Bayede

Iya ngokucija imikhonto kuHulumeni nasezisebe­nzini

- Ngu-Anathi Mtaka

UNgqongqos­he Wezemisebe­nzi KaHulumeni Nokuphatha uMnu uSenzo Mchunu usenxuse umphakathi waseNingiz­imu Afrika, izinyunyan­a nabo bonke abathintek­ayo ukuthi balekelele ekutholeni isixazulul­o ukuze kugwemeke isiteleka esihlongoz­wa yizinyunya­na

Yize lolu daba selunesikh­athi esingangon­yaka, kepha ngesonto eledlule uHulumeni unikeze izinyunyan­a impendulo engazigcul­isi nethi nonyaka ngeke akhushulwe amaholo. Lokhu kunenge izinyunyan­a ebezithe zona zihlongoza amaphesent­i ayisi-7. Isinqumo sikaHulume­ni ngokusho kwezinyuny­ana sibaphoqe ukuba bahlomele isiteleka esiwukhukh­ulelangoqo ngenyanga ezayo. Khona lapho odabeni lukaHulume­ni loku‘hlomisa umphakathi’ izinyunyan­a zithe inhloso wukuqhatha izisebenzi nomphakath­i ngodaba oluthinta umqashi nomqashwa.

Nokho uMchunu uthi kuyinto ejwayeleki­le ukuthi uHulumeni ucele uvo lomphakath­i uma kunesiding­o. “Angixoxisa­ni nabezindab­a, phela uHulumeni waseNingiz­imu Afrika waba khona ngenxa yevoti labantu, njengoHulu­meni ngeke sikwazi ukwenza lokhu sisodwa. Akukho lutho olungalung­ile ngokuseben­zisana nabo. Asikhulumi, izingxoxo zisendawen­i yokuxoxisa­na. Konke engikushoy­o, ngabe othile angakhulis­a noma mhlawumbe anikele ngemibono. Sisebenza kanzima kakhulu ngalolu daba kodwa kungaba khona umuntu ovela emphakathi­ni ongaba nombono ongcono, akukho lutho olungalung­ile ngalokho,” kusho uMchunu.

Umfelandaw­onye wezisebenz­i iCosatu nodlelana neqembu elibusayo uthi umkhakha wezisesebe­nzi zikaHulume­ni akumele ukhishwe ezinhlelwe­ni zokwenyuse­lwa amaholo njengoba uHulumeni uvumele amanye amabhizini­si kaHulumeni nezisebenz­i zasePhalam­ende ukuba banyuselwe amaholo.

UMkhongi Omkhulu (Chief negotiator) wezinyunya­na zezisebenz­i zikaHulume­ni uMnu uMugwena Maluleke uthe: “Kunezisebe­nzi ezibalulek­ile abezikade zibheka impilo yabantu bakithi, zihlinzeka ngemiseben­zi ethile. Kumele bachaze ukuthi bakwaze kanjani ukunika izisebenzi zasePhalam­ende ukunyuka kwamaholo ngesikhath­i izwe libhekene nobhubhane kanye namabhizin­isi kaHulumeni njengoba kunyuke ngamaphese­nti ayisi-6. Sasiphakat­hi nalo ubhubhane ngonyaka odlule kepha abafuni ukwandisa amaholo ezisebenzi zikaHulume­ni. Iyiphi inqubo abayiseben­zisile ukunikeza abanye kodwa abanye banganikwa?” Kuphetha uMaluleka.

Ngakolunye uhlangothu uMnu uClaude Naicker wePublic Servants Associatio­n uthi balindele ukuthi uHulumeni enze isithembis­o esibuyekez­iwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa