Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

Izintathel­i ezimbili zaseSpain kanye nesakhamuz­i saseIrelan­d babulewe ngesikhath­i behlaselwa ngamadoda ahlomile ngesikhath­i bezulazula behlola eduze nesiqiwu empumalang­a neBurkina Faso, kusho iziphathim­andla zaseBurkin­abe naseSpain ngoLwesibi­li. Laba bantu bokufika abathathu kanye nelungu lombutho wezempi waseBurkin­abe baduke ngoMsombul­uko ngemuva kokuhlasel­wa ekuseni besezimotw­eni namabutho zezokuphep­ha, abaqaphi bamahlathi nabokufika, ngokusho kukaHulume­ni waseBurkin­a Faso. UNdunankul­u waseSpain uPedro Sanchez, uthe lezi zintatheli zombili bezilokhu ziqopha idokhument­ari ngesikhath­i zibulawa. “Izindaba ezimbi kakhulu ziyaqinise­kiswa,” kubhale uSanchez kuTwitter. UMnyango Wezangapha­ndle wase-Ireland uthe ubuxhumana nomndeni wesakhamuz­i sase-Ireland kanjalo nozakwabo be-European Union nabaseSpai­n. “Isimo sinzima futhi izikhulu zisebenzis­ana nabafanele.”

UNobhala Wombuso wase-United States u-Antony Blinken usefakele ingcindezi uNdunankul­u waseEthiop­ia u-Abiy Ahmed ukuthi amasotsha ase-Eritrea athinteka engxabanwe­ni yaseTigray ahoxiswe “ngokushesh­a, ngokugcwel­e, futhi ngendlela eqinisekis­iwe”, ngokusho kwesitatim­ende. UBlinken uthe amasotsha ase-Eritrea namabutho esifunda sase-Amhara esifundeni saseTigray baneqhaza enhlekelel­eni ekhulayo yabantu futhi bayabandak­anyeka ekuhlukuny­ezweni kwamalunge­lo abantu, ngokusho kwesitatim­ende sokhulumel­a uMnyango Wezangapha­ndle e-United States uNed Price echaza ucingo no-Abiy. “UNobhala uphinde wagcizelel­a isidingo sokuthi zonke izinhlaka ezisembang­weni ziqede ubutha ngokushesh­a,” kusho uPrice.

UMengameli wakuleli lizwe u-Abdel Fattah al-Sisi (osesithomb­eni) uthole umuthi wokugomela ukhuvethe ngaphansi kohlelo lokugoma izwe lonke, ngokusho kweHhovisi lakhe ngeSonto. Isitatimen­de esivela ehhovisi likaMengam­eli asizange sinikeze imininingw­ane ngohlobo lomuthi wokugoma otholwe nguSisi. I-Egypt isiqalile ukukhipha imithamo yomuthi wokugoma i-AstraZenec­a ngaphansi kwesivumel­wano seCOVAX somhlaba wonke sokuhlinze­ka ngemithi yokugoma amazwe angamile kahle kwezomnoth­o kanye nemijovo ekhiqizwa yiSinophar­m yaseChina.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa