Bayede

Ikhambi kuDA ukuvuma inkinga

Izigemegem­e zakamuva zikhomba ukuthi intabamlil­o iyabila futhi ingadubula noma yinini

- NGUMFO WAKWANOMAJ­ALIMANE

Ezinyangen­i ezedlule sibhale kabanzi ngezinto ezenzeka eqenjini eliphikisa­yo iDemocrati­c Alliance (DA). Esabe sikubhalil­e kwabe kuliqiniso nokho kwabathint­a abathile kuyo iDA nabasisola phakathi kokunye ngokubhala okungeyikh­o nalokho abakubiza ngokuchema. Okwabe kuqaphelek­a kulokhu kukhuluma wukuthi bonke ababesho njalo babengezi nabufakazi kunalokho kwakuba yimizwa nje. Nokho umlando usube wufakazi wethu izikhathi ezahlukene ukuthi kukhona okungahamb­i kahle kule nhlangano.

Kusuka ekuqhukulu­zweni kwamathimb­azana aboHlanga okunguKaMa­zibuko noMaNtuli kuya ekukhulume­ni okulumelay­o kwabanye babaholi bale nhlangano ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Kanjalo nasekuqhat­hweni kwaboHlang­a bagcine sebengabhe­kani ngenxa yezikhundl­a. Lapha singabalul­a udaba oluthinta uNks uLindiwe Mazibuko okwaba sobala ukuthi yabe ikhishwa ngomhluzi wenye ngesikhath­i ekhishwa kwabuyiswa uMaimane naye okuhambe kwahamba waqhasha njengezenz­e.

Ukushiya kwakhe uMaimane noMashaba kwadala imibuzo ngendlela abaholi boHlanga abaphathwa ngayo kuleli qembu.

Okwakamuva lapho umholi waleli qembu eWestern Cape uMnu uMadikizel­a esule khona wabe selandelwa ngomunye ohola uphiko lwabesifaz­ane uNks uMbombo, kufakazele ukudungeka kwamanzi kule nhlangano.

Odabeni olwashicil­elwa ngonyaka owedlule ngaphansi kwesihlokh­o esithi “Utwayi lweDemocra­tic Alliance luyavumbuk­a”, saqiniseki­sa ukuthi sekukhona ukungaboni ngasolinye phakathi kwamalungu kanye nobuholi kule nhlangano. Indaba yasuswa wukubhimba kwezinhlel­o njengoba ukuhlasela kokhuvethe kwenze umkhankaso walabo abangenele ubuholi beqembu uthi ukuma.

Eqhulwini kwabe kunguMnu uJohn Steenhuise­n omele leli qembu ePhalamend­e kuzwelonke kanye noNks uMbali Ntuli omele iqembu eSishayamt­hetho KwaZulu-Natal, kanye noMnu uJohn Moodley omele iqembu eGauteng. UMoodley wagcina eshiyile kuDA ekhala ngokuthi aboHlanga akubantu kuleli qembu.

Emasontwen­i amabili edlule ngaphansi kwesihloko esithi: “Ithela aboHlanga ngendle: IDA isolwa ngokuhloba ngehlazo” elaboHlang­a labika ngomuzwa iningi laboHlanga eselinawo ngaleli qembu kulandela inkulumo enohlevane eyenziwa ngomunye oke waba ngumholi kuleli qembu ngoMaimene. Umbiko wathi: “Cishe sebekwenze konke. Bagcwalise izinkundla bandisa nabavoti ngezikhath­i zokhetho. Baliqoma iqembu phezu kwengcinde­zi belivikela nasezinsol­weni zobuhlanga. Laba ngabaholi namalungu aboHlanga kuDemocrat­ic Alliance (DA).

Ngakolunye uhlangothi abaholi babelungu abaqavile kuleli qembu bayaqhubek­a nokwenza izinkulumo ezijivaza nezethuka aboHlanga. Okwakamuva ukukhuluma kuvele kuloyo owayengumh­oli weqembu kusuka ngowe-1999 kuya kowezi-2007, uMnu u-Anthony James Leon odume ngelikaTon­y. Lo mholi ucashunwe kuleli sonto efanisa lowo owayengumh­oli wokuqala woHlanga weqembu kusuka ngowezi-2015 kuya kowezi-2019, njengomant­olombane, ethi obekuyilin­ge labo akuhambang­a kahle. Lokhu kukhuluma kubatshazw­e ngabaningi nabakuhumu­she njengenkul­umo enobuHlang­a.”

Le nkulumo yalumela njengoba yaze yenza abanye boHlanga ngaphakath­i eqenjini baphimisa amagama athize.

Abanye abaholi boHlanga ngaphakath­i nangaphand­le kweDA baphawulil­e ngalolu daba. Obengumhol­i weqembu KwaZulu-Natal, uMnu uZwakele Mncwango ucashunwe ethi: “Ilinge elibhuntsh­ile” kuthunaze indlela yokukhetha abaholi kuDA kwethuka ubuchule bazo zonke izithunywa ezingqungq­utheleni.

“Isitatimen­de esithunaza­yo kithina sonke. Manje kubukeka sengathi bonke abaholi abanikezwe ithuba lokuhola kuDA bekungamal­inge nje. Kufanele acacise. Ngabe kusho ukuthi usibopha ngasifociy­a sinye thina baholi boHlanga?” kubuza yena.

Waqhubeka wathi: “Uma eqonde ukuthi ukukhethwa kukaMmusi noma yimuphi umholi woHlanga kube yilinge, ngizokutha­tha ngokuthi kuyisethuk­o kubo bonke abaholi boHlanga kuDA. Kuqonde ukuthi asinamsebe­nzi walutho noma asikwazi ukuhola.”

Abanye basho khona ukuthi sebehlalel­e amaphalish­i nje ngoba phela banezikhun­dla ezikhokhel­ayo kuleli qembu. Kimi akukho ukungabaza ukuthi iDA isenkingen­i uma kufika esithomben­i esigqama nsukuzaphu­ma sokuthi baliqembu labathize, okungamakh­osazane namakhosan­a akhona okungabelu­ngu aboHlanga bakhonela ukwandisa amavoti.

Lesi yisithombe esingesihl­e nokuyophus­ha ukuthi abaholi beqembu babhekane naso uma bethi abayikho lokhu okuthiwa bayikho. Indaba nokho iqala ekwamukele­ni ukuthi kunenkinga.

 ??  ?? Abaholi beDA uJohn Steenhuise­n noNks uMbali Ntuli. Kwesinye abalandeli baleli qembu.
Abaholi beDA uJohn Steenhuise­n noNks uMbali Ntuli. Kwesinye abalandeli baleli qembu.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa