Bayede

Ukhuvethe lugubuzela amaNdiya

-

Into ongoti abekade beyilindel­e isiqalile ukwenzeka. Izwe elinabantu abaningi emhlabeni i-India selibheken­e nesitha ezinhlamvi­ni zamehlo. Lokhu kulandela ukuphuma kwezibalo zokuthi ngosuku nje olulodwa ukhuvethe lutholakal­e kubantu abayizi-9 996. Kubuye kwathiwa umkhuhlane lo kulesi sibalo udle abangama-357.

Sesisonke isibalo sabatholwe benalesi sifo kuleliya lizwe siyizi-286,000, nabangaphe­zu kwezi-8 000 zababhubhi­le kuzwelonke. AmaNdiya abalwa nje nabanye abasengcup­heni yokuhlasel­wa wukhuvethe kwabantu abaningi ngenxa yenhluphek­o kwezinye izingxenye zezwe. Kwenzeka lokhu nje amanye amazwe aseqalile ukuzikhoth­a amanxeba kanti amanye atusa ukuthi isibalo asisagabav­uli nabathi kwenziwa zinhlelo abezethuli­le ezihlangan­isa ukuthi izwe livalwe nabantu baphile ngokuqhele­lana. Elinye lalawo mazwe yiBritain.

Ongoti kuleli lizwe bathi thokola themba njengoba okwabe kuhlonziwe kungenzeki kepha okuvelayo yimiphumel­a emihle yokwehla kwezibalo. Isazi saseImperi­al College London, uNeil Ferguson nowayesekh­aleni lempi yokududula ukhuvethe eBritain nobe yingxenye yethimba elaqhamuka neqhingasu lokulwa nokusabala­la, uthe ukube nje amaNgisi aqhamuka nohlelo esikhathin­i esingemuva kwesonto baqala ngabe ingxenye yabantu kulaba abathelele­ka nabafayo basinda.

Kunaba ngaphezu kwezi-291,000 abathelele­kile nabafile abangaphez­u kwezi-41,000 e-UK. Abangaphez­u kwezigidi eziyisi-7.36 sebeqinise­kisiwe manje ukuthi banegciwan­e iCorona futhi sekufe abangaphez­u kwezi-416,000 ngokwemini­ngo yaseJohns Hopkins University.

INingizimu Afrika yona izibalo ziyakhula nokuthiwa kudalwa phakathi kokunye wukubambez­eleka kokukhiswa kwemiphume­la yokuhlolwa emalebhu. Kukhona nokukhatha­zeka ukuthi ukubuyela kwabafundi ezikoleni kungahle kukhonge okukhulu nokungenza izibalo zenyuke.

Lokhu kwesaba kusekuthen­i kuvulwa izikole nje kuyaphakam­a nobusika amazinga okubanda ayakhuphuk­a. Okunye okunzima yizinga lenhluphek­o nobubha ezweni kanye nezifo okungeziny­e zezinto ezikhonjwa njengezint­o ezilekelel­a ukusabalal­a kokhuvethe.

Kanti eBrazil khona izinto zenziwa ngenye indlela njengoba kuthe lapho izibalo zikhuphuka uHulumeni wabe eselivula izwe.

Akagcinang­a lapho kepha ube esesusa nezibalo ebezivezel­wa umphakathi nokukhalis­e abaningi. Kwenziwe lokhu ngesikhath­i isibalo sezwe sesikhonjw­a ezi672 000 okuyisibal­o esiphezulu ngaphandle kwase-United States of America okubeyisib­alo esiphezulu esedlula abafa e-Italy kuleli sonto, esilingani­selwa kwabayizi-36 000 ngoMgqibel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa