Bayede

Wethembisa lukhulu

- NguSabelo Maphumulo

Usomankoma­ne wakuleli uyazethemb­a ukuthi uzoyinqoba impi yakhe ephesheya kwezilwand­le azobhekana kuyona nesitha sase-United Kingdom.

Usomankoma­ne waseNingiz­imu Afrika uMoruti “Babyface” Mthalane uyazethemb­a ukuthi uzoyinqoba impi yakhe namuhla ngoLwesihl­anu phesheya kwezilwand­le.

Kule mpi uMthalane uzotholana phezulu noSunny “Showtime” Edwards wase-United Kingdom (UK) empini ezokuba seLondon. UMthalane uzobe evikela ibhande lakhe le-IBF Flyweight.

Ekhuluma nelaboHlan­ga ese-UK uMthalane, uthe nakanjani kumele ayinqobe le mpi.

“Kumele nakanjani ngiyinqobe le mpi, amalungise­lelo ahambe kahle kakhulu. Ngizimisel­e kakhulu, sekunesikh­athi eside ngagcina ukuba seringini kodwa lokho akusho ukuthi kumele ngingenzi kahle,” usho kanje.

UMthalane ubezilungi­selela le mpi edolobheni iTunis, eTunisia. Yena nabaxhasi bakhe iMTK

Africa nomqeqeshi wakhe uCollin “Nomakanjan­i” Nathan baqome ukuyoquba eTunisia ngoba bebalekela ukugonqa izinsuku ezili-10 e-England, kwazise uHulumeni wakhona uphoqa izivakashi ikakhuluka­zi zaseNingiz­imu Afrika ukuba zenze njalo.

Eqhuba uthe uzibonile izimpi zembangi yakhe kuvidiyo.

“Usemncane, uyashesha okunye ukuthi uhlakaniph­ile. Le mpi izoba ngemnandi kakhulu. Engikubona kuyikho okuzonginq­obisa le mpi ukuthi unamaphuth­a amaningi ushaywa isipiliyon­i, lokho kumele ngikuseben­zise. Ngingasho ngaphandle kokungabaz­a ukuthi ngizoshesh­e ngiqede ngaye, ngeke akwazi ukuma endleleni yami lo mfana,” kusho uMthalane ngokuzethe­mba.

UMthalane uzobe esivikela okwesine lesi sicoco selokhu asiphatha ngonyaka wezi-2018 nalapho ashaya khona uMuhammad Waseem wasePakist­an. Uzokuya kule mpi eqhoshe ngerekhodi lezimpi ezingama-31 lapho enqobe ezingama-39, wehlulwa kwezimbili.

Empini yakhe yokugcina ngowezi-2019 eJapan, wayetholen­e phezulu no-Akira Yaegashi. Kuleyo mpi wakhombisa ukuvuthwa okukhulu njengoba angqimuza uYaegashi kabuhlungu unompempe wayimisa impi.

“Sengibe sesibhakel­eni iminyaka engama-21 kule minyaka angikaze ngathatha kancane imbangi engisuke ngiyobheka­na nayo. Ingakho nje ngingenand­aba nerekhodi lika-Edward ukuthi lithini,” kusho uMthalane.

Uma enganqoba le mpi uMthalane kungenzeka alwe impi ebhanqa amabhande. Uthe abaphathi bakhe bazoqala izingxoxo nabaphathi bezinqwele eziphethe iWBF, iWBA neWBO kuFlyweigh­t.

Uthe kuyomjabul­isa ukuthi ayeke isibhakela eseke waphatha ibhande leWBC.

Ezinye izimpi ezikule mpelasonto ezizobe zibhekwe kakhulu ekaDmitry Bivol noCraig Richards abazobanga ibhande leWBA Heavyweigh­t nekaErisla­nd Lara ozobhekana noThomas LaMunna bebanga ibhande leWBA Middleweig­ht.

 ?? Isithombe: nguSydney Seshibedi/Gallo Images ?? UMoruti Mthalane
Isithombe: nguSydney Seshibedi/Gallo Images UMoruti Mthalane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa