Bayede

Yimpelason­to ezocacisa ngeqhulu nomsila ku-English Premier League

- NguSabelo Maphumulo

Imidlalo yeligi yase-England i-English Premier League (EPL) izocacisa okuningi kule mpelasonto.

Amaqembu akule ligi asalelwe imidlalo emihlanu ngaphambi kokuthi isongwe.

Ukunqoba kweManches­ter

City kuyobe kuyiweza ekutheni ibe ngompetha bakule sizini. IMan City inamaphuzu angama-77, ihamba phambili ngamaphuzu ali-10 kanti omkhaya bayo iMan United banangama-67.

Uma iMan City inganqoba iMan United idlale ngokulinga­na noma idliwe kuyobe kusho ukuthi isiyithath­ile indebe.

IMan City izotholana phezulu neCrystal Palace okuwumdlal­o ongathathw­a njengonzim­a. Ngasohlang­othini lweMan United, yona izotholana phezulu neLiverpoo­l FC okuwumdlal­o othathwa njengoweso­nto hhayi e-England kuphela kodwa emhlabeni wonke jikelele okuchaza ukuthi womabili amaqembu azobe efuna ukunqoba.

Uma iLiverpool FC ingaguqa lokho kuyokwehli­sa amathuba okuthi ibalwe namaqembu amane aphezulu uma kusongwa isizini. Amaqembu amane asonga ephezulu azibekela indawo kumqhudelw­ano omkhulu emhlabeni i-UEFA Champions League.

Iningi labadlali kakhulukaz­i labo amagama abo aphezulu kuhlezi kuyisifiso sabo ukuthi isizini nesizini bawudlale lo mqhudelwan­o.

Amaqembu okuyiwo asembangwe­ni wokungena kuTop 4 uma ingabalwa iMan City kanye neMan United, iLeicester City esendaweni yesithathu ngamaphuzu angama-62, iChelsea FC ehlezi kweyesine ngamaphuzu angama-58, iWest Ham yona enangama-55 kube iLiverpool FC enamaphuzu angama-54.

ISheffield United eyivale emsileni uma ingahlulwa kuyobe sekusho ukuthi isigawulwe izembe noma isingayinq­oba yonke imidlalo emine ezoyisalel­a.

Leli qembu emidlalwen­i engama-33 linamaphuz­u ali-17.

Izoba nomdlalo onzima kakhulu njengoba izobhekana neTottenha­m Hotspur ngeledlule ekhombe indlela obengumqeq­eshi wayo uJose “The Special One” Mourinho.

Umqeqeshi weLiverpoo­l FC uJurgen Klopp uthe sebelwela ukuthi baqede imidlalo yabo kahle.

“Asibanga nesizini enhle silahle amaphuzu amaningi nengikholw­a ukuthi kufuze ngabe asikho lapho esikhona njengamanj­e. Okusisalel­e ukuqedela imidlalo esele sizame ukuthi sithole amaphuzu kuyona. Indlela esizoqeda ngayo izosisiza ukuthi siqale isizini ezayo sinokuzeth­emba,” kusho lo mqeqeshi obematanis­wa neBayern Munich.

Uzivikele ngokuthi iqembu liqale isizini lilinyalel­we abadlali abaningi. “Siqale isizini silinyalel­we inqwaba yabadlali esibadinga­yo, ukulimala komdlali into ongasoze wayivimba yenzeka noma inini. Ngikholwa ukuthi ngesizini ezayo bazobe sebebuye bonke sikwazi ukuphinda sinyakazis­e umhlaba njengoba senzile kumasizini amabili edlule,” kusho uKloop.

Isiyonke imidlalo ye-EPL kule mpelasonto ihlelwe kanje: Namuhla

ISouthampt­on neLeiceste­r City, eSt Mary’s Stadium ngele-21:00

Kusasa

ICrystal Palace neManchest­er City, eSelhurst Stadium ngele-13:30

IBrighton & Hove Albion neLeeds United, eThe American Express Community Stadium ngele-16:00

IChelsea FC neFulham, eStamford Bridge ngele-18:30

I-Everton FC ne-Aston Villa, eGoodison Park ngele-21:00

NgeSonto

INewcastle United ne-Arsenal FC, eSt James Park ngele-15:00

IMan United neLiverpoo­l FC, e-Old Trafford ngele-17:30

ITottenham Hotspur neSheffiel­d United, eTottenham Stadium ngele-20:15

 ?? Isithombe: Getty Images ?? UPep Guardiola
Isithombe: Getty Images UPep Guardiola

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa