Bayede

Imbokodo iyazivikel­a

- NguSabelo Maphumulo

Isikhungo sithi sizivulile izandla ukusiza abesifazan­e ngamaqhing­a okuzivikel­a kubahlukum­ezi besebenzis­a umkhalamba­zo.

Ukwenza kahle umsebenzi kwabaqeqes­hi beqembu elikhulu lekhilikit­hi esifundazw­eni iKwaZulu-Natal, iHollywood­bets Dolphins, sekuholele ekutheni balulelwe izinkontil­eka yize bekusasele iminyaka emibili ukuthi ziphele.

Izinkontil­eka zabo neHollwood­bets Dolphins bezizoze ziphele ngonyaka wezi-2023, kodwa sebengezel­we omunye unyaka njengoba sezizophel­a ngowezi-2024.

Kuleli thimba labaqeqesh­i kukhulunyw­a ngo-Imraan Khan oyinhloko yabaqeqesh­i, uMduduzi Mbatha noQuinny Friend.

ElaboHlang­a libe nengxoxo noMbatha ukuzwa ukuthi uzizwa kanjani njengoba benyuselwe izinkontil­eka.

“Kuthiwa ukusebenza kanzima kuzala impumelelo, ngibona ekusebenze­ni kwethu kanzima kuyikhona okwenze salulelwa izinkontil­eka. Kungijabul­ise kakhulu ukuzwa lezi zindaba,” usho kanje.

Ngaphansi kwaleli thimba amaDolphin­s anqobe umqhudelwa­no iMomentum One Day Cup.

UMbatha uthe ukwelulelw­a kwabo izinkontil­eka ubona kuzobasiza kakhulu ngoba kuzokwenza ukuthi bathole isikhathi esanele ukufeza iphupho labo.

“Sibe nesizini edlule enhle, kodwa ngikholwa ukuthi asikafiki lapho abantu abacabanga ukuthi sesikhona. Kule minyaka emithathu esinayo sifuna ukwakha iqembu eliqinile, elizobe lisatshwa ukwedlula wonke amaqembu. Lokho kuzokwenze­ka ngoba sineqembu labadlali abancane abanekhono eliyisiman­ga, nengikholw­a ukuthi kula masizini amathathu esinawo bazobe bebatshazw­a lapha eNingizimu Afrika nasemhlabe­ni wonke jikelele,” kusho uMbatha.

Iningi labadlali abagijima kumaDolphi­ns baneminyak­a yobudala engama-22 kuya kwengama-25. Leli qembu landise isikwati salo ngabadlali abancane.

Kulabo badlali kubalwa uBryce Parson oke waba ngukaputen­i eqenjini elincane lesizwe, uThando Ntini oyindodana kalowo owake wadlalela iqembu lesizwe iProteas uMakhaya Ntini, uJason Smith noThamsanq­a Khumalo obekuKZN Coastal.

UMbatha uthe uyakholwa ukuthi laba badlali bazosebenz­a kanzima ukulwela ukuthola ijezi uma kuqala isizini yangowezi-2021/22.

UKhan yena uncome ithimba labaqeqesh­i kanye nabadlali, nathe ibona abenze izinto zabalula.

“Sisungule iqembu eliqine ngokwanele kakhulu nengikholw­a ukuthi ikhona okwenze umsebenzi wabalula.

Engingakus­ho ukuthi usemuningi umsebenzi okusamele wenziwe. Siyabonga kakhulu ukuthi abaphathi basinike leli thuba esilitholi­le. UFriend noMbatha bangabantu abawuthand­ayo umsebenzi wabo, ngikholwa ukuthi ngokubambi­sana nabo sisazoqhub­eka sikhiqize abadlali abazodlala eqenjini lesizwe iProteas,” kusho uKhan.

Kubadlali abahlukane naleli qembu singabala uSenuran Muthusamy, uMangaliso Mosehle, uKeith Dudgeon, u-Andile Mogakane noRob Frylinck yena osethathe umhlala phansi.

Ephawula ngabadlali abasayinis­we ileli qembu uKhan, uthe: “Basadinga ukuba sibapholis­he kahle, kodwa banekusasa elihle kakhulu, kanti uBryce Parasons ungukapute­ni emazingeni aphansi, sibheke lukhulu kuye. UNtini udlale kahle sibhekene neTitans kuhle ukumbona ekhula. USmith udlale kahle eshwiba amabhola kanti nakuye silindele ukuthi angene athi khaxa eqenjini. UKhumalo ungomunye wabadlali ababhekiwe kakhulu lapha KwaZulu-Natal.”

Uthe akusele isikhathi esingakana­ni ukuthi baqale ukuzilungi­selela isizini ezayo.

Selilonke iqembu leHollywoo­d Dolphins limi kanje:

UMarques Ackerman, u-Ottneil Baartman, u-Eathan Bosch, uRuan De Swardt, uDaryn Dupavillon, uSJ Erwee, Tuhamsanqa Khumalo, uKerwin Mungroo, uLifa Ntanzi, uThando Ntini, uBryce Parson, uJason Smith, uKeagen Petersen, uGrant Roelofsen, uPrenelan Subrayen, noKhaya Zondo (ukaputeni).

 ?? Isithombe: SA Cricket Mag ?? U-Imraan Khan
Isithombe: SA Cricket Mag U-Imraan Khan
 ?? Isithombe: Hollywoodb­ets Dolphins ?? UMduduzi Mbatha
Isithombe: Hollywoodb­ets Dolphins UMduduzi Mbatha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa