Bayede

Umthetho omusha waseBritai­n usufake unswinyo kwabathile

- ngu-Anathi Mtaka nguMagnits­ky. Laba abaseRussi­a kubandakan­ya uDmitry Klyuev, owaziwa njengomnik­azi ngaleso sikhathi we-Universal Savings Bank yaseRussia. IBritain iphinde yadedela isijeziso kuzelamani zakwaGupta u-Ajay, u-Atul noRajesh, ezidabuka e-India

NgoMsombul­uko iBritain ifake unswinyo kwabali-14 baseRussia, umndeni wakwaGupta kanye nezikhulu ezisolwa ngokusiza abathengis­i bezidakami­zwa baseCentra­l America, ekusetshen­zisweni kokuqala kwamandla amasha ukulwa nokuhlukun­yezwa kwamalunge­lo abantu nenkohlaka­lo.

Umthetho omusha waseBritai­n obizwa ngokuthi yiMagnitsk­y Act, unjengomth­etho owashaywa e-United States of America oqanjwe ngoSergei Magnitsky, ummeli owaboshwa futhi washonela ejele eRussia ngemuva kokumangal­ela izikhulu zaseRussia ngenkohlis­o enkulu yentela.

Lo mthetho omusha unikeza uHulumeni amandla okujezisa labo othi babandakan­yeka ngokuthemb­eka ekuphulwen­i kwamalunge­lo abantu nenkohlaka­lo.

Izinyathel­o zalo mthetho zithi kubanjwa izimpahla zabo futhi zibavimbel­e ukuthi bavakashel­e iBritain.

“Inkohlakal­o inomphumel­a omubi njengoba ibambezela intuthuko, iqeda ingcebo yamazwe ampofu futhi igcina abantu bayo bevaleleke ebuphofini. Ingcolisa umthombo wentando yeningi,” kusho uNobhala Wezangapha­ndle uDominic Raab (osesithomb­eni).

Abantu baseRussia abali-14 ababehlosi­we bayathinte­ka kulokho uHulumeni waseBritai­n akuchaza njengobuqo­la bemali engangezig­idi ezingama-$230 okwakuyica­la elavezwa yaseNingiz­imu Afrika eyaba nomthelela ekuqunjwen­i phansi kukaMengam­eli wangaphamb­ilini uJacob Zuma. Basolwa ngokuseben­zisa ubudlelwan­o babo noZuma ukuzizuzis­a ngokwezima­li nokuthinta ukuqashwa kwabantu abaphezulu.

AbakwaGupt­a noZuma bayakuphik­a ukwenza okungafane­le. Kuphinde kwafakwa unswinyo kubantu abathathu abasolwa ngenkohlak­alo eHonduras, eNicaragua naseGuatem­ala, kubandakan­ya nokwenza lula ukufumbath­iswa ukuze basekele inkampani enkulu yokushushu­mbisa izidakamiz­wa. UNobhala Wezangapha­ndle e-USA u-Antony Blinken uthe uyazamukel­a izijeziso zaseBritai­n, wathi ziqinisa imizamo yokulwa nenkohlaka­lo emhlabeni jikelele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa