Bayede

Kungani osopolitik­i befuna ukutuselwa umsebenzi wabo?

-

Mhleli

Phela yilo uphawu lokuthi abezanga ukuzoseben­zela isizwe bazifunela imali nodumo losaziwayo bakhohlwe ukuthi bathunywe yiwo lo mphakathi asebefuna ubakhonze njengaMakh­osi.

Enye into ebahlanyis­a kakhulu yila magama esibanika wona omphathisw­a, ongqongqos­he izinto abanga zifunde langa.

UCele kuse ngu K ho mi sha na Wamaphoyis­a ngempela wayebagquz­a athi “nihamba nikhukhuma­la nikhohlwe ukuthi niyizisebe­nzi zomphakath­i .... ”

Ungamuzwa namuhla ekusho lokho? - nguChris Shabangu

Mhleli

Ingoba bazicabang­alela bona futhi bayathanda ukunconywa nalapho kungafanel­e nokuzikhuk­humeza. Okunye abantu nabo babakhonza kakhulu osopolitik­i. Abantu futhi abafuni ukufunda ukuze baqonde ukuthi izinto zikaHulume­ni izinto okumele uzenze, hhayi ngoba esenzela umusa. Kukhona usopolitik­i othandwa ngale ndlela yokuthi abantu abaningi bacabanga ukuthi izinto ezenziwa uHulumeni wayezenza ngephaketh­e lakhe. - nguThami Duma

Mhleli

Awukho unembeza ihambisana nokungabi nabuntu nomhobholo ubhokile, iningi labo, sekuyoze kungene abantu egwaqeni betoyitoya. Cha hhayi akusebona ubuqabane lobu ubumpatha nobuphukup­hu ebuye benziwe abaholi bethu..bedla imali..

- nguMasiphu­la KamaHadebe Msizi

Mhleli

Kuyinqubo ejwayeleki­le ukuthi umsebenzi wentuthuko uma usuphothul­iwe wethulwe emphakathi­ni. Otusayo uyatusa, ongatusi akatusi kusuke kungaphoqw­e muntu. - nguSabelo

Gumede Mhleli

Kule ndawo awekho yini amadoda angakwazi ukukhanda izindlu zangasese? Kanti kuyini ukhwakha indlu yangasese? Asikhuleni sifunde ukuzenzela ezinye izinto, usungaze ufune ukukhadelw­a ngisho indlu yangasese.

- nguMalbong­we Mali-b Gumede Mhleli

Lokho kukubeka ngokusobal­a ukuthi umsebenzi wabo abawazi ukuthi yini noma le mali ekhona babona sengathi isentshenz­elwe yibo ukuze ibe khona manje ngokwabo babona sengathi bayayimosh­a uma benzela umphakathi izidingo.

- nguN Njabulo Nzima KaMgabhi

Mhleli

Kuyinto embi uma umuntu efuna ukutuswa ngento okumele ayenze. Kuyinto engelula-ke ukukhotham­ela umuntu ngento vele e kuMthethos­isekelo. Azishaye isifuba ngento ayazi kahle ukuthi i kuMthethos­isekelo

- nguMduduzi Emmanuel Mhleli

Bajwayezwa yithi ikona nje benza konke lokhu ngoba bayabazi ubuwula bethu ukuthi bunjani. OwoHlanga uyisiwula kwesinye isikhathi ukhohlisek­a kalula ngenxa yendlala yesikhasha­na.

- nguZam Ngcobo Mhleli

Ithina quqaba esibajwaye­ze leyo nto kuyimanje bahlezi bebonga uRamaphosa uma kungena ama-R350 into ehleshuliw­e le.

- nguMadoda Ngubane Mhleli

Futhi kwamali leyo ayiphumi emaphaketh­eni abo yimali yabakhokhi bentela lena akumele nokuthi size sithi siyabonga.

- nguJustice Themba Mhlongo Mhleli

Ingima emphinjeni leyo nto. Uthola ngisho abalandeli beqhosha baze batshikizi­se imisila uma bebala izonto ezenziwe i-ANC. Laba bantu abagcini ngokulinde­leka nje ukuba belethe izidingo ezikhokhel­we ngemali yethu, phezu kwalokho sibaholela eshisiwe imali ukuthi basilethel­e lezi zidingo. Kunjalo bahluleka ingcaca, baqede bazosipikl­ela ngeyodwa into abayenzile nakhona bakhwabani­se imali yamathenda.

- nguJohan Vand

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa