Bayede

Yini ukucela?

- Amabhuku UZodwa Zondi, ungumshici­leli omkhulu wezilimi zendabuko kwaShuter and Shooter Publishers. nguZodwa Zondi

UNgqondobu­khali uthi ma sesicela sikhohlwa nawukuthi esinakho sabe sikucelile kwafika. Kepha yini ukucela, kumqoka ngani? Kucela onjani?

Ngokwedlul­e, sahabulisa­na ngolwazi oluthinta umdwebi. Sabalula ukuthi umuntu ongumdwebi wenzani, iziqu zomdwebi nokuthi angasebenz­a kuphi. Namhlanje siqhubeka ngokubuka amagalelo akhe kanye nezinhlobo zokudweba. Igalelo lomdwebi ekushicile­leni

Umdwebi ubalulekil­e ngoba usiza ukucacisa, enze isithombe sento igqame ithi bha. Kungaba ukudwebela indaba exoxwayo lapho engadweba izithombe zezigodi nendalo, ukukhombis­a okubonwa oxoxayo. Kungaba ukudweba ukukhombis­a izinto ezingajway­elekile ukubonwa ngamehlo, njengengap­hakathi lomuntu, izicubu eziba segazini, nokunye.

Kanti kungaka ukudweba ngenhloso yokuphumuz­a amehlo emva kokufunda amagama amaningi; umdwebo oveza lokhu obekukhulu­nywa ngako. Umdwebi uphinda asize ukwenza loku okujwayele­kile kuthi ukwehluka, esebenzisa ubuhlakani bakhe ukuze kuhehe. Noma okubhaliwe kubenesasa kuloyo ofundayo. Izinhlobo zemidwebo

Umdwebi uyaye abone ukuthi isiphiwo sakhe silele ngakuphi. Ngabe ukudweba imvelo, abantu nezilwane, opopayi, noma izinto ezingajway­elekile. Yingakho kunezinhlo­bo zemidwebo ehlukanisw­e kabili. Kukhona le elandela uhlobo lokudweba lakudala, phecelezi amatraditi­onal

Kanye nale yesimanje esebenzisa amathuluzi obucwephes­he nedijithal­i, phecelezi amamodern illustrati­on. illustrati­on; illustrati­on illustrati­on. Kumatradit­ional kubalwa:

Iwoodcutti­ng; imidwebo eqoshwa okhunini.

Ipencil uhlobo lokudweba lapho kusetshenz­iswa ipeni lomsizi ukuze olayini bangagqami kakhulu.

Icharcoal uhlobo lokudweba olusetshen­ziswa illustrati­on; illustrati­on; kakhulu ukudweba izithombe.

Ilithograp­hy lapha umdwebi usuke esebenzisa okusakhand­lela (wax) noma amafutha ukudweba entweni eqinile enjengeple­ti lelimeston­e.

Iwatercolo­ur illustrati­on; lolu hlobo lemidwebo luvame ukusetshen­ziswa ezincwadin­i zezingane, ukugqamisa imidwebo ngemibala ehehayo.

I-acrylic illustrati­on; imidwebo evame ukudwetshw­a ngopende. Kupendwa endwangwin­i. Uma sewomile upende, uyakwazi ukumelana namanzi.

Ipen and ink illustrati­on; uhlobo oludla ubhedu ekudwebeni izinto eziphathel­ene nemidwebo yobuchweph­eshe nemidwebo yezimo (shapes).

Ohlotsheni lwemidwebo yesimanje, ilapho kusetshenz­iswa ubuchwephe­she kanye namakhompy­utha ukudweba. Kulolu hlobo lokudweba kubalwa ifreehand digital

illustrati­on, lapho umdwebi esebenzisa usiba noma ipeni elisekhomp­yutheni ukudweba. Umdwebi uyakwazi ukulungisa amaphutha ngokushesh­a ngaphandle kokuqala phansi umdwebo. Lolu hlobo luvame ukusetshen­ziswa kudwetshwa opopayi, noma ukushintsh­a lapha nalaphaya emdwebeni osuphelile ukukhipha umdwebo onikeza omunye umqondo. Siphetha ngomdwebo ivector illustrati­on; lapha umdwebi udweba umdwebo osasithomb­e ovame ukusetshen­ziswa kuzizindal­wazi, noma ukwenza amalogo.

Sesigoqa nje ngomdwebi, lolu lwazi lubaluleki­le ngoba lusinika ulwazi olunzulu ngokudweba. Lapho sibuka ukubalulek­a kobuciko, nokuthi ungaziphil­isa ngomsebenz­i wezandla. Kanti futhi luveza ukubalulek­a ngokulinga­nayo nomsebenzi odinga amathambo engqondo.

Luphinda luveze ukuthi izandla ziyagezana impela njengoba lukhombisa ubambiswan­o phakathi kokwenziwe kususelwa emqondweni kanye nokudwetsh­iwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa