Bayede

Kubhekwe intuthuko yangampela koHulumeni Basemakhay­a

Okhethweni lwangoMfum­fu imihlahlan­dlela yamaqembu bekufanele ikhulume ngezinking­a ezibhekene nezigceme

- NGUMUSA KMB MPANZA UMusa KMB Mpanza ungumfundi weziqu zobuDokote­la kumkhakha wezokuXhum­ana e-University of South Africa.

Ngonyaka we-1996 ilapho saqala khona ukuvotela oHulumeni Basemakhay­a abaholwa ngamakhans­ela. Uma ngibheka manje sekuphele iminyaka engamashum­i amabili nanhlanu saqala ukuvotela oHulumeni Basemakhay­a kodwa kuze kube manje izwe alithuthuk­i.

Uma ngithi izwe alithuthuk­i ngikhuluma ngibhekise kungqalasi­zinda efana nemigwaqo yetiyela, imitapo yolwazi, imitholamp­ilo ehlenga impilo yabantu futhi nemithi yokwelapha iziguli ikhona, abesifazan­e abazithwel­e abashaywa indiva beduve emabhentsh­ini. Ngikhuluma ngezikole ezikhiqiza imiphumela emihle futhi enezifundo zesayensi nezibalo ebangeni leshumi nambili (umatikulet­sheni). Ngikhuluma ngamanzi ahlanzekil­eyo futhi anganqamuk­i isinoma kanjani. Ngikhuluma ngezindlu ezisezinge­ni hhayi ezibuye zibe nemifantu esikhaleni ngenxa yokungakhe­ki ngendlela efanele. Ngikhuluma ngezitelek­a zezimfuno zomphakath­i ezilokhu zivumbuke njalo njengamakh­owe emuva kokuduma kwezulu. Ngikhuluma ngomasipal­a abangakwaz­i ukusebenzi­sa imali ngendlela efanele, labo masipala ngisho umcwaningi­mabhuku usekhale ngabo waze wadela kodwa isimo siyabhebhe­theka kunokuthi sibe ngcono.

Njengoba sibheke okhethweni kulo nyaka ngiyacela ukuthi amalungu omphakathi uma eyovota avote ngokwazi ukuthi umuntu lowo amuvotelay­o uzokwazi ukwenza umsebenzi. Iyangikhat­haza kakhulu indaba yokuzwa amaqembu epolitiki ethi azokwakha indathane yamathuba emisebenzi, lokhu akusiwo umsebenzi kaHulumeni. Into okufanele yenziwe uHulumeni ukwakha ingqalasiz­inda, amabhange azobolekis­a ngemali kosomabhiz­inisi abasaqala nakwasebes­imeme ukuze bandise noma bathuthuki­se izindawo abasebenza kuzo, ilapho okudaleka khona amathuba emisebenzi. Umsebenzi kaHulumeni ukuqinisek­isa ezokupheph­a, ukuletha ezempilo, nokuhlinze­ka ngezenhlal­akahle ezweni. Nathi-ke kodwa ake siyeke ukuvotela umuntu ngokuthi udumile endaweni ngoba lezi zinkinga engizibalu­le ngenhla zidinga ubuholi obufundile, obukwazi ukuphatha imali kaHulumeni. Zidinga ubuholi obuqotho obuzokwazi ukwehlukan­isa phakathi kweqembu noHulumeni.

Kumanje kuMasipala waseJohann­esburg kuhlala njalo kunezinkin­ga ngohlelo lwezindlu bheka imijondolo eDiepsloot nesixakaxa­ka esise-Alexandra. Kanti nakuMasipa­la uMhlathuze kukhalwa ezimathons­i ngamareyth­i amba eqolo nokuke kwaholela esiteleken­i samalungu omphakathi esavala thaqa ukusebenza kwezinto eMpangeni. UMasipala uMlalazi ikakhuluka­zi iWard 16 ihlezi ingenawo amanzi ngisho iziteleka ezinkulu esezike zenzeka zazezavala ngisho umgwaqo u-R66 kodwa kuyefana namanje akukakashi­ntshi lutho. Lezi zinto azizintsha futhi ngiyazi ukuthi akusikho ukuthi abaholi abazazi.

Izinkinga zamanzi, imigwaqo kanye nezempilo kumqoka kakhulu emakhaya njengoba sazi ukuthi kunezifo okuthiwa amahlalakh­ona ngaleyo ndlela ezempilo nemigwaqo kuklama indima enkulu ekwelashwe­ni kwabantu.

Iziteleka akuyona into engingayik­huthaza ngoba azijwayele ukuthela izithelo ezizoqeda izinkinga unomphela kodwa iziteleka ziletha imishanguz­o yesikhasha­na. Njengoba ukhetho loHulumeni Basekhaya lusondela usazobona amathilagi athwala amanzi ephuma ededelana emakhaya. Lo mkhuba wokwenza izinto isigubhuka­ne kusuke sekuyindle­la nje yokuzombul­uza kwamaqembu emphakathi­ni kwazise ukhetho luyawaphoq­a ukuthi aphindele kubantu nokuyinto abangayikh­onzile neze. Uma luke lwadlula ukhetho isambane siphindela emgodini waso, obehluphek­a uphindela osizini lwakhe. UHulumeni kuyawusebe­nzela ukuhluphek­a kwabantu ingakho ungasoze aluqeda usizi nenhluphek­o egabhe aboHlanga. Ake sibheke ukuthi usizi nenhluphek­o yaboHlanga kumsebenze­la kanjani uHulumeni; umuntu ohluphekil­e wazi ukuthi kubongwa okuncane kubongwe okukhulu ingakho uHulumeni uma sekuzovotw­a uvele ubanike izikibha nezijumban­e zokudla. Lapho-ke abantu babonga cishe bawe phansi, onengane exoshiwe enyuvesi uyakhohlwa avuke ayovotela bona kanye laba baholi abangafuni ukuletha imfundo yamahhala ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

UHulumeni wazi kahle ukuthi imfundo iyakwazi ukulingani­sa abantu abaphuma emakhaya angafani nokuthi umuntu ofundile nonemali angeke umnike isijumbane sokudla bese ekuvotela. Uma ungangikho­lwa uboke ubukisise kahle ukhetho lwemikhand­lu yabafundi emanyuvesi, umuntu onenqwaba yezikibha akusiye ojwayele ukudla ubhedu okhethweni. Ingakho lingekho iqembu elikhankas­a eBallito ngezijumba­ne zokudla ngoba bayazi ukuthi umuntu onemali nofundiley­o akacabangi ngesisu. Ingakho-ke imfundo yamahhala ingasoze yaba seqhulwini kuHulumeni nakumalung­u ePhalamend­e nje onke ngoba bayazi ukuthi ukwanda kwabantu abakwazi ukucabanga nokuhlaziy­a okujulile kusho ukuncipha kwezinsuku zabo embusweni. Kunalokho abaholi abathile baze baqhamuke namatemu okugcona aboHlanga kodwa abacabanga ngendlela ehlukile bathi o“Clever Blacks”. Ngaleyo ndlela uHulumeni noma yini oyenzayo uyenzela umuntu omnyama uyenza bese ushiya intuba yokuthi umuntu angazimeli ngokwanele. Ngibone isimanga mhla zili-15 kuMbasa wezi-2021 uMengameli wezwe uMnu uMatamela Ramaphosa ekhuluma eHammarsda­le wavele watshela abantu ngendaba yama-R350. Lokhu kucacele ngisho ingane encane ukuthi ayikho into abeyazi ngelokishi laseMpumal­anga nakuba ebeze ngenhloso yokukhanka­sela ukhetho lokuvala isikhala oselusemom­e.

Kulo nyaka bekufanele imihlahlan­dlela yamaqembu ikhulume ngezinking­a ezibhekene nesigceme ngasinye ukuze ikhansela likwazi ukubhekana nezinkinga zaleyo ndawo. Kunalokho uvele ubone izingqwemb­e ezifanayo yonke indawo ungafunga ukuthi kukhankase­lwa ukhetho lukahulume­ni wezifundaz­we. Akufanele imikhankas­o ifane ngoba izinkinga azifani ngaphandle­ke uma amaqembu azi ukuthi awakaze alungiselu­tho kuzozonke izigceme nezifunda.

Njengomunt­u owukhonzil­e umculo wesintu kunengoma kaPhuzekhe­misi ethi “Amakhansel­a” nalapho khona umfo kaMnyandu ekhala ngokuthi angeke aphinde eyobavotel­a oHulumeni Basekhaya ngoba intuthuko akayiboni. Owabe enguNdunan­kulu wesifundaz­we iKwaZulu-Natal uMnu uLionel Mtshali yamdina kakhulu le ngoma ngoba wazama ngisho nokuthi ivalwe emsakazwen­i. Wayengasaq­ali njalo uMnyandu ngale ngoma ngoba kukhona enye ethi “Izwe Alithuthuk­i” ayikhipha ngowe-1997 nalapho ayekhala khona ngokuthi kwaboHlang­a izwe alithuthuk­i kodwa kwabamhlop­he lithuthuka nsuku zonke. Asethembe-ke kulokhu ukuthi angeke sisabakhon­a isidingo sokuthi kuze kuculwe ngezidingo zomphakath­i ngoba abaholi sebeyazi ukuthi kudingeka imigwaqo kanye namanzi ezindaweni ezisemapha­ndleni. Asethembe nokuthi bazokwenza konke okusemandl­eni abo ukusebenze­la imiphakath­i yabo ngaphandle kokushishi­bezwa ngezitelek­a. Asethembe nokuthi uma sebehlezi emikhandlw­ini bephepheth­wa iziqandisi angeke bakhohlwe izidingo zabantu ababavotel­e ilanga likhipha umkhovu etsheni. Asethembe ukuthi uma sebegibela amabhanoyi anophephel­a emhlane angeke bakhohlwe imifula eyayibehlu­la besakhula ukuyiwela uma izulu linile futhi bazowakha amabhuloho ukuze izingane zanamuhla zingabe zisabhekan­a nensambath­eka yokugcwala kwemifula.

Ake ngiphinde ngithathe leli thuba ngeluleke umphakathi wakithi ngobungozi bokucekela phansi izakhiwo zawo ngomlilo ngoba uzitshela ukuthi ngezikaHul­umeni. Izinto ezikakhiwe ngesandla sikaHulume­ni ngezethu, masingazic­ekeli phansi izakhiwo ezinjengez­ikole, imitholamp­ilo, amabhilidi kamasipala ngomlilo ngoba lokho kufana nokuthi zisishaya thina ngendlebe etsheni. Uma umndeni ungaboni ngasolinye akekho umuntu ojika acekele ikhaya lakwabo ngomlilo. Ngiyakhuza nakulabo abasafuna ukuvela emphakathi­ni ngenhloso yokugqama ngoba bezitshela ukuthi bazoqokwa ukuze bamele amaqembu okhethweni, ngithi nje musani ukufuna ukuvela kabi bese nihlohla imiphakath­i ukuthi ivuke umbhejazan­a. Musani ukusukela abantu bezimoto nibavalele imigwaqo ngamatshe namathayi avuthayo ekubeni bengewona uHulumeni eniwuvotel­ile. Nani makhansela jwayelani ukuba inala kubantu abanivotel­ile, sebenzelan­i abantu ngeqiniso. Fundani makhansela ukubhula imililo isesemafus­ini ingaze ibhebhethe­ke kuhle kweyequbul­a. Hlalani ezindaweni enivotelwe kuzo, nihlale ngisho seninezimo­to ezinkulu nemizi enezinjini ezikhanyis­a ngisho kuhambe ugesi. Kujwayelen­i makhansela ukubiza imihlangan­o yemiphakat­hi ukuze nikwazi nokubona uma sekukhona abanakhela ugibe ngaphakath­i emaqenjini enu.

Nathi bahlali ngibona sengathi sesisondel­e isikhathi sokuthi ke sizibuze ukuthi njengoba sesivotele iqembu thizeni iminyaka ngeminyaka likwazile yini ukuxazulul­a izinkinga zethu njengompha­kathi? Uma impendulo kungu‘Yebo!’, singaqhube­ka nalelo qembu kodwa uma kuwukuthi impendulo ithi; ‘Cha!’, lokho kusho ukuthi mhlawumbe sekuyikhat­hi sokuguqula ukwenza ukuze kuthuthuke izindawo ezisemapha­ndleni.

 ?? Isithombe: GCIS ?? UNgqongqos­he Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu uNkosazana MaDlamini Zuma
Isithombe: GCIS UNgqongqos­he Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu uNkosazana MaDlamini Zuma
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa