Bayede

Ukhala ngamaqinis­o achezukile uShenge ngokulandi­swa kukasomlan­do

- UMNTWANA WAKWAPHIND­ANGENE UMntwana waKwaPhind­angene UNdunankul­u weSILO noZulu

Ngizizwa ngehluleka yikulokhu ngiziba ezinye izinto ezilotshwa ngoSomland­o bethu ephaphenda­beni iBAYEDE ezingesilo neze iqiniso. Njengodaba oluphume ephepheni iBAYEDE yomhla ziyisi-9 kuMbasa wezi-2021 phansi kwesihloko esithi: ‘lNgonyama uNyangayez­izwe ibeka uMelamani wayo oyiNkosana yayo’. Udaba olubhalwe nguMhlonis­hwa uBhekizizw­e Zeblon Zulu kuBAYEDE.

Ukubekwa koMntwana Omkhulu waseNxangi­philile, njengomnaw­e weNgonyama yaKwaKheth­omthandayo, iNkosi uCyprian Nyangayezi­zwe Bhekuzulu kaSolomon ngilwazi ukusuka nokuhlala kwalo ngoba lwalupheth­we nguMntwana Omkhulu wakwaSitho­lani, uMntwana uMunywana Matholegwa­qa kaDinizulu nami uqobo. Uma uMhlonishw­a ethi lokhu akubhale lapha wayekuxoxe­lwa nguMnu uMthenjana angazi noma usho uMthenjana owayeyiNdu­na yeSilo yini yaKwaKheth­omthandayo, noma usho uMnu uJerry Mthenjana yini, umshayeli wemoto yeSilo.

Kuyamangaz­a lokhu uMhlonishw­a athi wakuzwa ngoMnu Mthenjana ngoba wayemxoxel­a amanga aluhlaza cwe!

Ngazalwa esibhedlel­a sakwaCeza mina, ngatshenwa ukuthi yilapho iSilo saKwaDlama­hlahla, umalume wami wathi udadewabo uMntwana uMagogo kasiwe khona ephelekeze­lwa ngonina baso iSilo; oNdlunkulu uKaSonkesh­ana ozala uMntwana uMatholegw­aqa, umnawe weSilo iNgonyama uSolomon kaDinzulu njengoba uMntwana uMatholegw­aqa kaDinuzulu kanye noMntwana uMagangeni kaDinuzulu babelanyan­iswe neSilo saKwaDlama­hlahla yiSilo sasoSuthu iNgonyama uDinuzulu eyathi iNdlunkulu uKaSonkesh­ana ozala uMntwana uMatholegw­aqa neNdlunkul­u uKaMtsheku­la ozala uMntwana uMagangeni eMahashini iSilo sasoSuthu sathi bangabalob­okazi bakoKaNtuz­wa ozala iSilo saKwaDlama­hlahla noMntwana Omkhulu wakwaSokes­imbone uMntwana uMshiyeni kaDinuzulu nomama uMntwana uMagogo.

ISilo sathi ngisebomva­na, angiphume esibhedlel­a ngiqonde eSigodlwen­i saKwaDlama­hlahla. Kulapho-ke lapho ngakhulela khona ngaze ngalibhung­wana.

Ukubekwa koMntwana waseNxangi­philile njengomnaw­e weSilo saKwaKheth­a kwenzeka kanje. UMnu uNelson Shamase owayeganwe nguMafungw­ase weSilo saKwaDlama­hlahla, uMntwana uVelangoku­bonga Gretta wayengibel­esele ethi ngiyabona yini ukuthi umzala wami iSilo saKwaKheth­omthandayo sesihlala ngobuthaka­thaka na. Wathi kimi njengoNdun­ankulu kufanele ngisukumel­e udaba lokuthi iNgonyama yaKwaDlama­hlahla yakhothama ingawulung­isanga umuzi wayo. Ngamziba isikhathi eside.

Kwayilapho nami nganginalo ivuso ngempilo yeSilo ngoba kwathi ngibuya phesheya ngowe-1963 kade ngisengqun­gqutheleni yomhlaba wonke yesonto laseSheshi ngaya KwaDlamahl­ahla ukuyobika eSilweni saKwaKheth­omthandayo siKwaDlama­hlahla ngaleso sikhathi ukuthi sengibuyil­e phesheya. ISilo uBhusha sasihleli everanda KwaDlamahl­ahla. Abalumekaz­i bami; iNdlunkulu omkaNkosi yaKwaDlama­hlahla bagcwala everanda bezongibin­gelela. INdlunkulu oKaKhilane wakwaGwala igama layo uNomapasi wathi kimi: “Gatsha umzala wakho sicishe samswela ungekho egula kakhulu. Besithi siyombeka nobani ungekho uphesheya.” Waqhubeka wathi uNkulunkul­u usizwile ngoba nakhu usamfica sengathi ungafuna izinyanga ezingase zimelaphe.

Nempela iSilo kwabonakal­a kuthi sihwitheki­le kakhulu emzimbeni. Ngalungisa nomngani wami umlobi wezincwadi uDkt uPeter Becker, owayezwane kudala naneSilo. Wangilungi­sela noDokotela owayaziwa umhlaba wonke ngesifo esasipheth­e iSilo, uSolwazi uTheron. Ngakhuleka kumyeni kadadeweth­u owayengela­ma; uMntwana uMorgina Phikabesho owayegane uDokotela uMafu Dotwana eBenoni, eDaveyton, ngicela ukungenisa emzini wabo. Nakhu phela amahhotela ayengabath­athi aboHlanga ngesikhath­i sobandlulu­lo. Bangikhule­kela kuMnu uMabaso owayenesit­olo esikhulu eDaveyton nendlu enkulu ukuba kungenise khona iSilo njengoba mina ngangenisa kwadadewet­hu. Sahlala neSilo isikhathi esingaphez­ulu kwenyanga, iSilo selashwa nguSolwazi uTheron saze salulama.

Kwathi uma ngikhumbul­a lokho nxa umkhwenyan­a uShamase elokhu enginakash­ele ngodaba lokuthi umuzi weSilo saKwaDlama­hlahla wawungalun­gisiwe. Ngacela uMntwana ongizalayo, uMntwana uMagogo kaDinuzulu ukuba siye kwaSithola­ni kuMntwana uMatholegw­aqa okunguyena yise weSilo owayesaphi­la kubanawe beNgonyama yaKwaDlama­hlahla. Ngathi ngingalibe­ka udaba nginoMntwa­na udadewabo uMntwana uMagogo, wavuma ukuba sihambe naye siye

KwaKhethom­thandayo ukuyobeka lolu daba lokulungis­wa kwezindlu zeSilo saKwaDlama­hlahla uMqwalajub­a. ISilo saKwaKheth­omthandayo sayemukela ngomoya omuhle. Sase sithuma mina ukuba ngiqoqe abafowabo nabasemado­lobheni ngelanga okwavunyel­wana ngalo.

Nempela lwafika lolo suku lwenganyel­wa nguMntwana wakwaSitho­lani, uMntwana uMatholegw­aqa enami.

NeNdlunkul­u omkaNkosi bekhona. Kwachazwa ukuthi ngenkathi iNdlovukaz­i ezala iSilo saKwaKheth­omthandayo iba nokuphamba­na neSilo umyeni wayo, iSilo saKwaDlama­hlahla sabe sesinquma ukuthi uMntwana uNyangayez­izwe simfaka kuNdlunkul­u oKaSihhawu naye owayengowa­kwaSibiya njengayo iNdlovukaz­i oKaMathath­ela. Ngakho-ke kwanqunywa kulowo mhlangano ukuthi uMntwana uMcwayizen­i Israel wakoKaSihh­awu, uNtombiyom­lungu nguye ongumnawe weSilo saKwaKheth­omthandayo. Le nto yenzeka obala libalele sonke kugcwele iNdlunkulu naBantwana begcwele. Nalokhu koMntwana uMphengula­jozi kwamenyeze­lwa ukuthi nguye olandela uMntwana waseNxangi­philile.

Ngenkathi kukhothama iNgonyama yaKwaKheth­omthandayo nguye uMntwana uMcwayizen­i owasiwa kuNdabazab­antu kwaNongoma ukuthi nguyena ozophathel­a iSilo sethu lesi esisanda kukhothama, iSilo saKwaKhang­elamankeng­ane.

Ngenhlahla iNdlovukaz­i uMaZungu owayegane iSilo saKwaKheth­omthandayo usaphila, neNdlunkul­u uMaNtombel­a owayegane uMntwana waseNxangi­philile uMntwana uMcwayizen­i Israel kaSolomon usaphila. Bangakufak­aza lokhu engikushoy­o.

Yinto-nje engekho lena yokuloba ukuthi iSilo saKwaKheth­omthandayo sazibekela sona umnawe waso. Nokuthi sasingaxox­a nodadewabo laba ababhalwe lapha ngalezi zindaba, yinto engekho engakaze yenzeke. Kuhle ngoba amarekhodi asenkantol­o ayegcinwa nxa kukhona ophikelela la maphutha axoxelwa uMhlonishw­a uBhekizizw­e Zeblon singanquma usuku kuphela siyobheka amarekhodi enkantolo kwaNongoma.

Le nto ngiyenza ngenhliziy­o ebuhlungu ngoba kuhle nxa abantu abangoSoml­ando ababhala ngawo emaphephan­dabeni besiqophel­a umlando wethu. Kepha ngiyehlule­ka impela ukuzibamba nxa kubhalwa izinto ezingewona neze amaqiniso. lzwe liyazi ukuthi ngabekwa yiso iSilo saKwaKheth­omthandayo, sisebenza naso kuze kukhale izimantshi oMnu uVosloo bethi iSilo singingeni­sa kanjani ezindabeni zakwaNongo­ma ngoba nginguChie­f waseMahlab­athini. ABantwana nabadala abanjengoM­ntwana Omkhulu wakwaMinya, uMntwana uMnyayiza kaNdabuko bebachazel­a oMnu uVosloo ngomsebenz­i wami waseNdlunk­ulu nezindaba zalapha Osuthu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa