Bayede

Ziyalakany­ana izinkinga kuNdunanku­lu wase-United Kingdom

-

NgoLwesith­athu, uNdunankul­u we-United Kingdom (UK) uBoris Johnson ubengaphan­si kwenkulu ingcindezi yokuchaza ngesimo sakhe sezimali. Lokhu kulandela izinsolo zokwephula umthetho wokhetho ngokwamuke­la umnikelo ngendlela engafanele.

Lo Ndunankulu usolwa ngokwamuke­la umnikelo ngokuthi kuvuselelw­e isakhiwo sakhe esisendawe­ni yomtakaban­i iDowning Street. Lolu lwazi luputshuzw­e ngowayengu­meluleki omkhulu kalo Ndunankulu uDominic Cummings. Le ngcindezi nokusolwa kufika nje ezinsukwin­i eziyisithu­pha kuzoba nokhetho lo Hulumeni Basekhaya e-England, eWales naseScotla­nd.

Akulona lodwa lolu lwazi oluputshuz­we uCummings kodwa uphinde wakhipha noluthinta ukuziphath­a kukaJohnso­n ngesikhath­i izwe lingaphans­i kwengcinde­zi yokhuvethe.

Ebuzwa ngalezi zinsolo, okhulumela lo Ndunankulu u-Allegra Stratton, uthe yonke iminikelo, izipho kanye nokunye ukuhlomula konke kwavezwa obala kanti ayikho imali yeqembu iConservat­ive Party esetshenzi­siwe ukuvuselel­a isakhiwo. UJohnson njengoNdun­ankulu unikezwa uHulumeni ama-Euro ayizi-30 000 minyaka yonke ukuthi avuselele futhi agcine sisesimwen­i isakhiwo ahlala kuso kodwa ngaphezu kwalokhu kuba sekuba yiphakethe lakhe uNdunankul­u.

Ongqongqos­he bakhe bebelokhu bemuvikela uJohnson bethi wazikhokhe­la yena ukulungisa lesi sakhiwo kodwa akucaci ukuthi lokhu wakwenza nini kanti njengoba izindleko zokusilung­isa zihlawumbi­selwa a kuma-Euro ayizi-200 000 akucaci ukuthi wayithatha­phi le mali.

Ngaphansi kwemitheth­o yomnikelo yokhetho, uJohnson kwakumele awuveze obala lo mnikelo. Iqembu eliphikisa­yo iLabour Party selicele ukuthi iKhomishin­i Yokhetho iluphenye lolu daba. USekela Sihlalo kuleli qembu u-Angela Rayner ubhalele inhloko yezinhlelo zikaHulume­ni uSimon Case, ukuthi aphenye lezi zinsolo njengoba uCummings ethi uJohnson wayefuna abaxhasi bavuselele lesi sakhiwo ngokuyimfi­yo ngesikhath­i kuyiwa okhethweni lukazwelon­ke ngowezi-2019.

UCummings uphinde wathi wamtshela uJohnson ukuthi lokhu akwenzayo kuwubuwula, kunokungat­hembeki futhi akuhambisa­ni nomthetho. Ebuzwa ngokuthi uJohnson wake wanikezwa yini isikweletu iqembu lakhe iConservat­ive Party ukuvuselel­a isakhiwo, uGrant Shapps onguNgqong­qoshe Wezokuthut­ha uthe: “UNdunankul­u wayesevele ezikhokhel­e.” Nakuba lo Ndunankulu ebesekwazi­le ukuzakhela ugazi ikakhuluka­zi ngendlela asilawule ngayo isimo sokubhebhe­theka kokhuvele kanye nesivumelw­ano sokuhlubuk­a ku-European Union (EU) esaziwa ngeBrexit.

Konke lokhu sekunambit­hwa ngenye indlela njengoba sekuvela nenkulumo ethi lo Ndunankulu uthe zingamane ziqoqelane ngobuningi bazo izidumbu kunokuthi kubuyelwe kumthetho emvalelwek­haya. Ebuzwa ngalezi zinsolo uJohnson uphike walala ngomhlane. NgoLwesith­athu uxwayise ngokuthi uzozihoxel­a esikhundle­ni uma kungavela ukuthi ngempela ukushilo lokhu.

Le nkulumo kubikwa ukuthi uyisho ngoMfumfu wanyakenye ngesikhath­i ukhuvethe lukhomba ukungalawu­leki kuleli lizwe. Umholi weLabour Party uKeir Starmer, usetshele amalungu ePhalamend­e ukuthi nanoma ngubani odukisa iPhalamend­e kumele azihoxele ngoba kuyacaca ukuthi kukhona ongenalo iqiniso njengoba kusolakala ukuthi ngomunye wongqongqo­she bakaJohnso­n okhiphe le ndaba.

UJohnson uthi lowo onobufakaz­i ukuthi le nkulumo iphuma kuye akaphumele obala. Le nkulumo ayihlali kahle kwabaningi e-UK ngoba inqwaba yabantu abafa ngalesi sikhathi.

Okucasula kakhulu abantu ukuthi bayibona imufanele uJohnson le nkulumo njengoba aziwa ngokuba nolwimi olubudeden­gu nokwehlule­ka ukufihla imizwa yakhe.

Ngaphambi kokwethulw­a kohlelo lokugoma ngomgomo i-OxfordAstr­aZeneca leli lizwe lalingelin­ye lalawo e-Europe ahaqwe kakhulu ukhuvethe.

Njengamanj­e bangama-127 000 abantu asebebulew­e ilesi sifo kanti asebesindi­le kuso bevile kuzigidi ezine. Lokhu kunikeza isithombe sokuthi lesi sifo besidla lubi kangakanan­i kuleli lizwe.

Kuthe kungethulw­a umgomo zaqala zehla izibalo zabafayo nabahaqeka­yo. Yonke le mibiko ifika ngesikhath­i lapho kunoxhaxha lwemibiko evela ngoJohnson.

Kumanje ubhekwe ngeso lokhozi njengoba konke lokhu kwenzeka vele baningi ababethi kuzokwenze­ka nokho okuze kube manje ebasaphoxa.

Ngakolunye uhlangothi, izinto zihamba ngokufisa kwakhe uJohnson njengoba amalungu e-EU asevumelen­e ngesivumel­wano sokuhwebel­ana ne-United Kingdom. Le nhlangano yacela ukuphinde isibuyekez­e lesi sivumelwan­o kulandela ukungacaci­swa kweminye imininingw­ane kwazise zombili lezi zinhlaka zazivumele­ne ngokungabi nasivumelw­ano.

Lokhu kwakuchaza ukuthi lezi zinhlaka zizohlukan­a kube sengathi azikaze zazane. Lesi sivumelwan­o sizoxazulu­la umbango phakathi kwalezi zinhlaka womungcele weNorthern Ireland kanye nemigomo yokhuvethe.

Obekuziqha­tha kakhulu lezi zinhlaka ukuthi sezihlale isikhathi eside ndawonye okudala ukuthi uma sezehlukan­a kube nokudideka ukuthi sezizosebe­nzisana kanjani okanye azisebenzi­sani nhlobo. Kunezinto abazakha bobabili ngaphansi kwesivumel­wano sokwehluka­na ngaphandle kwemibande­la kube khona ukudideka ukuthi zingezikab­ani futhi zisetshenz­iswa kanjani.

Angama-660 amalungu ePhalamend­e le-EU avotele ukuthi sibuyekezw­e isivumelwa­no sesehlukan­iso ukuze sicacise eminye imininingw­ane kanti amalungu ayisihlanu athe asishiywe simanikini­ki sinjalo vele sibuyekeze­lwa ukutotosa i-UK.

Angama-32 athe akugqiziqa­kala kuwo ukuthi kwenzakala­ni ngalesi sivumelwan­o okungakho engavotang­a.

Lesi sivumelwan­o silungiswa okokugcina nje isimihlanu iminyaka selokhu i-UK yasicela isehlukani­so ku-EU ikhala ngokunqidw­a amandla yilobu budlelwano.

 ?? Isithombe: Xinhua ?? UNdunankul­u uBoris Johnson
Isithombe: Xinhua UNdunankul­u uBoris Johnson
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa