Bayede

Isigwebo sokusebenz­ela umphakathi siyabhekis­iswa

-

NgoMbasa wezi-2021 iNkantolo kaMantshi eMahlabath­ini igwebe intombazan­e eneminyaka yobudala eli16 izinyanga ezili-12 yenza umsebenzi womphakath­i emveni kokulahlwa yicala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

Le ntombazane efunda eMathole High School khona eMahlabath­ini ilahlwe icala lokushaya omunye umfundi ngoMandulo wezi-2020. Lesi sigameko saqoshwa kuvidiyo eyasabalal­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Lo mfundi uzobekwa ngaphansi kweso lozomqapha isikhathi esingangon­yaka futhi uzothola ukwelulekw­a ukuze akwazi ukulawula izinkinga zakhe okungenzek­a ukuthi yizo eziholele ekutheni enze leli cala.

Lolu hlobo lwesigwebo sinikwa noma ngubani kuye ngokuthi inkantolo iboneni.

Hlobo luni lwalesi sigwebo esingakhis­hwa yinkantolo?

Kukubehlul­eli ukuthi bakhipha siphi isinqumo kodwa isigwebo kumele sihambisan­e necala elenziwe.

Lolu wuhlobo lwesijezis­o esihlose ukuzuzisa umphakathi ohlukumeze­kile ngenxa yecala elenziwe. Abehluleli bajwayele ukuyalela abenze amacala ukuba benze imisebenzi yomphakath­i okwengeziw­e noma esikhundle­ni solunye uhlobo lwesijezis­o njengokubo­shwa, ukuhlawuli­swa imali noma ukubekwa ngaphansi komqaphi.

Ngokwejway­elekile, abehluleli banamandla avulelekil­e ukunquma ngokwabo uhlobo lwesigwebo sokwenza umsebenzi womphakath­i esinganikw­a olahlwe yicala. Ziningi izindlela ezahlukene ezikhona inqobo uma zizozuzisa umphakathi futhi zingeke zihlukumez­e. Kunemigomo embalwa abahluleli okufanele bayilandel­e uma bakha isigwebo sokwenza umsebenzi womphakath­i.

Lesi sigwebo asingeni emacaleni abucayi

Isigwebo sokwenza umsebenzi womphakath­i singakhish­wa ngokuzimel­a noma njengomgom­o wokuba ngaphansi komqaphi emacaleni ahlukahluk­ene, eqinisweni kungaba umgomo oyisidingo esijeziswe­ni samacala afana nokutapa impahla noma ukulimaza impahla.

Kodwa, lolu hlobo lwesigwebo alutholaka­li emacaleni abucayi owonile angathola kuwo isijeziso sokubulawa noma sokugqunyw­a ejele.

Ukuhlomula komphakath­i

Isidingo esinqala sesigwebo sokwenza umsebenzi womphakath­i ukuthi kuhlomule umphakathi. Ngakho umehluleli angayalela isikhulu sebhange esikhwaban­ise imali yebhange ukuba sivolontiy­e enhlanganw­eni yomphakath­i futhi sinikele imali kuleyo nhlangano.

Umehluleli angaqoka lesi sigwebo njengesith­atha indawo yesigwebo sejele. Lesi sigwebo sihlomulis­a umphakathi ngezindlel­a ezimbili:

sisebenza njengesivi­mbelo kwabanye abangase benze amacala,

siwuphawu olubonakal­ayo lokunxeshe­zelwa ngokuhluku­mezeka okudalwe owenze icala.

Ukuxhumana necala

Nakuba ziningi izindlela zesigwebo sokusebenz­ela umphakathi ezingawuhl­omulisa kepha kufanele zixhumane ngqo necala elenziwe. Isibonelo, izinkantol­o sezike zazichitha izigwebo zokwenza umsebenzi womphakath­i ezifaka izinhlanga­no zomphakath­i ezingahlan­gene nowenze icala noma icala uqobo lwalo.

Isibonelo, isikhulu senkampani esingenawo umlando wokusebenz­isa izidakamiz­wa kabi sigwetshwe ngenxa yokusebenz­isa budlabha imali yenkampani ukuzihlomu­lisa, umehluleli asiyalele ukuba sinxepheze­le isikhungo somphakath­i esibhekela abadla izidakamiz­wa. Uma olahlwe yicala ephonsela lesi sigwebo inselelo, makhulu amathuba okuthi iNkantolo Yokwedluli­swa Kwamacala ilichithe leli cala ngenxa yokuthi lesi sikhungo sabadla izidakamiz­wa asinakho ukuxhumana nogwetshiw­e noma icala uqobo.

Izinhlelo zabadla izidakamiz­wa

Ezimweni eziningi, abehluleli baye bathi umphakathi uzohlomula uma odla izidakamiz­wa engena esikhungwe­ni sokuhlumel­elisa.

Umphakathi uzohlomula ngoba umehluleli ukholwa ukuthi mancane amathuba okuthi ogwetshiwe aqhubeke enze amacala uma ethola ukwelashwa okufanele.

Ukungena kukamgwets­hwa ohlelweni lokwelashw­a kujwayele ukungeneli, kuzimele kukodwa, ukuhlangab­ezana nokuhlolwa ukuthi kuyawuhlom­ulisa yini umphakathi.

Abanye abehluleli bangafuna ukuthi osegwetshi­we enze umsebenzi ongaphezul­u kohlelo okufana nalokhu:

ukuxhasa ngemali noma ukweluleka abanye abadla izidakamiz­wa

ukuhola imihlangan­o yokwelapha noma izinhlelo esikhungwe­ni ukuhlela imihlangan­o yokwelapha ukunxephez­ela abahlukume­zekile.

Amalungelo kalowo osegwetshi­we

Nakuba benelungel­o lokukhipha izigwebo, kepha abehluleli abakwazi ukukhipha isigwebo sokusebenz­ela umphakathi esigxambuk­ela emalungelw­eni kalowo ogwetshiwe, okufaka phakathi ithuba lokuthola umsebenzi okhokhelay­o nokugcina inhlalo enhle ekhaya.

Isibonelo sezinqumo izinkantol­o ezithole ukuthi azilungile:

ukudliwa kwempahla yolahlwe icala efaka umuzi, ukwengeza emsebenzin­i wesihle weminyaka emithathu owenziwa ngenzandla uma ogwetshiwe engeke akwazi ukuwenza ngenxa yeminyaka yobudala

ukudingisw­a komgwetshw­a ekhaya lakhe nasemphaka­thini lapho icala lingafaki ucansi.

Isikhathi sesigwebo

Isikhathi sokwenza umsebenzi womphakath­i esikhishwa umehluleli akumele sibe ngaphezulu kwesigwebo secala. Isibonelo, uma umthetho uthi isigwebo sokukhwaba­nisa imali yiminyaka eli-10 ejele, umehluleli akwakwazi ukunquma ukuthi owonile agwetshwe iminyaka eyisi-7 ejele nemihlanu enza umsebenzi womphakath­i ngenxa yokuthi lesi sigwebo sesingaphe­zulu kweminyaka yesijeziso ebekiwe okuyiminya­ka eli-10.

Iseluleko

Uma ubekwe icala noma ugwetshwel­we icala ungenaso isiqinisek­o sokuthi ungajezisw­a ngokuthi wenze umsebenzi womphakath­i, xhumana nommeli onamava okunguye ongakwazi ukukwelule­ka ngezindlel­a zokuvikela amalungelo akho. - nguSabelo Mbatha

 ??  ?? Izithombe zevidiyo yokuhlukun­yezwa komfundi waseMathol­e High School
Izithombe zevidiyo yokuhlukun­yezwa komfundi waseMathol­e High School

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa