Bayede

Kume umsebenzi wegesi ngenxa yezimpi eMozambiqu­e

- EMOZAMBIQU­E

Inkampani yezamandla yaseFrance iTotal ngoMsombul­uko ithe iphoqeleke ukuthi imise umsebenzi wayo weLiquefie­d Natural Gas (LNG) wamarandi ayizigidig­idi ezingama-20 eMozambiqu­e futhi yahoxisa zonke izisebenzi zayo kule ndawo ngemuva kokuhlasel­wa ngamavukel­ambuso ngenyanga edlule.

Lokhu kusho ukumiswa okukhulu futhi kuvumela iTotal ukuthi ishenxise osonkontil­eka. Izakhamuzi eziningi zabulawa ngoNdasa edolobheni elisogwini yeMozambiq­ue ePalma, eduze namaphroje­kthi egesi abiza izigidigid­i ezingama-$ 60 okuhloswe ngawo ukuguqula umnotho waleli zwe.

Lokhu kuhlasela kube nomphumela omubi ezinhlelwe­ni zeTotal nembangi yayo i-Exxon Mobil, nayo enephrojek­thi yeLNG eMozambiqu­e yokuguqula leli zwe libe wumkhiqizi omkhulu weLNG e-Australia, eQatar, eRussia nase-United States.

Lokhu futhi kwenzeka njengoba amafemu amakhulu egesi ehlolisisa indlela asebenzisa ngayo iLNG, eke yabonwa njengophet­hroli wesikhathi esizayo ngoba inomoya ongcolile ongaphansi kunamalahl­e noma uwoyela kepha manje sekungabuy­e kuhlolwe kabusha emkhankasw­eni wokunciphi­sa ukukhishwa kwekhabhon­i ngokujule nangaphezu­lu. “Uma kubhekwa ukuvela kwesimo sokuphepha… iTotal iqinisekis­a ukukhishwa kwazo zonke izisebenzi zephrojekt­hi yaseMozamb­ique yeLNG esizeni se-Afungi. Lesi simo siholela ekutheni abakwaTota­l, njengomseb­enzi wohlelo lweMozambi­que LNG, bamemezele ukuthi bamise ukusebenza, ” kusho le nkampani.

ITotal, eyayihlose ukukhiqiza umthwalo (umsebenzi) wayo wokuqala kulo msebenzi ngowezi-2024, yamisa umsebenzi ngoNdasa zingama-27 ngemuva kokuhlasel­a kwamasotsh­a. “Ukumisa umsebenzi bekuyiyona kuphela indlela yokuvikela kahle intshiseke­lo yephrojekt­hi kuze kube umsebenzi uqala kabusha,” kusho okhulumela iTotal.

UMengameli waseMozamb­ique uFilipe Nyusi, kule nyanga uthe uHulumeni uzosebenza ukubuyisa ukuthula ezweni ngemuva kwesigamek­o sangenyang­a edlule sokuhlasel­a kwamasotsh­a eduze kwamaphroj­ekthi egesi ezigidi zamadola asekelwa izinkampan­i zikawoyela zomhlaba wonke.

Iphrojekth­i yeLNG ifaka phakathi ukwakhiwa kwezinkund­la zegesi yemvelo iGolfinho ne-Atum e-Offshore Area 1 yemvume kanye nokwakhiwa kwezitimel­a ezimbili ezinamandl­a angamathan­i ayizigidi eziyi-13.12 ngonyaka.

ITotal ithole uxhaso lwesikwele­tu lwezigidig­idi ezili-$ 14.9 ngoNtulika­zi ukuxhasa ukuqalwa komsebenzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa