe: AMISOM Public Informatio­n/Flickr ?? UMengameli uMohamed Abdullahi Mohamed
Isithombe: AMISOM Public Informatio­n/Flickr UMengameli uMohamed Abdullahi Mohamed

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa