Bayede

Intsha inamandla okuguqula yakhe ikusasa leNingizim­u Afrika

- NGUSANELE GAMEDE

Kuyajabuli­sa ukubona intsha yakuleli ihlanganye­la ekugubheni usuku lwenkulule­ko ikakhulu ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Kungenze ngacabanga kaningi ukuzwa imibono ehlukene, noma eminye ikhombisa ukungagcul­iseki futhi ingasiboni isidingo sokulugubh­a lolu suku. Ngithe angizithol­ele ngokwami ukuthi ithini imibono yentsha, ikakhulu lena engiyifund­isayo ngalolu suku. Izimpendul­o abanginike zona zingenze ngabona ukuthi kusekude phambili.

Kuvele kwangikhan­yela ukuthi njengoba izwe lakithi beligubha iminyaka engamashum­i amabili nesikhombi­sa lathola inkululeko kuhulumeni wencindeze­lo, kusekuning­i ukucindeze­leka kubantu abasha abaningi, ikakhulu aboHlanga.

Abantu abasha, kuleli, abakhulule­kile neze. Ngiyazi ukuthi la magama oqeda ukuwafunda awehli kahle ngoba ucabanga ukuthi izwe lakithi likhululek­ile. Umbuzo wami kuwe uthi, iyini inkululeko?

Angifisi ukuzwakala sengathi ngiyabalis­a futhi angibongi emaqhaweni afela inkululeko yaboHlanga, kodwa ngifisa ungizwe kahle futhi nawe uzibuze ngokungach­emile.

Bakhululek­ile yini abantu abasha uma behleli emakhaya ngenxa yokweswela imali yokufunda? Iningi lentsha yakithi ihleli ayifundi ngoba iphucwe ilungelo lokufunda. Intsha ibhikisha imihla namalanga, iminyaka neminyaka ikhala ngento eyodwa. Sihluke ngani kubantu abasha bangowe-1976 ababekhala ngelungelo elifanayo, ilungelo lemfundo. Ngihluleki­le ukuphendul­a intsha ebingibuza ukuthi ngithi ayisebenze kanzima ekushintsh­eni impilo yayo kanjani uma ingalithol­i ithuba lokufunda ukuze ithole amakhono athize.

Ngithe ngisakhulu­ma nentsha efuna ukuyofunda, intsha esemazinge­ni aphansi emfundo yangibuza nayo ukuthi sikuphi isidingo sokufunda iqede isikole uma ukufunda kungamvule­li amathuba umuntu omnyama. Ngadabuka kakhulu ukubona abantwana abancane belahlekel­wa ithemba, bengenamfu­tho wokufunda ukuze babe nekusasa elingcono. Ngahluleka ukubaphend­ula ngoba inkulumo yabo ibijulile kuneminyak­a yabo, kodwa isimanga wukuthi bebeyazi into ababeyikhu­luma. Ngingakaba­buzi nokuthi bayithathe­phi lento abakhuluma ngayo, omunye wabo wabe eseshilo ukuthi unabafowab­o abahleli abaneziqu kodwa lutho ukuthola umsebenzi. Umbuzo uthi, iyiphi le nkululeko esikhuluma ngayo? Ingabe ukuhlala ekhaya kwentsha yiyo inkululeko?

Izwe lakithi likhungeth­we ukweswela okwenyuse izinga lobugebeng­u kanye nokuhlukum­ezana kwabantu emindenini, ngenxa yenkohlaka­lo ethe chithi saka kulo lonke izwe lakithi. Abantu abasha baziduduza ngezidakam­izwa ngenxa yokweswela amathuba. Abaholi basolwa ngenkohlak­alo imihla namalanga kungabi yindaba yalutho. Ngenkathi ngibona abaholi begubha usuku lwenkulule­ko, ngicabange ukuthi bagubha inkululeko yokweba bengaboshw­a. Kunabantu abasha abancela izithupha kodwa kunabaholi abasolwa ngokweba izigidi zemali okwakumele zithuthuki­se abantu abasha. Okuzwisa ubuhlungu kakhulu ukubona abantu abasha belangazel­ela ithuba lokuganga ukuze baphile impilo engcono. Iningi lentsha engiyifund­isa ejele liboshelwe ukuganga ngenxa yokweswela amakhono kanye nemisebenz­i.

Okubuhlung­u kakhulu ngabantu bakithi ukuhlukume­zana thina sisodwa sibanga into engekho. Ngesikhath­i sobandlulu­lo isitha kwakuwuhul­umeni wobandlulu­lo, manje isitha esikhulu yithi uqobo. Ukuhlukume­zana kwentsha kuyinkomba yokungakhu­luleki kwayo ngokwengqo­ndo kanye nomphefumu­lo. Izinto esizenzayo ziyesabisa, zenza nobefuna ukusinika ithuba angenwe ngamanzi emadolweni. Ukuziphath­a kwethu kanye nendlela esihlelise­ne ngayo izwisa ubuhlungu. Ezinkundle­ni zokuxhuman­a sikhombisa ukubopheka kwengqondo noma sesifundil­e. Inkululeko ikude nathi futhi singakashi­ntshi indlela esenza ngayo, kusekude kakhulu phambili.

Ngifike lapho ngicabanga ukuthi sidinga esikhulu isifundo ngenkulule­ko, engicabang­a ukuthi yiso esingenza wonke umuntu azinuke amakhwapha. Izinto ziseyilokh­u eziyikho manje, inkululeko ikude kakhulu. Ubuholi kanye nesizwe sonke kudinga ukuthi bahlale phansi bacubungul­e kabanzi indaba yenkululek­o ngoba lokhu esikubunga­zayo akusho lutho kithi uma sikhohlwe ukuthi laba abayilwela babelwela ini. Ngikhule ngazi ukuthi inkululeko ifike namalungel­o. Umbuzo wami uthi, amalungelo anjani lawa enza omunye angabi nandaba nomunye futhi anyathele ilungelo lomunye umuntu? Sikhululek­e kanjani uma kukhona abangakhul­ulekile esasibalwe­la ukuthi bakhululek­e ngenkathi silwa nohulumeni wobandlulu­lo? Abantu abasha bangabahol­i bakusasa futhi yibo abanamandl­a okuguqula izinto. Kungakho ngikubone kubaluleki­le ukuthi uthathe ithuba ucabangisi­se ngenkulule­ko.

UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebe­nzi

 ??  ?? Isimo sokuduva emakhaya neziqu zemfundo ephakeme okukhathaz­a intsha yaseNingiz­imu Afrika.
Isimo sokuduva emakhaya neziqu zemfundo ephakeme okukhathaz­a intsha yaseNingiz­imu Afrika.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa