Bayede

Sifundeni nge-ANC nangathi?

-

Leli sonto limqoka emlandweni wethu kanjalo neKhomishi­ni eholwa nguMehlule­li uZondo. KuKhomishi­ni lokhu kumqoka ngoba ukuvela konguMenga­meli kwenza yethembeke futhi ihloniphek­e. Futhi kumqoka ngoba ukungasond­eli kukaMnu uZuma kube nomthelela ongemuhle kuyo kwenza kwamuncu nasezweni.

Njengosopo­litiki osemkantsh­ubovu uRamaphosa ukwazile ukuziphung­ela yena neqembu lakhe. Ukwazile futhi nokudayisa lokho okuyinqubo­mgomo yeqembu lakhe ezindabeni ezithile. Ukuvuma kwakhe ukuthi akhona amaphutha enzakalayo akuyona into entsha nengalinde­lekile. Lokhu kuhle kepha washo okufanayo noNkk uMandela okaMadikiz­ela mhla enza isethulo kuSobaba uTutu. Nabanye basho njalo kuKhomishi­ni Yamaqiniso.

Kithi okumqoka wukuthi lokhu akushoyo ngeqembu lakhe kuthini kithi. Abanye abaholi abaqavile ku-ANC bake basho into ejulile. Owokuqala kwaba nguMandela qobo nowathi uma ngabe uKhongolos­e wenza kubacindez­elwa lokho okwenziwa ngabadeshi ngezikhath­i zobandlulu­lo abayilwise i-ANC. Omunye kwaba nguMnu uMotlanthe owathi kungayipha­phamisa i-ANC ukulahleke­lwa zikhundla noHulumeni ukuze ukwazi ukuzihlela kabusha.

La magama amqoka ngoba namuhla uRamaphosa uvuma lokhu ekade sakwazi ukuthi abanye eqenjini lakhe babolile. Ukuthi izwe linjena nje yimikhuba yabanye eqenjini lakhe. Umbuzo omqoka uthi pho ngalokho sizokwenza­ni? Amagama yena qobo uRamaphosa awasho eFree State ngesikahth­i ethula inkulumo ngosuku lwenkulule­ko acishe abe yimpendulo. Lapha uRamaphosa wathi uma abavoti benganeme ngalabo ababavotel­e ababakhiph­e. Lapha wayesho amakhansel­a angenzi kahle nangamaqol­a. Kuleli sonto usivezele ukuthi izigebengu ngobani nokuthi zikuliphi iqembu. Umbuzo uthi ngabe uma sekuvotwa sizobajezi­sa yini labo noma lelo qembu? Ngabe uRamaphosa uyawamukel­a yini amazwi kaMotlanth­e okuthi iqembu lakhe kuyadinga linikwe uswazi oluncane? Yena uMandela owathi uma uKhongolos­e usugila imikhuba le uRamaphosa ayivumayo kwamukelek­ile yini ukuthi njengoba senza kubadeshi nalapha siyinyomfe?

Impendulo ikubavoti ukuba banqume ukuthi iqembu leli elibusayo seliwumlot­ha noma kukhona okusengenz­iwa ngalo. Okungenani uMengameli walo ushilo ukuthi akulungile konke akekho oyosolwa uma ekuphindap­hinda lokho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa