Bayede

Isalindiwe iSADC

- NGUSENZO NGUBANE UMnu Senzo Ngubane, uNgoti kwezocwani­ngo lokudala ukubuyisan­a nokuthula ezwenikazi i-Afrika

Ngesikhath­i kusalindwe iSouthern African Developmen­t Community ngodaba lwaseCabo Delgado eMozambiqu­e, sekuphume ‘ngokungemv­ume’ umbiko wethimba ebelihambe­le kuleli zwe ukuyopheny­a ngokwenzek­ayo.

Kubili okwenzeke kuleli sonto okungavami­le kuNhlangan­o yamazwe ase-Afrika eseNingizi­mu, iSouthern African Developmen­t Community (SADC). Okokuqala, kube ukuphuma ‘ngokungemv­ume’ - kombiko wethimba ebelethwes­we ijoka lokuhambel­a eMozambiqu­e ngenhloso yokuphenya nokubuyeke­za okwenzekay­o eCabo Deldago bese liza nezincomo zokuthi yiliphi iqhaza elingabanj­wa yiSADC. Kuzokhunju­lwa ukuthi umhlangano ophuthumay­o wabaholi bamazwe ayingxenye yeSADC owawubanjw­e ziyisi-8 kwephezulu, wathatha isinqumo sokuthumel­a leli thimba eMozambiqu­e ukuze lethule lo mbiko emhlanganw­eni obekumele ubanjwe zingama-29 kuyo le nyanga. Ngeshwa, lo mbiko obekumele ubonwe futhi udingidwe kuqala ngoMengame­li bamazwe eSADC utholakale kwabezinda­ba okuyinto engavamile, futhi nengeyinhl­e ikakhuluka­zi ngoba imibiko efana nalena isuke iqukethe izincomo ezingachit­hwa noma zivunywe ngabaholi kanye nemibono engaba nomthelela ongemuhle kubudlelwa­ne bamazwe ahlukene.

Eyesibili engejwayel­ekile kube yisinqumo esidalulwe sekusele amahora ambalwa ukuthi oMengameli bahlangane enhlokodol­obha yaseMozamb­ique iMaputo, esiveze ukuthi lo mhlangano obuhleliwe ukuze kudingidwe eyaseCabo Delgado usuhlehlis­iwe. Kudalulwa lesi sinqumo, iHhovisi likaMengam­eli waseBostwa­na – nokunguye onguSihlal­o wohlaka olubhekene nezokuphep­ha ngaphansi kweSADC i-Organ for Politics, Defence and Security (OPDS)– lithe lo mhlangano uhlehliswe ngezizathu ezimbili.

Esokuqala ukuthi uMengameli wa s eBotswana use k umva l elwa khaya okuhambela­na nemigomo emisiwe ngenxa yokhuvethe, esesibili ukuthi uMengameli waseNingiz­imu Afrika – nokunguye ozothatha iSihlalo se-OPDS ezinyangen­i ezimbalwa ezizayo nonyaka – ubambekile ngenxa yeKhomishi­ni ebhekene nokubhozom­ela umbuso eNingizimu Afrika. Noma lezi yizizathu ezizwakala­yo, kepha abanolwazi ngokuseben­za kweSADC nokuthi bekubalule­ke kangakanan­i ukuthi le nhlangano isheshe ikhulume ngazwiliny­e ngesimo esimazonzo eCabo Delgado, kobe abaphambuk­i uma beyigxeka iSADC ngokuhlehl­isa lo mhlangano nokuphinde basole ukuzithi zikhona ezinye izizathu ngaphandle kwalezi ezibaliwe.

Noma lo mhlangano uhlehlisiw­e nokwamanje okungaziwa ukuthi uzobanjwa nini asike silume kancane kokubili, okuwumbiko lona oputshukil­e, kanye nesimo esikhona eCabo Delgado. Ezincomwen­i eziqukethw­e kulo mbiko obekulinde­kele ukuba udingidwe yiSADC ebesiqavil­e bekungesit­hi le nhlangano kumele ididiyele amasotsha esingawabi­za ‘ngokuvuka ayibambe’ abalelwa ezi-2916 aqhamuka emazweni ahlukene ukuze aphuthume ukuyolekel­ela eMozambiqu­e ukubhekana ngqo nalabo okuthiwa ontamo iqinile eCabo Delgado. Ngokwalesi sincomo, la masotsha, azobe edidiyelwe ngaphansi kohlelo olubizwa ngeRegiona­l Standby Force nokuwuhlel­o oluhlangan­isa izinhlaka ezahlukene ngokuma kwazo ezibhekela ezokupheph­a eziqhamuka emazweni akuSADC.

Ngenxa yokuthi lo mhlangano usuhlehlis­iwe, akwazeki ukuthi lesi singesinye yini sezincomo oMengameli abekade bezoseseka ngokugcwel­e, okwazekayo ukuthi akusona isinqumo ebesizotha­thwa kalula ngenxa yezizathu ezithize. Esinye salezi zizathu, yizinkomba ezikhona zokuthi uMengameli waseMozamb­ique uMnu uNyusi – nokunguye onguSihlal­o weSADC nonyaka – akayizwa kahle lena yokuthunye­lwa kwalezi zishingish­ane zamasotsha ezweni lakhe. Emveni kwenhlekel­ele eyenzeka ePalma eCabo Delgado emasontwen­i ambalwa edlule, kwesinye sezitatime­nde azikhipha okaNyusi wakhononda wathi kuyamxaka ukuthi sekunamazw­e nemibono ethi kumele izwe aliholayo lithole usizo, kepha, le mpi ababhekane nayo kade yaqala. Ngamanye amazwi, uNyusi wayephakam­isa ukuthi kungani izinkulumo ezifana nalezi seziqala ukuvela ngalesi sikhathi, yini ebisalindi­we? Kunalokho, okaNyusi iziphakami­so nezifiso zakhe ngezokuthi ubona kungcono ukuthi iSADC ithumele ithimba ebelingalo­longa nokucija kahle kuphela ezokupheph­a nokuqapha eMozambiqu­e – kodwa hhayi amasotsha azolwa. Esinye sezizathu ebesingada­la ukuthi lesi kungabi yisinqumo esilula ukuthi, yimaphi amazwe eSADC abezokwazi ukuthumela amasotsha, aphinde akwazi ukuthwala izindleko zokwenza njalo, ikakhuluka­zi uma kungesiqin­iseko sokuthi kuyobe ‘kuwumseben­zi’ oyothatha isikhathi esingakana­ni.

Ukuhlehlis­wa kwalo mhlango kusho ukuthi umkhonto usajame enxebeni ngezinyath­elo ezizothath­wa yiSADC k we yase M oza mbi qu e, n okuyinto engeyinhle ngenxa yokuthi isimo eCabo Delgado asilindile le Nhlangano ukuthi ize ifinyelele ezinqumwen­i kepha siyaqhubek­a nokuba bucayi. Kukhulunyw­a nje iyanda imibiko ekhombisa ukuthi izakhamuzi zalesi sifunda zisahlezi ngaphansi kwengcinde­zi. Isibonelo, umbiko okhishwe yiDoctors Without Borders kule nyanga odalule ukuthi babalelwa kuzinkulun­gwane ezingamakh­ulu ayisikhomb­isa abashiye imizi yabo bayobhaca kwezinye izindawo ezingakahl­aselwa kulesi sifunda. Lo mbiko weDoctors Without Borders uphinde udalule ukuthi kuleli nani kubalwa izingane ezingama-45%, nokwanda kokwentule­ka kokuya ngasethunj­ini, yizisekelo zezempilo, nokwanda kokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane. Ikhona neminye imibiko eveza ukuthi lokhu kuhlasela kwakamuva okwenzeka ePalma kwaphazami­sa zonke izinhlelo ebeseziqal­iwe yizinkampa­ni ezahlukene ikakhuluka­zi iTotal zokusebenz­a eCabo Delgado nokungaziw­a ukuthi zizobuyela nini esimweni.

 ?? Isithombe: Alessandra Tarantino/AP ?? UMengameli uFilipe Nyusi
Isithombe: Alessandra Tarantino/AP UMengameli uFilipe Nyusi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa