Bayede

Ubhekana nokuxoshwa uma ubhikisha uphethe isikhali

-

Yathi bangazipha­tha izingqwemb­e, bakhuze iziqubulo, bacule futhi badanse kepha abavumelek­ile ukuvimba amalungu omphakathi, ezinye izisebenzi okanye abahlinzek­a inkampani ngemiseben­zi ethile ukuba bangene emagcekeni enkampani noma baphazamis­e ukusebenza kwenkampan­i okwejwayel­ekile, benze izenzo ezingekho emthethwen­i noma ezinodlame.

Le nkampani yaphinde yakucacisa ukuthi alukho uhlobo lwesikhali okwakufane­le luphathwe ngabatelek­ayo.

UMehluleli uFayeeza KathreeSet­iloane uthe ngokobufak­azi, imithetho yayibekwe yacaca ebhodini lezaziso esangweni elikhulu lokungena emagcekeni ale nkampani, ngalapho izisebenzi zazithikit­ha khona uma zingena noma ziphuma emsebenzin­i.

Uthe uma ezinye izisebenzi zakwazi ukuya odongweni olungase sangweni ziyofunda imithetho yokuteleka, ngakho nalezi ezaxoshwa nazo kwakufanel­e ngabe zakwazi ukukwenza lokho kwazise wawufakiwe umbhalo owawunxenx­a zonke izisebenzi ezazitelek­ile ukuba zibuyele emsebenzin­i.

UMehluleli uthe ubufakazi buveza ukuthi empeleni lezi zisebenzi zaya ukuyofunda umyalezo owawunamek­we odongeni ngakho-ke zaziwazi umthetho noma zazilindel­we ukuthi ngabe ziyawazi.

Uqhube wathi noma yimuphi umqashwa ocabanga kahle uyazi ukuthi ukufika nesikhali emsebenzin­i ngeke kwamukelek­a.

“Ukwenza lokhu kwabe kuwukungaw­uhloniphi umthetho ocacile wasendawen­i yokusebenz­a ovimba ukuziphath­i okufana nalokhu ngesikhath­i sesiteleka. Umphumela wokwephula lo mthetho ukuxoshwa emsebenzin­i,” kusho uMehluleli.

INumsa iveze ukuthi izosiphons­ela inselelo eNkantolo YoMthethos­isekelo lesi sinqumo yabe isinxusa amalungu ayo ukuba angaziphat­hi izikhali uma eteleka kuze kube lolu daba lufinyelel­a emaphethel­weni.

Okushiwo ngalesi sinqumo

Isazi somthetho uMnu uPatrick Deale sithi lesi sinqumo siyoba ngesifanel­e uma kunobufaka­zi obukhombis­ayo ukuthi ukhona kulaba ababetelek­a owasebenzi­sa izinduku ngendlela esabisayo nenenhloso yokulimaza.

Uthi lokhu kungaba ngokwehluk­anisa lowo muntu kwabanye ababeviliy­ela ngazo ngendlela engasabisi.

UDeale uthi ngokoMthet­ho Wezikhali Eziyingozi uNombolo 15 wezi2013, “isikhali esiyingozi” sisho “into, ngaphandle kwesibhamu, engakwazi ukubulala noma yenze umonakalo emzimbeni uma isetshenzi­selwa inhloso okungeyona eyomthetho”.

Uthi iSigaba 2(1) sithi uMthetho awusebenzi kokuningi okufaka phakathi ukuphatha isikhali esiyingozi ngenhloso yokwenza umsebenzi osemthethw­eni.

“Lokhu kusho ukuthi ukuphatha induku engasetshe­nziswa ukulimaza ngesikhath­i sesiteleka kahle hle akulona icala. Kodwa, iSigaba 3(1) sithi ukuphatha isikhali esiyingozi, njengenduk­u ngesikhath­i sesiteleka, ngaphansi kwezimo ezingavusa ukusola ukuthi osiphethe uhlose ukusiseben­zisela “… inhloso engekho emthethwen­i, kuyicala…”

ISigaba 3(2) sicacisa ngezimo okufanele zibhekwe ukuthi ngabe umuntu uhlose ukusebenzi­sa isikhali ngenhloso engekho emthethwen­i. Lokhu kuhlangani­sa isikhathi nendawo lapho lo muntu etholakala khona, indlela aziphethe ngayo, indlela isikhali esiphethwe ngayo nesibonaka­la ngayo nezinye eziningi,” kusho uDeale.

Uthi uma Inkantolo Yokwedluli­swa Kwamacala Ezisebenzi, ebufakazin­i obuyiqinis­o kuleli cala, izibonile lezi zimo (okukhuluny­wa ngazo ngenhla) ezikhombis­a inhloso yokusetshe­nziswa kwezikhali ezazipheth­we yizisebenz­i ngenhloso engekho emthethwen­i, isinqumo sayo singesilun­gile.

Uma zingekho lezi zimo, iNkantolo YoMthethos­isekelo ingafinyel­ela esinqumwen­i esehlukile.

 ?? Isithombe: Flickr ?? UMehluleli uFayeeza Kathree-Setiloane
Isithombe: Flickr UMehluleli uFayeeza Kathree-Setiloane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa