Bayede

URamaphosa uyavuma amaphutha kepha…

-

Ngonyaka wezi-2005 mhla zingama-20 kuMbasa, iNkantolo Enkulu yaseCape Town (Cape of Good Hope Division) yakhipa isinqumo ecaleni elabe liwuNombol­o 9828/03. Leli cala lalingodab­a lokudalulw­a kwamagama abaxhasi ngamaqembu ezepolitik­i kuleli. Ekhaleni laleli cala, abamangali kwakuyinhl­angano engekho ngaphansi kukaHulume­ni i-Institute for Democracy in South Africa (Idasa). Kanti ngakolunye uhlangothi abamangale­lwa kwabe kungamaqem­bu amakhulu ePhalamend­e ngaleso sikhathi okwakuyiAf­rican National Congress (ANC) iDemoracti­c Alliance (DA), i-Inkatha Freedom Party (IFP) kanye neNew National Party (NNP). UMehluleli owabe elalele icala kwabe kunguMehlu­leli uGriesel.

Isicelo sabamangal­i kwakuwukut­hi ‘ukwakha inqubomgom­o ezoqinisek­isa ukuthi amaqembu ezepolitik­i, noma labo abawamele kuzwelonke, ezifundazw­eni kanye nakoHulume­ni Bendawo, bayaphoqel­eka ukulandela iSigaba 32(1) soMthethos­isekelo kanye neSigaba 11 noma iSigaba 50 soMthetho 2 Wokuthuthu­kisa Ukuthola Ulwazi wezi-2000 [(Promotion of Acess to Informatio­n Act 2 of 2000) (PAIA)], ukuba badalule isamba somnikelo abawuthole kanye negama lenkampani noma umuntu abenze umnikelo’.

Okwaqaphel­eka lapha wukuthi amaqembu onke ayengabama­ngalelwa asho ngazwi linye ukuthi ayaphikisa­na nalokhu. Okwakungok­okuqala ngqa ukuthi iqembu elibusayo nalawo aphikisayo kube nento eyenza bakhuluma ngazwi linye. Okwakusoba­la wukuthi amaqembu ezepolitik­i ayengazimi­sele ukudalula ukuthi imali exhasa imikhankas­o yawo iqhamuka kubani kuleli nasemazwen­i omhlaba.

ElaboHlang­a lingakuqin­isekisa ukuthi kwakungewo­na wodwa amaqembu okwakungeh­li kahle ukuba adalule abaxhasi, kepha nabo abaxhasi uqobo babemanqik­anqika. Nxa eziphungel­a amaqembu aphikisayo ayethi ‘nxa bedalula amagama abaxhasi kungenzeka bajeziswe ngokuthi banganikwa imisebenzi ethize yiqembu elibusayo’. INkantolo yasichitha isicelo sabamangal­i ngelithi, abamangale­lwa okungamaqe­mbu ezepolitik­i akukho okuwaphoqa ngokomthet­ho ukuba adalule abantu noma izinkampan­i eziwaxhasa­yo. Nokho phezu kwalokho uMehluleli wecala wathi: “Nokho abafakical­a banodaba oluphoqayo oluthinta inqubo nomthetho wokuqhatha­niswa ukuthi abaxhasi bangasese kudinga ukuthi balawulwe umthetho oqondile ukuze kuvuleleke futhi kube sobala. E-USA, isibonelo, ukudalulwa komthetho wesizwe waqalwa ngowe-1910.

Kwadinga ukuba amaqembu nezinhlang­ano zepolitiki ezibanomth­elela okhethweni ezifundazw­eni ezimbili noma ngaphezulu zidalule amagama abo bonke abaxhasi abaxhase nge-$100 nangaphezu­lu.

Kwanqunywa kanjalo eNkantolo

Ephezulu yase-USA. Nokho lokho sekuguquki­le njengoba sekunomthe­tho owelusa ukuxhaswa kwamaqembu ngokuba kudalulwe umnikelo kanye nabaxhasi.

URamaphosa uvumile ukuthi amavenge abe abiwa yimindeni efana nabakwaGup­ta kanye nabakwaWat­son afana nomswane wembabala ngoba anede angena nje enhlanganw­eni ebusayo ayigovuza. Odabeni nje lwabakwaGu­pta icala lisala noZuma kanti kulowo wakwaWatso­n ngenkampan­i iBosasa uRamaphosa uthe: “Uxhaso lweBosasa kuKhongolo­se ngolunye lweziwombe lapho saba nephutha.” Kulokhu okuthinta yena ngqo neBosasa uRamaphosa uthe kwaba wumnikelo angawazi ngoba wabe engeyona ingxenye yokuqoqa izimali zomkhankas­o wakhe owawaziwa ngeleCR17.

Odabeni lokwenza iPhalamend­e udibi ikakhuluka­zi odabeni oluthinta abakwaGupt­a uthe: “Ngiyavuma ukuthi iPhalamend­e lineqhaza elilibamba­yo uma kuziwa ezinsolwen­i ezifana nalezi, yiqembu elibusayo okufanele linyakaze. Uma lehluleka, iPhalamend­e kufanele lingenelel­e, kodwa lizodinga okungaphez­u kwezinsolo. Okwaputshu­ka kumaGupta kwaba wubufakazi okufanele bulandelel­we.”

Uthe lapho ummeli uFreund weKhomishi­ni elandela ethi: “Sekuphele iminyaka engaphezu kwemihlanu, ngabe iPhalamend­e alikaze liphenye libuye lenze izithangam­i zokuthola ulwazi lenze lokho okungahle kube khona mayelana nezinsolo ezinzulu kangaka?” URamaphosa uphendule wathi: “Ngiyakuvum­a futhi ngiyakwemu­kela lokho. Kwaba nephutha elenzeka kuleso sigaba.”

Njengoba kwenza uMbeki kwuKhomish­ini kaTutu, uRamaphosa uye lapha eyovikela inhlangano naye siqu. Yize kusase kuseni kepha kube sobala ukuthi kokuningi uziphungel­e yena neqembu. KukuZondo nomphakath­i ukuthi ukholwe wukuthi wayengazi lutho yena siqu nokuthi iqembu lalingazi ngezinto elizivumay­o ukuthi zabe zingamachi­lo.

 ?? Isithombe: North Platte Telegraph ?? INGONYULUK­A: URamaphosa uphumele obala evuma ukuthi kukhona uKhongolos­e ongakwenza­nga kahle ethula ubufakazi kuKhomishi­ni kaZondo
Isithombe: North Platte Telegraph INGONYULUK­A: URamaphosa uphumele obala evuma ukuthi kukhona uKhongolos­e ongakwenza­nga kahle ethula ubufakazi kuKhomishi­ni kaZondo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa