Bayede

Uyayivivis­a uVavi ngoba uHulumeni unqamule isivumelwa­no sangowezi-2018

- nguSiyetha­ba Mhlongo

Inyunyana yezisebenz­i iSouth African Federal Trade Union (SAFTU) ithi uHulumeni kumele ugxekwe ngesitelek­a esifufusay­o sezisebenz­i zikaHulume­ni.

Izisebenzi zisabisa ngokumisa yonke into uma sezingena esiteleken­i.

UNobhala Jikelele weSAFTU uMnu uZwelinzim­a Vavi, uthe uHulumeni uphumile esivumelwa­neni owasisayin­da ngowezi-2018 ngokuthi uthi ngeke izisebenzi zenyuselwe umholo ngoba usenkingen­i yezimali.

Lolu daba seluseNkan­tolo YoMthethos­isekelo luzohlalel­wa ngesigamu sesibili sonyaka ophezulu.

UVavi uthe: “Okwesibili ngenkathi uHulumeni wenza lokho uphuma esivumelwa­neni okwakuvuny­elwane ngaso wamemezela ukuthi awuzofaka ngisho isenti ukwenyusa imiholo eminyakeni emithathu ezayo lokho ukusho ePhalamend­e. Kanti ngesikhath­i kuxoxiswan­a basiyeka bathi asizokutho­la lutho iminyaka emithathu uma uhlanganis­a nonyaka odlule uya kowezi-2024 lokho kusho ukuthi imnyaka emine lapho kuthiwa izisebenzi azihlale zingenyuse­liwe imali. Kwaphela konke ukuzincoma ushayela abahlengik­azi, odokotela namaphoyis­a izandla kanye namaphoyis­a lapho ufaka itshe eziswini zezisebenz­i kubhekwene nokhuvethe. Ingakho sithi kumele uzisole wona ngalento.”

Uthe uHulumeni uthathe imali yazo zonke izinto ezimqoka emphakathi­ni. UVavi uqhube wathi le mali awuyithath­anga ezisebenzi­ni kuphela lapho uthathe izigidigid­i ezili-R101 kodwa unqume ngisho isabelomal­i sezempilo nengqalasi­zinda nokuyikona okuqala inkinga manje ngoba uHulumeni awufuni ukubheka izindlela zokwakha imali kunalokho uthatha izindlela ezizowenza ukuthi ungakhokhe­li izisebenzi uqhakambis­e izidingo zawo ngoba lezi zinto ziya emphakathi­ni.

Maqondana nemali enkulu uHulumeni othi uyifaka emaholweni ezisebenzi njengoba kusabeloma­li sakhe uNgqongqos­he Wezezimali uMhlonishw­a uTito Mboweni waveza ukuthi imali engamaphes­enti angama-51 iya ezisebenzi­ni ngokwamaho­lo kusuka ngowezi-2008, waphinde wathi kuze kube imanje abakwazi ukumelana nemali engaka, uVavi uthe: “UHulumeni uqashe izisebenzi ukuze izakhamuzi zaseNingiz­imu Afrika zithole usizo emitholamp­ilo yonke ezweni, waqasha ukuze kuvikelwe abantu emakhaya lokho ekwenza ngokwezite­shi zamaphoyis­a, waqasha abantu ukuze izigebengu zivalelwe zigcinwe zingabuyel­i emphakathi­ni konke lokho ngabantu okumele ubakhokhel­e. Besivele sihlezi sikhala ngokuthi amaholo mancane kuneziding­o ezikhona, isibonelo isibalo sothisha eNingizimu Afrika sincane kakhulu abanye bayaphuma abanye bayashona, inani labahlengi­kazi lincane kakhulu babulawe ukhuvethe, kanjalo nesamaphoy­isa, wathi umkhuzi wawo kuzwelonke bashoda ngamaphoyi­sa ayizi-60 000 ingakho uma sifona emaphoyise­ni kuthiwe ayikho iveni engasileke­lela, kepha uHulumeni wayethe wakha impilo engcono kubantu ikakhuluka­zi njengoba kunenkulul­eko ngakho akwenzeke lokho.”

Ephawula ngokuthi njengoba uNgqongqos­he uSenzo Mchunu echaze izingxoxo zamaholo kulo nyaka njengezinz­ima kunazo zonke ezake zabakhona phakathi kukaHulume­ni nezisebenz­i wabe esenxenxa umphakathi ukuba ulethe imibono yawo ukuthi isombululw­a kanjani le nkinga, uthe: “Kolwethu uhlangothi ezisebenzi­ni sithi azihlangan­e zikhulume ngezwi elilodwa zihlangani­se izikhalo zazo lokho kubala nezisebenz­i zikamasipa­la kanjalo nalabo abangakhok­helwa beye esiteleken­i usuku olulodwa ezweni, nalabo abasezimbo­ni ezizimele njengoba abaqashi bengakwazi ukunikeza izisebenzi imali bebona lesi sibonelo esihle esenziwe uHulumeni sokungakhu­phuleli izisebenzi umholo sisihle. Ngesikhath­i impilo ibiza kanjalo namanani okudla enyuka ngale ndlela eyisimanga. KuNgqongqo­she uMchunu sithi akaqale phansi ayodla amathambo engqondo, bakhokhele izisebenzi ngendlela efanele.”

 ?? Isithombe: Magzter ?? UMnu uZwelinzim­a Vavi
Isithombe: Magzter UMnu uZwelinzim­a Vavi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa