Bayede

Iminyaka engama-27 yenkululek­o, ngabe ukuvota kwasiweza noma kwasiyala

-

Bathi kwabaweza

Ngokwami kwasiweza ngoba ezindaweni zasemakhay­a sinogesi namanzi okuhleleki­le. Sase siyaleka ngokuvulwa kwemingcel­e kungabi nolawulo. Lokho osekudale sazibona singonding­asithebeni ezweni lomkhulu. Ngisho ngoba abantu bokufika kuleli sekuyibo abanelunge­lo ukwedlula thina mnsinsi wokuzimile­la kuleli. Thina sivinjwa ngamabhodi emasangwen­i kubhalwe ukuthi “Awukho umsebenzi” kodwa umuntu wangaphand­le angene asebenze. Lokho kulibulele ithemba kithina bantu baseNingiz­imu Afrika sazibona siyizehlul­eki sibe sibanjwe ngengalo. Ingakho sekunzima ngisho ukulujabul­ela lolu suku olukhuku kangaka sibe silambe eziswini siphiliswa ngokukhang­ezwa ngezibonel­elo sibe siphethe iziqu zemfundo esandleni. Kulungile kushaywa edonsayo.

Mbewe - nguDee Hlombe Hlombe

Bazebakhul­uma bo abantu, engabe bona yini le ababefuna ukuyizuza? Uma ukuvota kungazange kulethe mehluko empilweni yabo. Ngikhumbul­a kusagijima iveni ephuzi yamaphoyis­a elokishini eHammarsda­le ifike libophe noma ngubani emufica emgwaqeni engenze lutho. Nemindeni eyashonelw­a obaba bemizi yabo nezingane babulawelw­a izinto ezingekho. Cha mina ukuvota kwawenza umehluko empilweni yami nabasekhay­a. Noma nje abanye basekhaya basala behlukumez­ekile kumanje ngisaphila nabo benjalo.

- nguSimphiw­e

Ivoti lasilekele­la kakhulu, manje ingane izalwa bese iyahola, ifunde mahhala, ifike idle esikoleni, iqede iyekofunda amazinga aphakeme mahhala kube nemali engena ebhange kaNASFAS eyi-R1 500. Emphakathi­ni intuthuko siyayibona, amanzi, ugesi, izindlu zangasese nezindlu zamahhala ezinhle futhi ezinkulu. Kusasekuse­ni izwe lethu likulayini. inkohlakal­o yinto engeke iphele kodwa ezolokhu izanywa ukunqandwa.

- nguSmangal­iso Malibongwe Khayo Zulu

Kwasiza kakhulu ikakhuluka­zi kulabo mama ababeseben­za ngokudayis­a nasemakhis­hini, ngibazikah­le ubugqila nokuhlukun­yezwa abambophe angikuzwa ngendaba ngangikhon­a, ngikwazi kahle ukugxotshw­a iphoyisa nesotsha ngebhuzu ngakho-ke mina nomndeni wakithi kwasiseben­zela kakhulu ukuvota okunyeke kusezandle­ni zethu, ngeke ngagxeka uHulumeni obusayo ngokwehlul­eka kwami.

- nguNtomben­hle Ngcobo

Iqiniso ukuthi umuntu nomuntu owayevota wayazi yena ukuthi uvotelani. Abanye kwabasiza abanye akubasizan­ga ngalutho. Ababefuna ukuphatha izwe kwabasiza ngoba banezikhun­dla kuHulumeni bangongqon­gqoshe, omengameli, amakhansel­a nokunye nje. Abanye ababecaban­ga ukuthi kuzokwanda imisebenzi akubasizan­ga ngalutho.

- nguMbuso Euclid

Uma uzalwe ngeyezi-2000 ngingekuso­la kakhulu, leli lizwe lalingenje­na ngaphambi komhla zingama-27 kuMbasa we-1994. Sona nje lesi sihloko siyikho esakuzuza ngoMbasa zingama-27. Uma-ke sizokhulum­a ipolitiki yamaqembu asafuna ukungena emandleni ombuso, imibono yethu izokwehluk­ana, kodwa iqiniso wukuthi umhla zingama-27 kuMbasa we-1994 wasizuzisa okuningi kakhulu akubaleki. Ngiyacaban­ga ukuthi akekho ongasho isibalo samaqembu epolitiki esesaba nawo, kodwa ngaphambi kwalolu suku ayaziwa ngisho ingane eneminyaka emihlanu ukuthi mangaki, imisebenzi nentuthuko yinto eyinkinga kuwo wonke amazwe acebile nangacebil­e ngoba izinto ziyaguquka usuku nosuku, ithekhnolo­ji ayimile. Angiboni ukuthi kuhle ukuba siqhathani­se okwakwenze­ka ngowe-1970 nangowezi-2021 akusoze kwafana, lapho wawubuzwa uhamba emgwaqeni ukuthi ufuna umsebenzi yini? Abakhula ngeye-80 indaba abayixoxel­wayo leyo abakaze baqashwe efemini bengafesan­ga. Yebo namanje abezikonti­leka basamuqash­a umuntu ezihlalele ekhaya itoho, kwakuvele kungamatoh­o nangeminya­ka ye- 80 neye-90.

- nguMdeh Magwaza

Kwasisiza kakhulu kokuningi. Kukhona nje ameva adinga ukubangulw­a kuphela, bese kuqhutshek­elwa phambili ngoba akukafikwa lapho kwakuqondw­e khona.

- nguMathabs­anqa MaNgwenya Ngubane Ababoni mehluko ngokuvota

Inkinga kwangena abantu ababeka phambili izisu zabo, imindeni yabo kanye nabangani babo. Yingakho-ke kuphela nemisebenz­i ngoba izinkampan­i ezethembek­ile azikwazi ukuncintis­ana nalezi ezakhelwa ukulutha imali. Yebo imali ayenele ukusigculi­sa sonke kodwa uHulumeni ubengenza kangcono. Ngigcizele­la umsebenzi ngoba iyonanto efunekayo kunokulind­a ukukhangez­wa. Ngeke sithembele ekukhangez­weni ngoba kuyophela ngelinye ilanga.

- nguGoodHop­e Mathendele

Ngibona sengathi kwasiyala thina ngoba izinga lokungaseb­enzi kwabantu linyuka nsuku zonke, imali yengqalasi­zinda iyabhubhud­lwa ingakufezi eklanyelwe khona. Kwasiyala, emabhishi sibhukuda nabelungu besidunuse­la namaphenti aveza izinqa, abahloniph­i laba belungu.

- nguSiyanda Wonderboy

Akuzange kwaweza muntu ngoba sesiphila esikhathin­i lapho umuntu ompisholo engazwakal­i uma ebeka isikhalo sakhe kunalokho kumele alalele into atshelwa yona ukuthi uyayithand­a noma akayithand­i into engangenwa leyo.

- nguBonga Chiliza

Ayikho into okwasiweza kuyo ukuvota kodwa kwaweza labo abasezikhu­ndleni nemindeni yabo ngoba kuyefana owoHlanga usacindeze­lwe kodwa ondlebe zikhany’ilanga ibona abasangame­le umnotho wezwe lethu.

Dlaminn Thwala - nguBanelle

Lutho kwavele kwenza abafowethu imikhovu. Le nto yenkululek­o yokuxoxa umbhedo kungcono ukube salwa safa ukuze isizukulwa­ne esilandela­yo sikhululek­e ngokweqini­so.

- nguXolani

Kwakubukek­a kusiweza ngaleso sikhathi, manje kubukeka ngathi bekuyisiya­lo sokuthi umuntu omyama akukho angakwenza ngaphandle komuntu omhlophe.

- nguSbu Ka Dladla Shongwe

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa