URamaphosa uyavuma amaphutha kepha…
Ngonyaka wezi-2005 mhla zingama-20 kuMbasa, iNkantolo Enkulu yaseCape Town (Cape of Good Hope Division) yakhipa isinqumo ecaleni elabe liwuNombolo 9828/03. Leli cala lalingodaba lokudalulwa kwamagama abaxhasi ngamaqembu ezepolitiki kuleli. Ekhaleni laleli cala, abamangali kwakuyinhlangano engekho ngaphansi kukaHulumeni i-Institute for Democracy in South Africa (Idasa). Kanti ngakolunye uhlangothi abamangalelwa kwabe kungamaqembu amakhulu ePhalamende ngaleso sikhathi okwakuyiAfrican National Congress (ANC) iDemoractic Alliance (DA), i-Inkatha Freedom Party (IFP) kanye neNew National Party (NNP). UMehluleli owabe elalele icala kwabe kunguMehluleli uGriesel.
Isicelo sabamangali kwakuwukuthi ‘ukwakha inqubomgomo ezoqinisekisa ukuthi amaqembu ezepolitiki, noma labo abawamele kuzwelonke, ezifundazweni kanye nakoHulumeni Bendawo, bayaphoqeleka ukulandela iSigaba 32(1) soMthethosisekelo kanye neSigaba 11 noma iSigaba 50 soMthetho 2 Wokuthuthukisa Ukuthola Ulwazi wezi-2000 [(Promotion of Acess to Information Act 2 of 2000) (PAIA)], ukuba badalule isamba somnikelo abawuthole kanye negama lenkampani noma umuntu abenze umnikelo’.
Okwaqapheleka lapha wukuthi amaqembu onke ayengabamangalelwa asho ngazwi linye ukuthi ayaphikisana nalokhu. Okwakungokokuqala ngqa ukuthi iqembu elibusayo nalawo aphikisayo kube nento eyenza bakhuluma ngazwi linye. Okwakusobala wukuthi amaqembu ezepolitiki ayengazimisele ukudalula ukuthi imali exhasa imikhankaso yawo iqhamuka kubani kuleli nasemazweni omhlaba.
ElaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi kwakungewona wodwa amaqembu okwakungehli kahle ukuba adalule abaxhasi, kepha nabo abaxhasi uqobo babemanqikanqika. Nxa eziphungela amaqembu aphikisayo ayethi ‘nxa bedalula amagama abaxhasi kungenzeka bajeziswe ngokuthi banganikwa imisebenzi ethize yiqembu elibusayo’. INkantolo yasichitha isicelo sabamangali ngelithi, abamangalelwa okungamaqembu ezepolitiki akukho okuwaphoqa ngokomthetho ukuba adalule abantu noma izinkampani eziwaxhasayo. Nokho phezu kwalokho uMehluleli wecala wathi: “Nokho abafakicala banodaba oluphoqayo oluthinta inqubo nomthetho wokuqhathaniswa ukuthi abaxhasi bangasese kudinga ukuthi balawulwe umthetho oqondile ukuze kuvuleleke futhi kube sobala. E-USA, isibonelo, ukudalulwa komthetho wesizwe waqalwa ngowe-1910.
Kwadinga ukuba amaqembu nezinhlangano zepolitiki ezibanomthelela okhethweni ezifundazweni ezimbili noma ngaphezulu zidalule amagama abo bonke abaxhasi abaxhase nge-$100 nangaphezulu.
Kwanqunywa kanjalo eNkantolo
Ephezulu yase-USA. Nokho lokho sekuguqukile njengoba sekunomthetho owelusa ukuxhaswa kwamaqembu ngokuba kudalulwe umnikelo kanye nabaxhasi.
URamaphosa uvumile ukuthi amavenge abe abiwa yimindeni efana nabakwaGupta kanye nabakwaWatson afana nomswane wembabala ngoba anede angena nje enhlanganweni ebusayo ayigovuza. Odabeni nje lwabakwaGupta icala lisala noZuma kanti kulowo wakwaWatson ngenkampani iBosasa uRamaphosa uthe: “Uxhaso lweBosasa kuKhongolose ngolunye lweziwombe lapho saba nephutha.” Kulokhu okuthinta yena ngqo neBosasa uRamaphosa uthe kwaba wumnikelo angawazi ngoba wabe engeyona ingxenye yokuqoqa izimali zomkhankaso wakhe owawaziwa ngeleCR17.
Odabeni lokwenza iPhalamende udibi ikakhulukazi odabeni oluthinta abakwaGupta uthe: “Ngiyavuma ukuthi iPhalamende lineqhaza elilibambayo uma kuziwa ezinsolweni ezifana nalezi, yiqembu elibusayo okufanele linyakaze. Uma lehluleka, iPhalamende kufanele lingenelele, kodwa lizodinga okungaphezu kwezinsolo. Okwaputshuka kumaGupta kwaba wubufakazi okufanele bulandelelwe.”
Uthe lapho ummeli uFreund weKhomishini elandela ethi: “Sekuphele iminyaka engaphezu kwemihlanu, ngabe iPhalamende alikaze liphenye libuye lenze izithangami zokuthola ulwazi lenze lokho okungahle kube khona mayelana nezinsolo ezinzulu kangaka?” URamaphosa uphendule wathi: “Ngiyakuvuma futhi ngiyakwemukela lokho. Kwaba nephutha elenzeka kuleso sigaba.”
Njengoba kwenza uMbeki kwuKhomishini kaTutu, uRamaphosa uye lapha eyovikela inhlangano naye siqu. Yize kusase kuseni kepha kube sobala ukuthi kokuningi uziphungele yena neqembu. KukuZondo nomphakathi ukuthi ukholwe wukuthi wayengazi lutho yena siqu nokuthi iqembu lalingazi ngezinto elizivumayo ukuthi zabe zingamachilo.