Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

E-USA:

Iqembu lamaSenato­r ase-USA linxuse uHulumeni kaBiden ukuba uqhubeke ubeke ngaphansi konswinyo uHulumeni wezombutho waseMynmar okubalwa phakathi ukungena kwemali etholwe yinkampani yezamandla kaHulumeni ngenxa yokuvukela umbuso nokuhlasel­a ngodlame ababhikish­i ababephiki­sana nawo lo Hulumeni.

AmaSenator uJeff Merkley, oyilungu leqembu lamaDemocr­at, uMarco Rubio, wamaRepubl­ican nabanye abane banxuse uNobhala Wombuso u-Antony Blinken kanye noNobhala Wezezimali uJanet Yellen encwadini ethi “babheke izindlela ezintsha zokuxhasa abantu baseBurma emzabalazw­eni wabo oqhubekayo wentando yeningi njengoba izibalo zokwephulw­a kwamalunge­lo abantu ziqhubeka zikhula”.

Bafuna ukuthi uHulumeni kaBiden uyeke izinkokhel­o ezivela emabhizini­sini kufaka phakathi inkampanmi yezamandla yaseMelika iDRM Corp eyise imali kuMyanmar Oil and Gas Enterprise, noma iMOGE, okuyinhlan­gano eseMnyangw­eni Wezamandla.

IMOGE ixhasa nezimali abaholi bezombutho kubandakan­ya uGeneral Min Aung Hlaing, osevele engaphansi kwezijezis­o zaseMelika.

E-Europe:

UMengameli waseRussia uVladimir Putin nozakwabo waseUSA uJoe Biden bangahlang­ana ngoNhlangu­lana, ngokusho kwemibiko yabezindab­a kula mazwe.

Ephawula umsizi waseKremli­n (Russia), ngesikhath­i kushuba isimo phakathi kweMoscow neNtshonal­anga. Umeluleki wenqubomgo­mo yezangapha­ndle, uYuri Ushakov waseRussia, uthe isinqumo esiqinile ngalo mhlangano asikathath­wa.

“Sizothatha isinqumo kuye ngezici eziningi,” kusho u-Ushakov, inxusa laseRussia e-USA kusukela ngowe-1998 kuya kowezi-2008. Ngokwehluk­ana, uNgqongqos­he Wezangapha­ndle waseRussia uSergei Lavrov, uthe isiphakami­so sikaBiden sengqungqu­thela samukelwe “kahle” futhi manje siyacatsha­ngelwa. Kuvele imibiko ethi uBiden ucele ukuhlangan­a noPutin ngoNhlangu­lana mhla zili-15 Kuya zili-16 ezweni elise-Europe.

UPutin kanye nowayenguM­engameli waseMelika uDonald Trump babamba ingqungqut­hela eHelsinki ngoNtulika­zi wezi-2018. Ngasekuqal­eni kwale nyanga, uBiden unxuse uPutin ukuba anciphise ukungezwan­i okwashukun­yiswa ukwanda kwamasotsh­a aseRussia emungcelen­i wase-Ukraine futhi waphakamis­a ingqungqut­hela yokubhekan­a nesihlava sezingxaba­no.

ERussia:

Inkantolo yaseRussia igwebe uthisha esikhungwe­ni sezindiza iminyaka engama-20 ebhadla ejele ngoLwesihl­anu ngemuva kokumthola enecala lokuvukela umbuso, ngokusho kwale nkantolo njengoba eqhubeka amacala alolu hlobo.

INkantolo Yedolobha iMoscow ithe ithole u-Alexei Vorobyov enecala lokukhipha imininingw­ane yezobuchwe­pheshe ngokungemt­hetho engasetshe­nziswa ukwenza izikhali. Kuvele ukuthi uVorobyov ubesebenza eMoscow Aviation Institute.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa