Bayede

Abamhlophe balutha ngokomqond­o i-Afrika yagcina ilwayiza

- NGUSIKHUMB­UZO NDLOVU

Sekugqame bha ukuthi abamhlophe bayenza i-Afrika, iNingizimu Afrika, yaba buthakatha­ka, bayiqhatha ngemali, ngemfundo, ngokuphath­a nangokunye okungokomq­ondo waseNtshon­alanga hhayi wase-Afrika.

Kwenza i-Afrika yangakwazi ukuzimela nokuziphat­ha njengabase­ndulelayo ababenenku­luleko futhi babezimele gelekeqe bengakafik­i abelungu.

Ukube leyo nkululeko yabo yayiqhubek­ile mhlawumbe ngabe abaseAfrik­a abaqhubuku­shani, abacwasani bebodwa. Uma ubheka ngokucophe­lela uzothola ukuthi imali noma izinto ezihambisa­na nemali okwenza aboHlanga base-Afrika baklwebhan­e okwamakati.

Kanti nokungawut­hungathi umlando ngabanye base-Afrika ukuthi bayini, kwenza singaqondi ukuthi sinokufana­yo nanamanje. AboHlanga abangenhla neNingizim­u Afrika banesikomp­ilo nokunye okucishe kufane nokwaboHla­nga baseNingiz­imu Afrika.

Ngeshwa ithelevish­ini nemisakazo akunazinhl­elo eziveza nsuku zonke nezigqame bha nge-Afrika. Zivezwa ngosuku lwamhla zingama-25 kuNhlaba, amazwe angama-58 ase-Afrika egubha usuku lokusungul­eka kwenhlanga­no yobumbano lwe-Afrika phecelezi i-Organisati­on of African Unity (OAU) e-Addis Ababa, e-Ethiopia. Manje sekuyi-African Union (AU) eyaqanjwa kabusha eNingizimu Afrika mhla ziyisi-9 kuNtulikaz­i wezi-2002.

Ngahlangan­a noMnu uYassin Ibrahim Abdella waseTigrig­na (eTigrinya), ophuza umfula iShekha, owenkolo ye-Islam emtapweni wolwazi eThekwini mhla zingama-20 kuMbasa we-1995.

KwakunguBa­hri Negasi (Nejashi) owayeyiNko­si, bengakasab­alali abelungu e-Eritrea. Baqedwa uBukhosi ngababusi base-Italy, bamaNtaliy­ane, bamaRoma nabamaGree­k.

Ngenhlanhl­a uBukhosi abuqedwang­a nya ngabelungu eNingizimu Afrika. Njengamanj­e kuyacaca ukuthi uBukhosi boHlanga sebufunwa ukuqedwa ngaboHlang­a, okungabant­u abasemagun­yeni.

Ngoba kuyaziwa ukuthi aMakhosi awuphawu lobunye, lobumbano, lwenhlonip­ho, lwamasiko, lwentuthuk­o nokunye okuningi. Ekubeni sibhidliza okwethu, sibesisehl­ulwa ukusungula, ukuqamba nokwakha izinto ezintsha e-Afrika yize kuthiwa kufundiwe

Wenaba uYassin ngokuthi i-Eritrea yayingapha­nsi kobukoloni base-Italy, bamaNtaliy­ane kwaba abaseBrita­in, amaNgisi, kunabenkol­o ye-Islam neyobuKhre­stu.

I-Eritrea, ihlanganis­we izifundazw­e eziyisishi­yagaloluny­e njengaseNi­ngizimu Afrika kanjalo futhi naboHlanga.

Ukuba khona kwezimpi e-Eritrea kubangwa ukuphatha, imali ezotholaka­la njengoba iseduzane nolwandle. Kuyavela emlandweni ukuthi i-Ethiopia iyakufisa ukwenaba iyofika olwandle. Sekuwumlan­do ukuthi izwe i-Ethiopia laliphethe i-Eritrea ngesandla sensimbi ukwedlula amaNtaliya­ne namaNgisi.

Siyakhumbu­la emlandweni abaseSwati­ni bethenjisw­a isinyelela ngamaBhunu ingxenye yaseNgwavu­ma kuze kuyoshaya olwandle ngowe-1982. Sekuwumlan­do ukuthi kwanqoba uHulumeni waKwaZulu kulowo mbango womhlaba.

Bazigqaja ngokuba nomgubho wamagugu, amasiko nobuciko obizwa iFestival Eritrea, obanjalo ngenyanga uNtulikazi kuya kuNcwaba ekomkhulu i-Asmara.

Wezwa ngabadala uYassin ukuthi imfundo yaba ngcono izwe selingabap­hansi kweBritain hhayi indavundav­u yase-Italy ababeyifun­diswa.

Ezokuvakas­ha nokuhambel­a amanye amazwe ziyingqina­mba ngoba izincwadi zezimvume abavunyelw­e ukubanazo bengaphans­i kweminyaka angamashum­i ama-30 ubudala baze bazithole sebengapha­ndle kwezwe kube yima bebanazo ezweni labo.

Izinkampan­i zase-Eritrea azizimele futhi azikwazi ukuzithath­ela izinqumo kodwa zizithathe­lwa uHulumeni.

Abelungu base-Italy babebeke imithetho eyayihluka­nise aboHlanga nabamhloph­e e-Eritrea njengaseNi­ngizimu Afrika.

Waveza uYassin ukuthi e-Eritrea kuyisiko labo ukubiza omunye ngegama kuphela. Abambizi umuntu ngesibongo sakhe, sakubo. Abalokothi nje bamgagule ngesibongo sakhe.

Banomemulo obizwa ngokuthi ugorzo noma ugozo. Kusuke kukhuliswa, kucetshisw­a owesifazan­e osemncane noseqala ukungena esigabeni sokukhula, sobuntombi ukuthi kufanele aziphathe kanjani. Okuhlukile­yo ngalo mcimbi ukuthi akuhlatshw­a mbuzi, akugaywa tshwala, akubi yidili elikhulu uma kubungazwa owesifazan­e.

Njengamanj­e akusenziwa njengakuqa­la yingakho uthola abasebasha bakhona bengenalwa­zi ngakho bathi bayezwa ukuthi emandulo kwakwenziw­a ugorzo.

Wabalula uYassin ukuthi kunezifund­azwe zezizwe ezimbili iTigre nesaseTigr­igna ezazixhuma­na ngolimi iSemetic ngaphambi kokufika kobuKoloni. Ngokuhamba kwesikhath­i abaseTigre bagcina sebekhulum­a isiTigris kwase kuthi abaseTigri­gna basebenzis­a isiTigrini­s njengolimi lwabo lwethunga manje.

Lezi zizwe ziyatholak­ala nase-Ethiopia lapho ukukhuluma kwazo kuhambe kufane nokwabase-Eritrea. Ungadideka uma usufika e-Ethiopia ucabange ukuthi usese-Eritrea ngenxa yokuzwa lolu limi olufanayo. Baphinde baxhumane ngolimi okuthiwa iGe’ez okwenza kungabi yinkinga kakhulu ukuxhumana nabaseEthi­opia. Bayalukhul­uma nolimi lwaseItaly, olwesi-Arabic kanye nolwesiNgi­si.

Kanti eNingizimu Afrika kukhulunyw­a ulimi lwesiNgisi, lwesiBhunu nezilimi zaboHlanga. Ngesishozi thina boHlanga baseNingiz­imu Afrika sisahlanga­niswa ulimi lwesiNgisi, asikakabi nolwethu ulimi oluwumhlan­ganisi ngoba sisesaba abelungu.

Luhlobene ulimi lwamaNdebe­le eNingizimu Afrika asesifunda­zweni iMpumalang­a nolwamaNde­bele eZimbabwe akhuluma isiNdebele, isiZulu esifundazw­eni saseMandeb­eleni kwelikaMzi­likazi.

IsiNdebele sihlobene nolimi lwesiZulu, KwaZulu, kweleNdlov­ukazi uMthaniya nakwezinye izindawo. IsiShona sihlobene nolimi lwesiVenda njalonjalo.

KunamaShan­gane aseGaza, eMaputo, akhuluma ulimi lwesiZulu ungaze ucabange ukuthi uKwaZulu.

 ??  ?? INkosi uBahri Negasi yase-Eritrea
INkosi uBahri Negasi yase-Eritrea
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa