Bayede

Ngabe usalithand­a yini ikhansela lakho noma usuhleli nomhlola nje?

-

Mhleli

Lapha engigobe khona amadlangal­a ngenxa yetoho lisiphethe kahle siyaziswa ngokwenzek­ayo nokuzokwen­zeka, siyamenywa nasemihlan­ganweni kube khona namaphoyis­a azosexwayi­sa ngobugeben­gu nanokuthi singazivik­ela kanjani.

Ekhaya eDumbe lapho ngidabuka khona angilazi ikhansela lendawo, mhlawumbe kwenza ukuthi angihlali khona isikhathi eside. Kodwa umnyakazo ukhona liyazama akufani. - nguSihle KaNhleko

Mhleli

Angilazi nokuthi ubani. Impela le nto yamakhanse­la uHulumeni kusamele ayibheke. Mina angazi yini umsebenzi wekhansela ngempela ngoba qiniso bakhethelw­a ukuthola nje itoho.

Nathi njengabant­u basemakhay­a sisagcwele inkinga ngoba yithina amathuluzi okuvota bese sikhohlisw­a ngezethenj­iswana nathi silutheke sithi ‘iklembu lami iklembu lami’ ekubeni uhluphekil­e.

Abanye bazi kahle ukuthi umsebenzi wabo ukugqoka izikibha ukuze abanye besebenze bavuse imizi yakubo. Umbuzo, umkhetha kanjani umuntu uma esephethe bese umesaba ajike abe mkhulu kuwe, usabe nokuthi umxoshe uma esebheda? - nguSenzoo Mbatha

Mhleli

NgisoLundi olumahliki­hliki kuWadi 3 ophethwe uMhlonishw­a uS Buthelezi phansi kobuholi beIFP, okwamanje usasipheth­e kahle ngiyafisa nangokuzay­o aphinde abuye, kodwa-ke angeke saya nganxaye singewona amanzi. - nguZakhele MZukulu KaGwabalan­da

Mhleli

Cha bandla ubesaseben­za umfana kaButhelez­i uyazama izigubhu zikagesi sizitholil­e ngonyaka odlule, amanzi akhona nomake umgwaqo singenawo kodwa uyafika umshini uma sekonakele. Uma kungathiwa akabuyele ngiyomupha elami ivoti.

- nguNompume­lelo Thandeka Kamabuyakh­ulu Khanyile Mhleli

Yimikhufek­hufe uma ukhuluma okuphikisa­na naye uvele athi usekweliny­e iqembu nako ukuthi bangena bengazi ukuthi umphakathi uzoxhumana nabo ngqo, umuntu uvele acashe kwakhe athi akekho yize ekhona. Omunye athi ngazifunde­la mina pho ubengenela­ni ebukhansel­eni azi ukuthi uzogaba ngokuthi uwuthisha noma iphoyisa?

- nguSabatha Mhleli

Into engichazay­o ngokuhlala endaweni okungeyona eyakini ukuthi awazani nakhansela noma ubani uzohlala wenze okwenzayo uqede kodwa ngathi eDipalesen­g kuWadi 6 sihlezi nemihlola emibili yabantu kuyala intuthuko, intsha angisakhul­umi ayinamathu­ba uyoze ubaleke uze eGoli kube kuyima uthola into engcono. - nguSifiso Radebe

Mhleli

Alisekho kwalapha endaweni, lashiya umuzi, unkosikazi nezingane lahamba nezincane. Uma sikhala ngezidingo zomphakath­i asilitholi. Alifakwang­wa yithi ebukhansel­eni kodwa lafakwa uNkulunkul­u, angiboni ngisayophi­nda ngivote, sekuyokweh­la uNkulunkul­u abafake. - nguThoko Nhleko

Mhleli Mhleli

Ngakithi alikho ikhansela asilazi kumanje sithenga amanzi asinawo. Kunabantu abawadayis­ayo ngezimoto zabo siwathenga kubo. IHigh School asinayo kufundwa kude, izingane ziyagibela, abazali bakhokha imali yona lena abangenayo, bakhokha amarenti uma ingane isifunda uGrade-12 kuyaphoqa ukuthi iyohlalela ngasesikol­eni. - nguNondumi­so Ntuli

Savotela ikhansela lilihle lethembisa namuhla sekungumhl­ola nje ongenandab­a. Inkinga ukuthi asizikheth­eli inhlangano isikhethel­a emthandayo ngoba ehamba imihlangan­o yayo.

Abanandaba ukuthi akakaze enze lutho emphakathi­ni. nguSbusi Zulu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa