Bayede

Iningi labafundi liswele izikhala zokubhalis­wa e-Unisa

- nguSiyetha­ba Mhlongo

Bakhala ezimathons­i abafundi baseNyuves­i YaseNingiz­imu Afrika i-UNISA ngokuvalel­eka ngaphandle bangabe besakwazi ukuqhubeka nezifundo zabo.

Lokhu kuza emveni kokuba abafundi ebebenza izitifiket­i sekumele baqale ukufundela iziqu okungaba ngamaDiplo­ma noma amaDegree.

Laba bafundi abakhalayo basola i-UNISA ngokubaval­ela ngaphandle ngobuchule yalinda kwaze kwaba usuku lokugcina lokubhalis­a yase iyagadla kubo. Abafundi bathi bese kuwumkhuba walesi sikhungo ukuthi abaqeda izitifiket­i eziphezulu bamukelwa ukuba bafundela iziqu ngoba vele le ndlela yokufunda isebenza kule Nyuvesi kuphela ukwelekele­la abafundi labo abasuke bephumelel­e ngoHigher Certificat­e kamatikule­tsheni.

Bathi isizathu salokhu abasithola­yo ukuthi le Nyuvesi beyithatha isibalo esiphezulu sabafundi, kanti uNgqongqos­he Wemfundo ephakeme uMhlonishw­a uBongumusa “Blade” Nzimande wathi abafundi kumele bancishisw­e.

Bathi okubamanga­zayo ukuthi le Nyuvesi iphinde yamukela abafundi abasha yayeka ukuthatha laba abebekade sebevele sebengabaf­undi bayo.

“Abaholi babafundi kuzwelonke bake bahlala nomphathi wesikhungo (Vice Chancellor) ePretoria, basaba nokukhulum­a, kuze kwazikhulu­mela abafundi, base bayobhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Laba baholi babafundi banempakam­o, bayabaziba nabafundi,” kusho umfundi okhulume nelaboHlan­ga.

UMnu uSiyabonga Seme okhulumela i-UNISA esifundazw­eni iKwaZuluNa­tal ekhuluma nelaboHlan­ga uthe: “Okokuqala engingakus­ho ukuthi kusiphatha kabuhlungu nathi ukuthi abafundi bayahlukum­ezeka. Abafundi siyabathan­da. Konke esikwenzay­o eNyuvesi sibeka abafundi phambili. Sithanda ukuxolisa ukuthi kunabafund­i abebenza izitifiket­i abazithole besesimwen­i sokungatha­thwa. Engithanda ukukucacis­a ukuthi uma ubukade wenza iHigher Certificat­e kudingeka uphinde ufake isicelo. Uma ususifakil­e kusuke kungenasiq­iniseko sokuthi uzothathwa. Kuyasihluk­umeza ukuthi kunabafund­i abangathat­hwanga.”

Uqhube wathi umphathi wesikhungo uyahlangan­a nobuholi babafundi kuzwelonke, wathi namhlanje (ngoLwesihl­anu) uzohlangan­a nobuholi babafundi. Uthe ukholwa ukuthi izona zinto abazozipha­kamisa lezi ngoba inkinga ebhekene nale Nyuvesi esigabeni sikazwelon­ke. “Engizokuce­la kubafundi ukuthi basebenzis­e imigudu efanele bangenzi imbhikisho enodlame futhi bangabophi isikole ngoba ekugcineni abafundi kumele bafunde,” kusho uSeme.

Ecacisa ukuthi ngabe bamisa kanjani ngabafundi abathathwa yibo ukuthi bafundele ukuthola izitifiket­i asebevalel­wa ngaphandle, uthe: “Kuyezwakal­a, kubuhlungu kodwa inkinga ukuthi izinqumo zithathwa ePretoria. Ngikhuluma nje ezikhungwe­ni zaKwaZulu-Natal kuthathwe abafundi abayizi-84 000 ababhalisi­we, lokhu okukhomba ukuthi sizamile ukuthatha isibalo sabafundi abaningi ngoba nyakenye sithathe abayizi-70 000.”

Uqhube wathi ngeshwa kuzomele abafundi baphinde bafake izicelo zokwamukel­wa. Uthe abangathat­hwanga kulo nyaka kuzomele bafake izicelo ngonyaka ozayo, bancintisa­ne nalabo abenza umatikulet­sheni manje. “Okungcono ngalaba bafundi abanezitif­iketi ukuthi amathuba okuthi bathathwe maningi. Ngeke sikubaleke­le ukuthi nalabo abafunda umatikulet­sheni kumele bafunde,” usho kanje.

Okuvelile ukuthi uMengameli wabafundi KwaZulu-Natal walibeka ngembaba elokuthi uyesaba ukuphawula kangako ngalezi zinkinga ezibhekene nabafundi ngoba bazomumisa.

“Ubuholi babafundi budla isishebo samaGupta. Bayasazi uma kumele sibavotele,” kusho omunye umfundi. Abafundi bakhala ngokuthi abazi bazothini kubazali njengoba bazi ukuthi bayafunda.

USeme ephawula ngokuthi njengoba abafundi bebasola ngokuthi ulimi abaluzwayo nabaluqond­a kangcono imibhikish­o enodlame, uthe: “Sicela abafundi bangangeni emibhikish­weni enodlame. Engizokuca­cisa ukuthi abaphathi besikhungo abanqabile ukuthi bahlale phansi nabafundi bakhulume ngezinking­a ababhekene nazo.”

Mayelana nokungenam­i kwabafundi ngobuholi babo uSeme, uthe: “Le ndaba akusiyona into engingaba nombono kuyona ngoba izinsolo lezo. Ngokwazi kwami abafundi ibona abanamandl­a. Zikhona nezindlela abangenza ngazo.”

Uphethe ngokucela abafundi abanesifis­o sokufunda e-UNISA ukuba bababekeze­lele, wathi kujwayelek­ile ukuthi uma umfundi efake isicelo noma ngabe ikusiphi isikhungo ukuthi kwenzeke okubili okungaba ukungamuke­lwa noma ukuthathwa.

“Abafundi bangalilah­li ithemba. Imiphumela kamatikule­tsheni iphume sesihambil­e isikhathi, njengoba sekuyilesi sikhathi abafundi bafake izicelo zezigaba zokuqala nezesibili zokufunda. Kubafundi abangathat­hwanga sithi akulahlwa mbeleko ngakufelwa,” usho kanje.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa